Ikhambi Elinengqondo—Ingabe Lingatholakala?
UBUGEBENGU bubonakala buyisici esiyisimbelambela somphakathi wanamuhla. Naphezu kwemizamo emihle yezisebenzi zezenhlalakahle, izisebenzi zezomthetho, nongoti bokuhlunyeleliswa kwesimilo sezigebengu, izwe liyaqhubeka liba yindawo eyingozi. Ingabe likhona ikhambi?
IBhayibheli libonisa ukuthi kuza ushintsho olukhulu. Lolu shintsho ngeke lulethwe imizamo yohulumeni babantu. Bonke ababusi abangabantu balinganiselwe, kungakhathaliseki ukuthi imigomo yabo mihle kangakanani. Bamane nje abanawo amandla nezinto ezidingekayo zokuqeda izimbangela zobugebengu noma zokumisa isimiso esilondeke phakade.
Ushintsho iBhayibheli elikhuluma ngalo luyolethwa uMdali wethu. NjengoMenzi wendawo yonke, unamandla negunya elingokomthetho lokwenza lokho abantu abahlulekayo ukukwenza. IBhayibheli limchaza ‘njengaLowo owenza izikhulu eziphakeme zingabi yilutho, owenzé bona kanye abahluleli bomhlaba baba okungekhona okungokoqobo, onamandla amakhulu.’ (Isaya 40:23-26) UNkulunkulu uthembisa ziphi izinguquko, futhi kungani zona zisinika ithemba langempela lezwe elingcono?
IHubo 37:10 lisitshela ngesithembiso sikaNkulunkulu: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi [omubi] uyobe engekho.” UNkulunkulu uhlose ukuqeda labo asebebabi ngendlela engenakulungiseka futhi abangazimisele ukushintsha. Nokho, ngeke abhubhise bonke abantu. Kulabo abazimisele ukuba mnene, abathobekile, abanokuthula, umhubi uyathembisa: “Themba uJehova ugcine indlela yakhe, uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba. Lapho ababi benqunywa, uyokubona.” Lapho abantu ababi sebesusiwe, abasele bayojabulela ‘ukuchichima kokuthula’—izwe elingenabo ubugebengu banoma yiluphi uhlobo.—IHubo 37:11, 34.
Kudingeka Ukushintsha Ingqondo Nenhliziyo
Ukuze inkinga yobugebengu ixazululwe phakade, akwanele ukumane kubhujiswe ababi futhi kusindiswe abantu abalungile. Ngokuvamile ubugebengu buwumphumela wezinhliziyo nezingqondo zabantu ezingaqeqeshwanga ngokufanele. Kodwa-ke, yilapho kanye uhulumeni kaNkulunkulu uyohluka khona. Kuyoba nemfundo neziyalezo ezisebenzayo ukuze kuqeqeshwe abantu kangangokuba bayothanda ukulunga. U-Isaya 54:13 uthi: “Bonke abantwana bakho bayoba ngabantu abafundiswé uJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyochichima.”
Imiphumela iyokwanelisa ngempela! IBhayibheli likhuluma ngokomfanekiso ngezinguquko ezizokwenzeka kubantu okungenzeka ukuthi babenezici zobulwane ngaphambili. Lithi: “Impisi iyohlala isikhathi newundlu leduna, ingwe ilale kanye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama elinomhlwenga nesilwane esikhuluphele konke ndawonye.” Kungani kuyoba njalo? “Ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.” (Isaya 11:6, 9) Nokho, asikho isidingo sokuba wena nomkhaya wakho nilindele leso sikhathi esizayo andukuba nenze izinguquko ezinjalo. Kungani sisho kanjalo?
Ungazuza Kwamanje
Kunabantu kwamanje abenza izinguquko ezidingekayo ukuze balungele umhlaba ongeke ube nobugebengu. Kakade sebegqoka ubuntu obusha, uhlobo lobuntu uNkulunkulu abufunayo kubantu abayophila ezweni lakhe elisha. (2 Petru 3:13) Benza lokhu ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo. Phawula le ncazelo ethakazelisayo iBhayibheli eliyinikezayo: “Kufanele nenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu, futhi nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.”—Efesu 4:23, 24.
EyabaseKolose 3:12-14 ichaza ezinye izimfanelo ezinhle abantu abaningi abanhliziyo ziqotho abazihlakulelayo kwamanje. Ithi: “Njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandwayo, gqokani ububele bothando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela. Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”
Ungathanda yini ukuthola usizo ukuze ugqoke ubuntu obusha bobuKristu? Izigidi zabantu emhlabeni wonke sezenza kanjalo ngosizo loFakazi BakaJehova. Emihlanganweni eqhutshwa njalo emaHholo OMbuso, nasemihlanganweni emikhulu, ngisho nabantu ababeyizigebengu ezinobudlova baye bafunda ukugqoka ubuntu obunokuthula.a Uma ungathanda ukuzuza esimisweni esinjalo semfundo enhle yeBhayibheli, unganqikazi ukuthintana nabanyathelisi balo magazini. Bayokujabulela ukukusiza ukuba ube phakathi kwabantu kwamanje abalungiselela ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu elingenabo ubugebengu.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole izibonelo, bheka i-Phaphama ka-May 8, 2001, amakhasi 8-10.
[Izithombe ekhasini 10]
Izigidi zithola imfundo eyozisiza ukuba ziphile ezweni elingenabo ubugebengu