Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/08 k. 29
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingakubekezelela Kanjani Ukugula?
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 6/08 k. 29

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ikusasa Libuphatheleni UbuKristu? (February 2007) Okuningi kwalokho enikushoyo kuyiqiniso ngokweZwi likaNkulunkulu, futhi ngivumelana nani. Kodwa kunezinto ezimbili kumagazini wenu engingazijabuleli kahle. Eyokuqala yindlela enikhuluma kabi ngayo ngamasonto obuKristu, kanti eyesibili yindlela okubonakala niziphakamisa ngayo ngaphezu kwabo bonke abanye. Bekuyoba kuhle kakhulu ukube sonke besivumelana futhi sisenkolweni eyodwa, kodwa akunjalo. Alikho isonto noma inkolo engiyibheka njengengcono kunenye.

S. S., United States

I-“Phaphama!” iyaphendula: OFakazi BakaJehova abamelene nabantu bezinye izinkolo, futhi asizibheki njengabangcono kunabanye. Siyaqaphela ukuthi ‘sonke sonile futhi siyasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.’ (Roma 3:23) Sicabanga ngalokho, siyazikhandla futhi sisebenzisa ingcebo yethu, sinikele isikhathi esiningi ukuze sihambele imizi sitshele abanye ngamaqiniso eBhayibheli, kuhlanganise nethemba elimangalisayo eliseBhayibhelini. Kodwa, njengoba nje uJesu nabafundi bakhe babudalula ngesibindi ubuzenzisi namaphutha enkolo, noFakazi BakaJehova benza okufanayo.

Ubungaphendula Kanjani? Esikhathini esidlule ngangingavamile ukufunda le ngxenye nezingane zami ezimbili. Manje ngiyibheka njengethuluzi elinamandla engingalisebenzisela ukugxilisa iqiniso leBhayibheli ezinhliziyweni zezingane zami. Ngaphezu kwalokho, nami ngiyayijabulela njengethuluzi lokuqinisa ukholo lwami.

I. H., Czech Republic

Ngiyabonga kakhulu ngalesi sihloko esithakazelisayo, esinginika izihloko engingenza ngazo isifundo somuntu siqu. Konke kucatshangelwe kahle, ngisho nemininingwane emincane! Singisondeza ngisho nakakhulu kuBaba ohlakaniphile, uJehova.

A. S., Russia

“Jehova, Ngicela Ungivumele Ngikukhonze” (July 2007) Ukholo lwami kuJehova lwaqina lapho ngifunda indaba kaDanielle Hall. Lapho esemncane, wayengesabi ukubatshela bonke esikoleni ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ngiyaqiniseka ukuthi izingane eziningi zoFakazi zizokwenza okufanayo.

A. R., Madagascar

Ngineminyaka engu-9 ubudala. Mina nomama sisanda kufunda indaba kaDanielle. Ingenze ngaqaphela ukuthi nginenhlanhla ngoba abazali bami baseqinisweni futhi akunzima ukuba ngikhonze uJehova. Ngilithandile ngempela iphuzu lokuthi “kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi, uJehova uhlale eseduze nathi.” Ngikuthandile nokuthi lapho uDanielle efika ekhaya evela esikoleni, wayehlala embhedeni akhulume noJehova ngosuku lwakhe, njengokungathi unguyise. Ngifuna ukufunda okuthile kulokhu!

A. D., Italy

“Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngikhishwa Inyumbazana Njalo?” (July 2007) Lesi sihloko sasisihle kakhulu ngoba ngaba nomuzwa wokuthi sibhalelwe mina. Futhi ngayijabulela imibuzo eyabuzwa kuso nezikhala zokubhala izimpendulo. Ngiyabonga. Sangisiza kakhulu.

C. A., Canada

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela