Ubungaphendula Kanjani?
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda uGenesise 19:15-17, 23-26. Bheka lesi sithombe. Yiziphi izinto ezingekho kuso? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi, bese uqedela isithombe ngokudweba izinto ezingekho.
1. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
2. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
3. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kwenzekani kumkaLoti, futhi kungani lokhu kwenzeka kuye? Ufunde siphi isifundo kulokhu kulandisa?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 6 Yini abazali okufanele basheshe ukuyenza? Jakobe 1:________
IKHASI 7 Umfana oyekwayo uyokwenzani? IzAga 29:________
IKHASI 10 UNkulunkulu uzizwa kanjani nganoma ubani othanda ubudlova? IHubo 11:________
IKHASI 20 Singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunani? 1 Johane 3:________
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Obani Abayingxenye Yozalo LukaJesu?
Cabangela izici ezinikeza umkhondo. Funda imibhalo bese ubhala amagama anembile ezikhaleni ezifakiwe.
4. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
UMKHONDO: Ngiyindodana kaJuda eyiwele eyazalwa uThamari, futhi umchilo obomvu awuzange uboshelwe esandleni sami.
Funda uGenesise 38:24-30.
5. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
UMKHONDO: Umkami wayekade eyisifebe emzini waseJeriko.
Funda uJoshuwa 2:1; Mathewu 1:5.
6. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
UMKHONDO: Umfelokazi ongumMowabi waba umkami.
Funda uRuthe 4:9, 10.
◼ Izimpendulo zisekhasini 29
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. UmkaLoti.
2. Indodakazi yokuqala kaLoti.
3. Indodakazi yesibili kaLoti.
4. UPherezi.—Luka 3:33.
5. USalmoni.—Luka 3:32.
6. UBhowazi.—Luka 3:32.