Ukubuka Okwezwe
◼ Ngo-2007, iqhwa lase-Arctic lancipha “laba lincane kakhulu selokhu kwaqalwa ukuthwebula izithombe ngeziphuphutheki.” Leli qhwa lalingamakhilomitha-skwele angu-4 280 000, okuwukuncipha ngamaphesenti angu-23 kunesilinganiso sangaphambili, esathathwa ngo-2005.—I-NATIONAL SNOW AND ICE DATA CENTER, E-U.S.A.
◼ Njengoba kunezibhamu ezingu-90 kulezo nalezo zakhamuzi eziyikhulu, elase-United States liyizwe elihlome kakhulu emhlabeni. Izwe “lesibili elinezakhamuzi eziningi ezinezibhamu” elaseNdiya, “elinezibhamu ezine kuphela kulezo nalezo zakhamuzi eziyikhulu.”—I-TIME, E-U.S.A.
◼ Usana olwazalwa ngemva kwamasonto angu-21 nezinsuku eziyisithupha, olwalunesisindo esingamagremu angu-283,5 lapho luzalwa, eMiami, eFlorida, e-U.S.A., “kungenzeka luwusana olwazalwa ngaphambi kwesikhathi oluncane kunazo zonke emlandweni olusaphila.” “Izinsana ezizalwa okungenani ngemva kwamasonto angaphansi kwangu-23 futhi ezinesisindo esingamagremu angu-400 akucatshangwa ukuthi zingasinda.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, E-U.S.A.
Amanzi Angenasawoti Avela Olwandle
Bezama ukuqeda ukuntuleka kwamanzi eziqhingini zasoLwandle i-Aegean, ososayensi baseGreece bakhe “isimiso semvelo sokuqala ngqa emhlabeni esizimele futhi esintantayo sokukhipha usawoti emanzini,” kubika i-Athens News Agency. Lesi simiso esisebenza ngezinjini eziphehlwa ngomoya namabhethri asebenza ngelanga, sikhiqiza amanzi aphuzwayo anele izidingo zansuku zonke zabantu abangaba ngu-300. Lesi simiso siyakwazi ukusebenza ngokugcwele naphansi kwezimo zezulu ezimbi kakhulu, singalawulwa futhi siqashwe sikude, kanti singayiswa noma kuphi lapho sidingeka khona.
Ukutholakala Kwamathambo Asendulo
Umbiko wezindaba we-Reuters ovela eCherskiy, eSakha, eRussia, uthi: “Emajukujukwini asenyakatho yeSiberia . . . , ukushintsha kwamazinga okushisa kuncibilikisa iqhwa okwenza ukuba kuvele amathambo ezilwane zasendulo njengezindlovu ezinkulu, obhejane abanoboya namabhubesi.” Njengoba abaqongeleli nezinhlangano zesayensi bezimisele ukukhokha imali eningi ukuze bathole izinsalela ezikahle, abavubukuli, besizwa abantu bendawo, bayaphenya kule ndawo befuna izinsalela eziyigugu. Lo mbiko uthi: “Iqhwa liyancibilika futhi liqhekeka ngokushesha kangangokuba kwezinye izindawo . . . kuvela amathambo enhlabathini.”
Utshwala Obuphucwe Abakhwabanisi Busetshenziselwa Injongo Enhle
Kuze kube seminyakeni embalwa nje edlule, izikhulu zomthetho zaseSweden zazibuchitha utshwala obuphucwe abakhwabanisi. Manje umbiko we-Associated Press ovela eStockholm uthi lobu tshwala “sebusetshenziswa njengophethiloli wezinto zokuthutha ezweni.” Cishe bonke utshwala obungamalitha angu-700 000 obaphucwa abakhwabanisi ngo-2006 bashintshwa benziwa i-biogas, esetshenziswa esikhundleni sikaphethiloli, futhi “ithelwa emabhasini, emalolini nasezitimeleni ezihamba ngayo.” Umbiko uchaza ukuthi lo phethiloli “ungenisa imali enhle ngoba into owenziwa ngayo itholakala mahhala.” Ukahle futhi ngoba ukuwusebenzisa kusiza ekunciphiseni amagesi abamba ukushisa emkhathini eSweden.
“Ubhadane Lwamahloni”
I-Sunday Telegraph yase-Australia ibika ukuthi: “Ama-E-mail, ukuthumela imiyalezo ngomakhalekhukhwini nama-iPod kubangela ubhadane lwamahloni emhlabeni wonke.” Ngokwesazi sokusebenza kwengqondo futhi esingumcwaningi uRobin Abrahams, ukuba kwabantu namahloni manje sekuthinta cishe ingxenye yomphakathi, okuwukwanda okukhulu kwamanani esikhathi esidlule. U-Abrahams uthi: “Ubuchwepheshe busenza sibalekele izimo ezinzima futhi benza abantu baqhelelane. Abantu . . . bathumelelana imiyalezo nge-e-mail noma ngomakhalekhukhwini kunokuba baxoxe.”