Uhlu Lokuphakathi
July 2006
Indlela Yokwakha—Umshado Ojabulisayo
Namuhla imishado izanyazanyiswa yizinto eziningi. Bona indlela ongaqinisa ngayo umshado wakho ngokusebenzisa izimiso ezisebenza ngempela futhi eziletha injabulo ehlala njalo kubo bonke emkhayeni.
3 Ingabe Umshado Ungalubekezelela Uvivinyo?
6 Indlela Yokwakha Umshado Ojabulisayo
10 Isigijimi Kumelwe Sisakazwe
16 Kungani Ulwandle Lunosawoti?
22 Ingabe Usana Kufanele Lubhucungwe?
30 Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
32 Ingaba Khona Yini Injabulo Yomkhaya?
Ukusuka Ekuphelelweni Ithemba Kuya Enjabulweni 11
Ihlushwa umuzwa wecala nokucindezeleka, insizwa ethile yayifuna ukuzibulala. Funda ngendlela iZwi likaNkulunkulu elayisiza ngayo ukuba ithole ukuthula kwangempela kwangaphakathi.
“Ungqondongqondo Oselitshelwe” WaseBrithani 26
Le ndoda eyaphila ngesikhathi sika-Isaac Newton yayingomunye wabasunguli bezinto abavelele eBrithani. Kodwa yacishe yalibaleka ngokuphelele emlandweni. Thola ukuthi kungani.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Images courtesy of the Posner Memorial Collection, Carnegie Mellon University Libraries