Ukubuka Okwezwe
◼ Eminyakeni eyisithupha edlule, ‘cishe kubulawe abantu abangu-100 000 e-United States.’—I-NEW YORK TIMES, E-U.S.A.
◼ Ingosi ye-Internet isule ubulungu babantu abangu-29 000 asebake baboshelwa ukuxhaphaza ngokobulili abebesebenzisa le ngosi. “Ukwanda kwabantu asebeke bagwetshelwa ukuxhaphaza ngokobulili kule [ngosi] kudinga ukusukunyelwa,” kusho uMmeli Omkhulu waseConnecticut uRichard Blumenthal.—I-REUTERS NEWS SERVICE, E-U.S.A.
◼ “IChina isenkingeni yokuswela amagama. . . . Ukuhlola okwenziwa ngo-2006 kwabonisa [ukuthi] cishe amaphesenti angu-85 . . . abantu baseChina abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,4 bahlanganyela izibongo eziyikhulu.”—I-CHINA DAILY, ECHINA.
◼ Ikhilomitha ngalinye lapho besemgwaqweni, “abantu abahamba ngezithuthuthu banamathuba angu-32 okufa” ezingozini zomgwaqo kunalabo abahamba ngezimoto.—I-UC BERKELEY WELLNESS LETTER, E-U.S.A.
OFakazi BakaJehova Sebebhaliswe Ngokusemthethweni ETurkey
Ngo-July 31, 2007, oFakazi BakaJehova bathola isaziso esingokomthetho sokuthi sebebhaliswe njengenkolo esemthethweni. Lokhu kubenza bakwazi ukuthenga izindawo, baqashe izindawo zemihlangano, bamukele iminikelo futhi balwele amalungelo abo angokomthetho ezinkantolo uma kudingekile.
I-Internet “Inciphisa Ukuzithiba”
Embikweni owakhishwa abezindaba, ingosi ye-Internet yaseJalimane eklanyelwe ukusiza abantu abafuna ukuthola umuntu abangaphinga naye yabika ukuthi inamalungu angu-310 000 futhi babhalisa abangu-1 000 usuku ngalunye. Le ngosi yazigqaja ngokuthi itholela abantu abashadile omakhwapheni futhi “kuba yimfihlo ngokuphelele.” Omunye wabaqondisi wathi: “Ukuzifihla kwabantu kuyi-Internet kunciphisa ukuzithiba” futhi kukwenze kube lula “ukuqala ubuhlobo obukhululekile futhi obungenamingcele.” Omunye umqondisi waveza umuzwa wokuqiniseka ngokuthi i-Internet izokwandisa nakakhulu ukuphinga.
Izinsalela Ezingaqondakali
Ososayensi bavame ukuthi “izigaba” zokugcina “zokuziphendukela komuntu” zaziwukuthuthuka kusuka esimweni sokuba i-Homo habilis kuya ekubeni i-Homo erectus ekugcineni kwaba “umuntu wesimanje,” obizwa ngokuthi i-Homo sapiens. Kodwa izinsalela ezimbili ezatholakala cishe ndawonye eKenya ziye zachazwa njengezibonisa ukuthi lezi zinhlobo ezimbili i-Homo habilis ne-Homo erectus, okucatshangwa ukuthi okhokho babantu, zaziphila ngenkathi efanayo. Omunye wabalobi balo mbiko uMeave Leakey, uthi: “Ukuba khona kwazo ngesikhathi esisodwa kwenza kube okungenakwenzeka ukuthi i-Homo erectus yavela kuyi-Homo habilis.”
Ingabe Isimo Sezulu Siba Sibi Ngezimpelasonto?
AmaJalimane amaningi akholelwa ukuthi isimo sezulu siba sibi ngezimpelasonto kunaphakathi nesonto. Ukuhlaziywa kwesimo sezulu ezindaweni ezihlukahlukene zaseJalimane okwathatha iminyaka engu-15 kungase kuveze ukuthi lokho abakukholelwayo kuyiqiniso, kubika i-Spiegel. Usuku olufudumele kunazo zonke uLwesithathu, futhi oluphole kakhulu, uMgqibelo. Kuba nemvula engamaphesenti angu-15 ngaphezulu ngeMigqibelo, kanti iba amaphesenti ayishumi ngaphezulu ngeMisombuluko, eyizinsuku ezome kakhulu. NgoLwezibili ilanga liphuza ukushona ngemizuzu engu-15 kunangeMigqibelo. Abacwaningi bacabangela ukuba amagesi akhiqizwa umuntu phakathi nesonto ayanqwabelana kuze kube yimpelasonto, avimbe ukukhanya kwelanga futhi abangele ukwakheka kwamafu ngokukhipha izinhlayiya ezenza umhwamuko ube ngamanzi.