Amanzi—Uketshezi Oluyigugu Ekuphileni
LAPHO ekhuluma nowesifazane ongumSamariya owayekha amanzi emthonjeni, uJesu wakhuluma ngomthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade. (Johane 4:14) Nakuba ayekhuluma ngamanzi angokomfanekiso, ngomqondo ongokoqobo amanzi abalulekile ekuphileni, alandela umoya-mpilo kuphela ngokubaluleka. Umuntu angaphila amasonto ambalwa ngaphandle kokudla kodwa angaphila izinsuku ezingaba yisihlanu kuphela ngaphandle kwamanzi!
Cishe ingxenye yesithathu yesisindo somzimba wethu ingamanzi. Ngokwesibonelo, amaphesenti angu-75 kuya kwangu-85 obuchopho angamanzi, kanti amaphesenti angu-70 emisipha angamanzi. Phakathi kwezinye izinto, asisiza ukuba sikwazi ukugaya nokumunca ukudla, athuthele izakha-mzimba emangqamuzaneni. Akhipha ubuthi nokunye ukungcola, athambisa amalunga nopopopo, alawule nezinga lokushisa komzimba. Kodwa bewazi yini ukuthi ukuphuza amanzi ngokwanele kusiza nasekunciphiseni umzimba?
Phuza Amanzi Ukuze Unciphise Umzimba
Okokuqala, amanzi awanamafutha, futhi ane-sodium encane. Okwesibili, avala iphango. Okwesithathu, amanzi asiza umzimba ukuba ugaye amafutha owagcinile. Kanjani? Phela, uma izinso zingenawo amanzi anele, azikwazi ukusebenza ngendlela efanele. Isibindi sibe sesiyangenela sisize, kodwa ukwenza kanjalo kuthiya ikhono laso lokugaya amafutha ngendlela efanele. Ngakho, umzimba ugcina amafutha, bese uyakhuluphala. Yingakho uDkt. Donald Robertson weSouthwest Bariatric Nutrition Center eScottsdale, e-Arizona, e-U.S.A., ethi “ukuphuza amanzi ngokwanele kuyisihluthulelo sokunciphisa umzimba. Uma abantu abazama ukunciphisa umzimba bengawaphuzi ngokwanele amanzi, umzimba awukwazi ukugaya amafutha ngokwanele.”
Kuyiqiniso ukuthi uma umzimba ugcina amanzi ngokuvamile lokho kubangela ukukhuluphala. Ngakho, abaningi abanemizimba egcina amanzi bacabanga ukuthi ikhambi liwukunciphisa amanzi abawaphuzayo. Nokho, kwenzeka okuphambene nalokho. Lapho umzimba untula amanzi, uzama ukugcina ngisho neconsi lokugcina ezindaweni ezinjengezinyawo, izandla, nemilenze. Ngakho izazi zokudla zitusa ukuba sinike imizimba yethu lokho ekudingayo—amanzi anele. Khumbula futhi ukuthi uma udla usawoti omningi, umzimba wakho uyogcina amanzi amaningi ukuze uhlambulule lowo sawoti.
Yipha Umzimba Wakho Amanzi
Ngokwesilinganiso, nsuku zonke umzimba ukhipha amanzi angaba amalitha amabili ngesikhumba, ngamaphaphu, ngamathumbu nangezinso. Silahlekelwa cishe ingxenye yelitha nsuku zonke ngokuphefumula nje kuphela. Uma la manzi engabuyiselwa emzimbeni, umzimba uzontula amanzi. Ezinye izimpawu zokuntula amanzi emzimbeni ubuhlungu bekhanda, ukukhathala, ukuqaqamba kwemisipha, umchamo onombala oshubile, ukuzwela ukushisa, kanye nomlomo namehlo omile.
Khona-ke, kufanele siphuze amanzi angakanani? UDkt. Howard Flaks, onguchwepheshe wezifo zokukhuluphala, uthi: “Umuntu ophilile udinga okungenani izingilazi ezingu-8 kuya kweziyishumi ezingamamililitha angu-250 ngosuku. Udinga angaphezu kwalokhu uma uvivinya umzimba kakhulu noma uhlala endaweni eshisayo. Kanti abantu abakhuluphele kufanele baphuze enye ingilazi ngalawo nalawo makhilogremu ayishumi angaphezu kwesisindo esifanele.” Nokho, abanye manje bathi kwanele ukuphuza amanzi uma womile, nakuba umzimba usuke usuntula amanzi kakhulu uma usuzizwa wome kakhulu.
Umuntu angaziphuza yini ezinye iziphuzo esikhundleni samanzi? Nakuba elungile amajusi ezithelo nemifino axutshwe namanzi, anama-kilojoule. Kanti neziphuzo ezigcwele ushukela nobisi zandisa isidingo samanzi emzimbeni, ngoba kudingeka amanzi ukuze kugayeke lezo zinto. Utshwala neziphuzo ezine-caffeine njengekhofi netiye zandisa umchamo ngezinga elithile, okwenza kudingeke amanzi engeziwe okuvala isikhala salawo aphumayo. Akukho ngempela okungathatha indawo yalolo ketshezi oluyigugu, amanzi. Ngakho kunganjani uwaphuze njengamanje?
[Ibhokisi ekhasini 13]
Amacebiso Okuphuza Amanzi Athé Xaxa
● Phatha ibhodlela lamanzi.
● Phuza ingilazi eyodwa njalo lapho udla.
● Waphuze ngaphambi kokuvivinya umzimba, lapho uzivivinya nangemva kwalokho.
● Hlaba ikhefu uphuze amanzi esikhundleni sekhofi.
● Ukuze uthuthukise ukunambitheka kwamanzi kampompi, thela amanzi kalamula noma usebenzise isisefo samanzi.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 12]
Photo: www.comstock.com