Ukubuka Okwezwe
◼ “Ukuhlobana phakathi kobudlova obuvezwa yimithombo yezindaba nobudlova [bentsha] kukhulu kangangokuba kufana nokuhlobana okukhona phakathi kokubhema nomdlavuza wamaphaphu.”—I-MEDICAL JOURNAL OF AUSTRALIA.
◼ Kuye kwatholakala ubufakazi obukhomba ukuthi amalulwane okuthiwa ama-fruit bat, adliwayo ezingxenyeni ezithile zase-Afrika, “kungenzeka abangela isifo se-Ebola.”—I-MACLEANS, ECANADA.
◼ Imininingwane evela ehhovisi lommeli omkhulu eMexico yembula ukuthi kule minyaka engu-8 edlule, cishe izingane ezingu-130 000 kulelo zwe ziye zathunjwa ukuze zidayiswe njengezisebenzi zobulili noma zifukuziswe, noma ukuze zicwiywe izitho zomzimba zidayiswe.—I-MILENIO, EMEXICO.
Iminyaka Eyishumi Nambili Ejele—Ngani?
OFakazi BakaJehova abathathu sebedonse iminyaka engu-12 ejele eliseSawa, e-Eritrea, eMpumalanga Afrika. Alikho icala ababekwe lona futhi baliquliswa. Abavunyelwe ukuvakashelwa, ngisho nangamalungu emikhaya yabo. Siyini isizathu? Ukwenqaba kwabo ukungenela inkonzo yempi. Umthetho wase-Eritrea awukuvumeli ukwenqaba ngenxa kanembeza. Lapho izinsizwa ziboshwa, zivalelwa ekamu lamasosha, lapho ngokuvamile zishaywa khona futhi zihlukunyezwe ngezindlela ezihlukahlukene.
Ingabe I-Internet Iwusongo Ezilwaneni Zasendle?
“Ingabe i-Internet isheshisa ukuqothulwa kwezindlovu zase-Afrika?” kubuza i-New York Times. Abanye abameleli benhlalakahle yezilwane bakholelwa ukuthi iyakusheshisa nokuthi nezinye izinhlobo zezilwane zisengozini. Kubikwa ukuthi ukuhwebelana nge-Internet okungekho emthethweni kuye kwakhula njengoba nayo ikhula. Ukuhlola kuyi-Internet izingosi zesiNgisi phakathi nezinyanga ezintathu kwathola ukuthi “kunezinto zezilwane zasendle ezidayiswa ngokungemthetho noma okungenzeka azikho emthethweni ezingaphezu kuka-6 000,” ezihlanganisa amagobolondo ezimfudu, izinto eziqoshwe ngamathambo ezindlovu kanye nezingwe eziphilayo.
Isimiso Sokushisisa Esingayilimazi Imvelo
“Isimiso sokushisisa esenziwa ngezinhlamvu zomnqumo sesifikile,” kubika iphephandaba laseSpain i-País. Lo mthombo wamandla uletha ukushisa namanzi ashisayo cishe emakhaya angu-300 eMadrid. Njengoba kubaswa ngazo umlilo, izinhlamvu zomnqumo zishibhile, zingaphansi ngamaphesenti angu-60 entengweni kawoyela namaphesenti angu-20 kweyamalahle. Aziyingcolisi imvelo, njengoba zikhipha izinga lesikhutha elilingana nalelo ezilikhipha lapho zibola. Enye inzuzo ukuthi zitholakala kalula. Izinhlamvu zomnqumo ziyizinsalela ezitholakala ngemva kokukhipha amafutha emnqumweni, futhi iSpain ibhekwa njengezwe elihamba phambili emhlabeni wonke ekukhiqizeni amafutha omnqumo.
Ama-noodle Aseneminyaka Eyizinkulungwane Ezine
Ososayensi bathi baye bathola lokho abakubiza ngokuthi “ama-noodle amadala kunawo wonke aziwayo emhlabeni,” kubika i-New York Times. La ma-noodle mancane, aphuzi, angamasentimitha angu-50 ubude, futhi enziwa ngamabele aseChina. Atholakala esitsheni sobumba esivaliwe ngaphansi kogqinsi lwenzika engamamitha amathathu eduze noMfula iHuang enyakatho-ntshonalanga yeChina. Ngokwephephabhuku i-Nature, le ndawo kungenzeka yagaselwa ukuzamazama komhlaba “nezikhukhula ezinkulu” eminyakeni engaba ngu-4 000 edlule. Uma kuziwa empikiswaneni yokuthi i-pasta yavela e-Italy, eMpumalanga Ephakathi, noma emazweni aseMpumalanga, i-Times ithi omunye wabantu abathola lesi sitsha sobumba, uHouyuan Lu we-Chinese Academy of Sciences, uthi: “Lolu cwaningo luye lwaqinisekisa ukuthi i-pasta yaqala ukwenziwa eChina.”