Ubungaphendula Kanjani?
YISHO AMAGAMA ALEZI ZIDALWA ZOMOYA
Phendula le mibuzo, bese udweba umugqa ohlanganisa uhlobo ngalunye lwengelosi nesithombe esifanele.
Ingelosi enkulu
Ingelosi enkulu yaziwa ngaliphi igama?
Amakherubi
Amakherubi ayeqapheni e-Edene?
Amaserafi
U-Isaya wawezwa ethini amaserafi?
Izingelosi
Okungenani, zingaki izingelosi?
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
4. ․․․․․
◼ Eningaxoxa Ngakho: Ukwazi ngomkhaya kaJehova wasezulwini kungakusiza kanjani ukuba ube nesibindi ngokwengeziwe?—2 AmaKhosi 6:15-17.
KWENZEKA NINI?
Dweba umugqa ohlanganisa isenzakalo ngasinye nonyaka esenzeka ngawo.
1761 B.C.E. Cishe ngo-538 B.C.E. 33 C.E.
1728 B.C.E. Cishe ngo-455 B.C.E. 44 C.E.
NGINGUBANI?
8. Angizange ngizinake izixwayiso zengelosi nokukhonona kwembongolo.
NGINGUBANI?
9. Ngaletha isigijimi kuDaniyeli, kuZakariya nakunina ka-Imanuweli.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
Ikhasi 4 Ukubuka ithelevishini kufana kanjani nokudla uju? (IzAga 25:____)
Ikhasi 7 Kungani kufanele siqaphe maqondana nalokho esikubuka kuyithelevishini? (IzAga 13:____)
Ikhasi 11 Kwenzekani ngemicabango yomuntu lapho eshona? (IHubo 146:____)
Ikhasi 21 UJehova uyibheka kanjani intsha enokuphazamiseka kwemikhuba yokudla? (IHubo 22:____)
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
(Izimpendulo zisekhasini 27)
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1.UMikayeli.
2.Indlela eya emthini wokuphila.—Genesise 3:24.
3.“Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova.”—Isaya 6:3.
4.Izigidi eziyikhulu.—Daniyeli 7:10.
5.Cishe ngo-538 B.C.E.
6.1761 B.C.E.
7.44 C.E.
8.UBhalami.
9.UGabriyeli.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Middle circle: ©Alan Copson/Agency Jon Arnold Images/age fotostock