Ukuthola Injabulo Esiphweni Somshado
“Lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”—MATHEWU 19:6.
1. Imaphi amazwi ajwayelekile kaJesu aziwa kahle kweLobukholwa, kodwa imiphi imibuzo ekhona ngokuphathelene nawo?
INGABE lawomazwi ajwayelekile kuwe? Akungabazeki ukuthi ajwayelekile ezigidini zabantu kweLobukholwa, labo abenza ingxenye enkulu yabantu abakhona emhlabeni, ngoba angamazwi eNkosi uJesu eyawakhuluma kubaFarisi benkolo bosuku lwayo. Nakuba lamazwi kungenzeka ukuthi ajwayelekile, kuthiwani ngalokho okushiwo inkulumo kaJesu? Ingabe okuqondwe iseluleko esinjalo isintu sisonke siyakulandela? Ake sibone.
2-4. (a) Siyini isimo namuhla emazweni amaningi ngokuqondene nokulalela amazwi kaJesu akuMathewu 19:6? (b) Imuphi umbono oboniswa yilabo abangasinaki iseluleko seBhayibheli ngokuqondene nokuhlala njalo komshado?
2 Emazweni amaningi namuhla, abantu abanakho ukukhathalela ngelungiselelo lomshado nokuqhubeka nalokho uNkulunkulu akuhlanganisile. Idivosi isiye yafinyelela izinga okungathiwa isibhadalala ezweni ngalinye. Emazweni lapho idivosi ingavunyelwe khona ngokomthetho nguhulumeni, abukho neze ubungcono, ngoba emazweni anjalo abantu ngokuvamile bashiya abangane babo bomshado futhi bakhethe ukuzihlalela nabanye. Ngakho-ke umyalo kaJesu owusizo kuMathewu 19:6 izigidi zabantu ezikweLobukholwa nakwenye indawo aziwunaki. Ingabe lokhu kungenxa yokuthi umyalo owanikezwa uJesu mubi, noma kuwukuthi abalaleli lapho uJesu ekhuluma, noma abazikhathazi ngomyalo kaJesu ngokuqondene nalokhu?
3 Ubufakazi buwukuthi ingxenye enkulu yabantu ayiwubheki umshado njengesivumelwano sakho konke ukuphila kwabo uma ushayisana nezindlela zabo zokuphila nezifiso. Kubantu abanjalo, umshado kudingeka ube nje ilungiselelo lesikhashana uma ushayisana nalokho umuntu akuphishekelayo, akuthandayo noma angakuthandiyo. Ngakho-ke cishe kuyofana nokuthi njengoba nje umuntu ekhumula ibhantshi noma isigqoko kalula, abanye bakhumula umngane wabo womshado ngendlela efanayo, bangacabangi nakancane ngeseluleko sikaJesu asinikeza labo abangenela ubuhlobo bomshado.
4 Njengoba umbono wokuthi wonke umuntu uyakwenza uvame kangaka, labo abafisa ukulandela iseluleko esiqondile seBhayibheli bangase bathonyelwe endleleni eyobaphambukisa emfundisweni enhle yeZwi likaNkulunkulu. Kunikezwa iseluleko esihle ngezincwadi nangomlomo, kodwa ukwehluleka ukulandela iseluleko seBhayibheli kungaholela ezinkingeni zomshado. (Qhathanisa neHubo 19:7-11.) Uma sithatha umbono wokuthi noma yini emshadweni eshayisana nendlela yethu yokuphila, injabulo yethu, izifiso zethu, ingashintshwa ngokungazilaleli iziqondiso zikaNkulunkulu ngomshado, khona-ke sisengozini. Ukuba nombono onjalo kusenza sibhekane nenye yezinkinga ezinkulu zesintu, leyo yobugovu. Ngoba ubugovu bomuntu ngamunye obuyimbangela yezinkinga zomshado zesintu. Kungani sisho lokho?
Indima Yesono
5. Umphostoli uPawulu kwabaseRoma 7:15-20 uyibeka kanjani inkinga esinayo ngenxa yokuzalelwa esonweni?
5 Amadoda nabesifazane, inzalo ka-Adamu noEva, bazalelwa esonweni nasekungaphelelini. Lokhu kusho ukuthi ngenxa yesono esizuzwe ngefa umuntu uyasilela futhi uyisephula-mthetho ngezinga elithile. (1 Johane 3:4) Umphostoli uPawulu wakhuluma ngobunzima obukhulu isono esibubeka phezu kwesintu, ngoba wazithola yena ngokwakhe enza lokho ayengathandi ukukwenza futhi engakwenzi lokho okwakumelwe akwenze. (Roma 7:15-20) Noma ubani ophula ngamabomu umthetho kaNkulunkulu uyigovu. Kwabanye abantu kungase kube ubugovu obusezingeni elincane, kodwa kwabanye kuba indlela ephelele yokuphila, futhi ubugovu babo buyakhula.
6, 7. Iziphi izinkinga ezimbili ezidalwa ubugovu emshadweni, zisiholela kumuphi umbuzo onengqondo?
6 Elungiselelweni lomshado elamiswa uNkulunkulu, ubugovu ngokuvamile obuyimbangela yokungezwani phakathi kwabangane bomshado. Umfazi ofuna ukuhlinzekwa ngakho konke, njengoba kungenzeka woniwa unina noma uyise, eqinisweni uyigovu. Indoda ethanda ukuqhubeka nendlela yokuphila yobunsizwa, leyo yokuba “nabafana” njalo ngemva komshado, eqinisweni iyigovu. Cabanga ngazo zonke izindlela indoda nomfazi ababa nokungezwani ngazo, futhi uyobona ukuthi ubugovu buyimbangela yezinkinga eziningi.
7 Ekuzameni ukubhekana nezinkinga eziphakama emshadweni, umuntu ukunqoba kanjani lokuthambekela okusegazini kobugovu? Kunezinto eziningi ezingenziwa futhi uma zisetshenziswa, ezingawusiza umshado oqalayo. Kodwa umngane ngamunye elungiselelweni lomshado kumelwe azimisele ukwenza ingxenye yakhe. Akuwona umzamo wohlangothi olulodwa. Ake sihlole ezinye izici ezihilelekile.
Ukungabi Nabugovu Emshadweni
8. Kukanjani umshado uyinto ehlanganyelwayo?
8 Umshado uyahlanganyelwa, okusho ukuthi akekho kubangane bomshado ongathatha omunye kalula futhi abe nomuzwa wokuthi uma nje omunye wabangane epha omunye ethatha konke kuyohamba kahle. Lokho akunakuba isibusiso kubo. Ngokwesibonelo, izihlobo zanhlangothi zombili kumelwe zicatshangelwe. Lokhu akumelwe kuvunyelwe kuphenduke isilonda elungiselelweni lomshado ngendlela yokuthi abazali bomunye noma izihlobo zicatshangelwe kuthi ezomunye umngane zingacatshangelwa. Lapho umkhaya uyojabulela khona isikhathi sawo sokuphumula noma ezinye izikhathi zokuzijabulisa akumelwe ngaso sonke isikhathi kube izinqumo ezivela ohlangothini olulodwa. Ukucabangelana okuboniswa ezindabeni ezinjalo kuyosiza ekwenzeni umshado uphumelele. Ningathathani kalula kepha bonisani ukungabi nabugovu.—Filipi 2:4.
Isici Sokukhula Ngeminyaka
9. Kuholela kumuphi umphumela omubi ukuba nombono wokuthatha kalula umshado?
9 Ngenxa yombono owandile kwabaningi balesizukulwane wokuthi uma umshado ungaphumeleli ungaqedwa ngedivosi, intsha eningi ingenela umshado inalowombono wokulithatha kalula ilungiselelo lomshado. Lokhu kungase kuholele ekwehlukaneni kwemishado eminingi yentsha futhi kuyakwenza. Futhi kuholela ekulethweni kwabantwana abangafunwa abaningi emhlabeni. Labantwana ngokuvamile bakhula bengazi neze ukuthi kusho ukuthini ukuba nomama nobaba ababathanda ngokujulile nababanakekelayo.
10. AbaseGalathiya 5:22, 23 bangaba usizo kanjani kulabo abacabangela umshado?
10 Umuntu kumelwe abe mdala kangakanani ngaphambi kokuba acabangele umshado? Ngeke kube inkambo yokuhlakanipha ukubeka imithetho kulendaba. Nokho imiBhalo inikeza iseluleko esihle ngalokho okuwukuvuthwa okungokwengqondo nokungokomoya—uhlobo lokuvuthwa oludingwa ilabo abangenela ukuphila komshado. Siza ufunde abaseGalathiya 5:22, 23, lapho uyothola kulotshwe khona izithelo zomoya. Hlolisisa isithelo ngasinye esithintwe lapho. Lezo izimfanelo umuntu adinga ukuzihlakulela ekuphileni. Akukhona emva kokushada lapho umuntu kumelwe aqale khona ukubonisa izimfanelo ezinjalo kodwa kumelwe aqale ngaphambili impela ekuphileni kwakhe kwansuku zonke njengomKristu.
11. Ikuphi ukuzihlola okungenziwa yilabo abacabangela umshado?
11 Ngokwesibonelo, ingabe ungumuntu ojabulayo ekuphileni, okujabulelayo ukuba ngophilayo, osebenzela izithakazelo zoMbuso kaKristu? Ingabe uhlalisana ngokuthula nabanye, ukhuthaza ubuhlobo obunokuthula nabo? Noma ingabe ungumuntu onenkani, osheshe acasuke nosebenzisa inhlamba? Ingabe uyabekezela, uyakwazi ukubekezelela ubuthakathaka bomfowenu noma bukadadewenu, bukamama noma bukababa? Noma ingabe unenhliziyo encane noma uyashesha ukuthukuthela uma abanye bengakwazi ukuvumelana ngokushesha nalokho okufunayo? Ingabe uthola ukuthi ubonisa umusa kwabanye ekusebenzelaneni nabo, usesimweni sokuthobeka futhi ubenzela okuhle? Noma ingabe unobugovu, uyazazisa, untula ukuzithiba, usheshe uxabane nabanye ngenxa yokucasulwa ubala? Ingabe unothando lwangempela ngabanye, uyafuna ukubasiza, wenze imizamo ekhethekile, uzinikele ngokwakho nangempahla yakho ekujabuliseni abanye? Noma ingabe ufuna abanye babonise uthando kuwe, bakuphe njalo izinto zabo?
12. Inayiphi inzuzo indoda noma owesifazane abakuphila kwabo kuye kwalolongwa ngaphambi komshado?
12 Kuyiqiniso ukuthi akekho phakathi kwethu onalezimfanelo ngendlela ephelele. Nokho, indoda noma owesifazane oye walolongwa iminyaka ethile yokuphila, futhi oye waba nethuba lokuhlakulela izimfanelo ezinjalo ezingokomoya, usesimweni esihle sokwenza umshado ube impumelelo—isimo esingcono kakhulu kunaleso somuntu oqala ukuzama lezimfanelo zomoya ngemva kwezifungo zomshado.—Qhathanisa neyesi-2 Petru 1:5-8.
13, 14. (a) Iliphi ithuba isikhathi esanele esilinikezayo ngokuqondene nokuhlakulela izinto ezingokomoya? (b) Yini abazali abangayenza ukuze basize abantwana babo?
13 Kungani ungazihloli ngobuqotho wena ngokwakho, izinto ozithandayo nongazithandi? Awuboni yini ukuthi ukwazisa kwakho ngokuphila kuye kwakhula ngokuhamba kwesikhathi? Ingabe ngesikhathi uneminyaka eyi-13 wawunemibono efanayo naleyo owawunayo uneminyaka eyi-5, noma imibono efanayo eminyakeni engama-20 naleyo owawunayo ngesikhathi uneminyaka eyi-13? Ingabe ukuqonda nokwazisa kwakho ngokuphila kuye kwakhula noma kwancipha phakathi neminyaka njengoba uye wazuza okuhlangenwe nakho okwengeziwe? Ingabe, manje njengomuntu omdala, ubheka izimfanelo ezifanayo kubantu nalezo owawuzibheka usengumntwana? Akulona yini iqiniso ukuthi ngokuvamile umfana “okuwuyena kuphela” ekuphileni kwentombazane ngesikhathi ineminyaka eyi-16 noma eyi-17 ubudala usuke esekhohlakele kudala njengoba ikhulela ebufazini futhi iba nokukhathalela okukhulu ngezimfanelo zendoda zokwesaba uNkulunkulu nobuntu bayo? Umbono wayo isineminyaka engama-22 noma engama-23 ubudala cishe uyogxila kakhulukazi ezimfanelweni ezingokomoya, ezingokwengqondo, nezingokomzwelo zendoda kunezici ezingokomzimba. Kungashiwo okufanayo ngomfana okhulela ebudodeni. Amathemba akhe nezifiso ngokuphathelene nomfazi ziba ngezinengqondo njengoba evuthwa. Eminyakeni yakhe yamuva, njengoba imibono ishintsha, lokho ayokubheka kumngane womshado, umuntu onozwela nonomusa, onekhono lokuba umnakekeli wekhaya omuhle nomama, futhi onesifiso esijulile enhliziyweni yakhe sokuthokozisa uMdali uJehova kuqala, nokwenza intando yakhe.—IzAga 31:10, 26, 27.
14 Iphuzu liwukuthi isikhathi siyawushintsha umbono womuntu ngezinto ezibalulekile. Ngakho-ke, ukugijimela umshado usemncane kunezingozi eziningi. Kungase kungenzeki ukuncenga abantu ababili abancane kakhulu ukuba balinde isikhathi esithile ngaphambi kokungenela umshado. Kodwa abazali, ikakhulukazi lapho abantwana babo besebancane, bangabakhuthaza ukuba bacabange ngokungathi sína ngokuphila, ngokuba ngabalungela umshado ngokomoya, ngokomzwelo, nangokwengqondo ngaphambi kokungenela isivumelwano sakho konke ukuphila nomunye umuntu esiyophumela kokuhle noma kokubi.
15. Njengoba ukushada kwabantu asebebadala kungeyona impendulo ngaso sonke isikhathi ezinkingeni, isiphi iseluleko esinikezwayo ngokuqondene nokulondoloza umbono ofanelekile?
15 Lokhu akusho ukuthi ukushada lapho umuntu esemdala kuyimpendulo okuyiyonayona. Nalapho zingase zibe khona izinkinga, ikakhulukazi uma umbono wobugovu uvunyelwa ukuba ungene futhi udale umhosha phakathi kwabantu ababili. Izidingo ezingokwengqondo, ezingokomzwelo, nezingokomoya zomuntu ngamunye esibophweni somshado kumelwe zicatshangelwe. Amanye amaKristu aye azivumela ukuba ahileleke ngokujulile emsebenzini wokuziphilisa, ashiya ngaphandle imisebenzi yebandla, kuhlanganise nokuba khona emihlanganweni nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi. Kanjalo, azama ukuvala lokho anomuzwa wokuthi kuyantuleka ekuphileni kwawo ngokuzitika ekuzijabuliseni okukhulu. Aba nomuzwa wokuthi uma nje kunokuthile akwenzayo, izinkinga zawo ziyoxazululeka okwamanje, kuyothi-ke oHlelweni Olusha lwezinto akwazi ukunakekela izidingo ezingokomzwelo, ezingokwengqondo, nezingokomoya zomunye nomunye. Kodwa ukuphila akuhambi kanjalo. Iseluleko sikaPawulu sasiwukuthi indoda kumelwe inakekele umkayo njengoba inakekela owayo umzimba. (Efesu 5:28) Lokho kusho ukunakekela izidingo zomngane wayo manje, njengoba nje inakekela izidingo zayo zansuku zonke. Okufanayo kungashiwo ngowesifazane.
Umbono Olinganiselwe Ngokuphila Komshado
16-18. (a) Kungani umbono olinganiselwe ekuphileni nasemshadweni udingekile, futhi iziphi izixwayiso esinikezwa zona ngokuqondene nesikufunayo nezidingo zabanye? (b) Kungani kukuhle ukucabangela izindaba ezinjalo ngaphambi komshado?
16 Umbono olinganiselwe ekuphileni uyosiza ekubeni nombono olinganiselwe emshadweni. Umuntu onokulinganisela uyoqaphela ukuthi ngenxa yokuthambekela kobugovu okwazuzwa ngefa kumelwe ngaso sonke isikhathi alwele ukunqoba ukushiyeka okunjalo. Kulula kakhulu ukungazicabangeli neze izidingo zabanye ukuba zize kuqala kunezinto ozifunayo. Ingane encane ifuna zonke izinto zokudlala futhi ngokuvamile, uma ingaqeqeshwanga kahle abazali bayo, ngeke izihlanganyele lezizinto nabanye. Ubugovu bayo, lapho isikhulile, buyoqhubekela kwezinye izinto. Kungakho nje sithola intsha noma abasha asebekhulile bethanda izinto zenzeke ngendlela yabo kuphela, futhi ekuphishekeleni kwabo ukwanelisa izidingo zabo abanandaba ukuthi abanye bangase balimale noma baphatheke kabi. Kamuva sebekhulile, abantu abanjalo ngaso sonke isikhathi bafisa lokho okuthandwa yibo, abanandaba nakancane ngezidingo zabanye.
17 Umuntu olinganiselayo ngeke azincishe ngokuphelele, kodwa uyophatha ukuphila kwakhe ngendlela yokuthi, nabanye, bacatshangelwe. Uyozibuza ukuthi angenzani ukuze asize abanye, azinikele yena ngokwakhe nangempahla yakhe, ukuze azuzise abanye. Ngeke aphikelele ngaso sonke isikhathi ekuzifuleni okwakhe. Incwadi yezAga ithi: “Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.”—IzAga 11:25.
18 Ukulandela inkambo enjalo ekuphileni komuntu ongashadile kuyoba inzuzo enkulu kamuva ekuphileni kwakhe eseshadile. Umngane wakhe womshado ngaso sonke isikhathi uyocatshangelwa kunoma iziphi izinqumo ezenziwayo. Kunokucabanga ngomshado njengento yokuhlola noma njengelungiselelo lesikhashana, umuntu onjalo uyobheka umshado njengelungiselelo elihlala njalo uJehova uNkulunkulu ayenalo engqondweni ngesikhathi ehlanganisa ndawonye abantu bokuqala ababili e-Edene. (Genesise 2:22-24) Kunoma ikuphi, kuyokwenziwa imizamo yokugcina umshado uhlangene, ukuba kusizwe umngane, njengoba bobabili bekhula ekwaziseni uNkulunkulu nasekwazisaneni.
Ekuphetheni
19-21. (a) Singaqiniseka kanjani ukuthi ngeke sibheke umshado njengelungiselelo nje lokuhlola? (b) Yini okumelwe ikhunjulwe yibo bonke abantu, abasha noma abadala, abafuna injabulo yangempela emshadweni?
19 “Lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.” Yebo, lawomazwi kaJesu ayiseluleko, asho okukhulu kumaKristu eqiniso. Umshado awulona ilungiselelo lokuhlola elingalahlwa uma umuntu ehlangabezana nobunzima. Kumelwe ngaso sonke isikhathi silwe nenyama engaphelele ukuze sihlale ngokuqaphela ukuthambekela komuntu ebugovwini, futhi kanjalo sizuze ukuvunyelwa uNkulunkulu. (Qhathanisa namaRoma 7:21-25.) Ukuze benze isivumelwano somshado siphumelele, bobabili abangane kumelwe bafunde ukupha nokuthatha, ukulungiselela nokulungiselelwa, futhi bangathathani neze kalula.—Efesu 5:21-23, 28, 33.
20 Futhi nakuba kungekho budala obuqondile obungagcizelelwa njengesimiso somthetho ngomuntu ofuna ukushada, ngaphandle kwalokho okumiswe njengobudala obungokomthetho uhulumeni, ngamunye eqinisweni angakhumbula isidingo sokukhula ngokomoya ngokuvumelana neseluleko esikwabaseGalathiya 5:22, 23, ukuze abe umngane womshado ofaneleka kahle. Ngempela isikhathi siyawushintsha umbono womuntu. Ngakho-ke, akekho okumelwe agijimele emshadweni. Okokuqala, ngamunye makahlakulele ubuntu bobuKristu ukuze alilungele kahle ijoka lomshado. Futhi ungakhphlwa ukuthi akekho okumelwe ahlukanise lokho uNkulunkulu akuhlanganise ndawonye.—Mathewu 19:4-6.
21 Ngokuba nombono olinganiselwe ekuphileni bese kuba semshadweni, umuntu angathola injabulo yoqobo nentokozo elungiselelweni uJehova uNkulunkulu alimisela indoda nomfazi, njengoba kwaboniswa ngomshado wokuqala e-Edene. (IzAga 5:18) Kodwa yini ngamunye angayenza ngokwengeziwe ekuphileni ukuze azibonakalise ekulungele ukuthwala umthwalo wemfanelo wendoda noma womfazi? Siza, ufunde okulandelayo ngalendaba ngokuqondene nobuntu bamadoda nabesifazane abangamaKristu.
Ekubukezeni, ungakuphendula kanjani okulandelayo?
◻ Imiphi imibono ngomshado okumelwe igwenywe?
◻ Abangane bangabhekana kanjani nokuthambekela okusegazini ngasesonweni?
◻ Kungani intsha engamaKristu kungamelwe igijimele emshadweni?
◻ Imuphi umbono olinganiselwe otuswayo ekuphileni komshado?
[Isithombe ekhasini 19]
Ukuzihlola okuqotho kungase kwembule amaphutha okumelwe siwalungise