Ukusiza Osemusha Onezinkinga
USIBIA, intombazane yaseMexico eneminyaka engu-13 esafunda isikole, waqaphela ukuthi ingane ethile abafunda nayo yayivame ukufika esikoleni ikhala. Wazama ukuyiduduza. Ngolunye usuku le ngane yatshela uSibia ukuthi uyise unenkinga yotshwala futhi ushaya unina.
USibia uyalandisa: “Yangitshela ukuthi yayingasafuni ukuphila, nokuthi yake yazama nokuzibulala. Yathi akukho muntu oyithandayo futhi yayizizwa inesizungu. Ngayichazela ukuthi kukhona uMuntu oyithanda kakhulu, obaluleke kunabo bonke ezulwini nasemhlabeni. Ngabe sengiyichazela ngenjongo kaJehova ngesintu.”
Kamuva uSibia wanika le ntombazane afunda nayo incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo futhi baqala ukuyifunda ndawonye nsuku zonke ngesikhathi sekhefu. Kancane kancane le ntombazane yashintsha, yayeka ukuzihlukanisa futhi yaqala ukuxoxa nokuhleka nezinye izingane. Encwadini eyayibhalela uSibia, yathi: “Ngiyabonga kakhulu ngobungane bakho nangokuqonda. Unjengodadewethu ebengilokhu ngifuna ukuba naye. Manje ngiyazi ukuthi kunothile ongikhathalelayo—uJehova.”
Mhlawumbe kunosemusha omaziyo ongazuza encwadini ethi Intsha Iyabuza. Izahluko zayo ezingu-39 zihlanganisa lezi ezilandelayo: “Ngingazenzela Kanjani Abangane Beqiniso?,” “Kuthiwani Ngobulili Ngaphambi Komshado?” nesithi “Ngazi Kanjani Uma Kuwuthando Lwangempela?” Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.