Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 7/8 k. 14-k. 15 isig. 8
  • Ingabe Ukuluthwa Ingqondo Kuwafanele AmaKristu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuluthwa Ingqondo Kuwafanele AmaKristu?
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulutha Nokulumba—Ingabe Kuhlobene?
  • Ithonya Lako Ekuziphatheni Komuntu
  • Ithemba Lempilo Ephelele
  • Imimoya—Kungani Ukuthandwa Kwayo Kukhula?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ingabe UDeveli Angabalawula Abantu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukuchazwa Kwezenzakalo Zokuphindukuzalwa
    I-Phaphama!—1994
  • Kungani Kumelwe Ngigweme Ukulumba?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 7/8 k. 14-k. 15 isig. 8

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Ukuluthwa Ingqondo Kuwafanele AmaKristu?

“Akufanele kutholakale kuwe noma ubani . . . ophonsa abanye ngeziphonso.”—DUTERONOMI 18:10, 11.

UKULUTHA INGQONDO kuye kwaba impikiswano enkulu.a Ngisho nochwepheshe kulo mkhakha bakuthola kunzima ukukuchaza. Ngokuvamile ukulutha ingqondo kuqondwa njengokumukelwa yingqondo. Nokho, abantu abaningi banesithakazelo kulokho ukulutha okungakwenza, hhayi ekutheni kuyini.

Eminyakeni yamuva nje ochwepheshe bezokwelapha kwamanye amazwe sebevame ukutusa ukuluthwa ingqondo njengendlela yokwelapha. Ngokwesibonelo, umagazini i-Psychology Today uthi: “Ukwelashwa ngokuluthwa kungaqeda ubuhlungu bekhanda, kunciphise imihelo, kukusize uyeke ugwayi, kuthathe indawo yezibulali-zinzwa lapho uhlinzwa futhi kuthuthukise imikhuba yokutadisha—ngaphandle kokuba nemiphumela engemihle.” Ngakolunye uhlangothi, abaningi bahlobanisa ukulutha nokusebenzelana nemimoya kanye nokulumba.

Uyini umbono weBhayibheli? Kuyiqiniso ukuthi iBhayibheli aliyona incwadi yezempilo, futhi alisho lutho ngokuqondile ngendaba yokulutha. Kodwa izimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu zingasisiza ukuba sithole umbono kaNkulunkulu.

Ukulutha Nokulumba—Ingabe Kuhlobene?

Ingabe umbono wokuthi ukulutha kuhlobene nokulumba usukela emcabangweni wothile nje? Kungenzeka ukuthi izindaba eziqanjiwe kumabhayisikobho nasezincwadini ziye zathuthukisa lo mbono, kodwa ukuhlobana kokulutha nokusebenzelana nemimoya kunesisekelo sangempela. Lapho ikhuluma ngokulutha, i-Encyclopedia of Occultism and Parapsychology iyachaza: “Umlando wako uhlobene ngokungenakuhlukaniswa nokulumba.” Ukumuka kwengqondo okusetshenziswa kwezenkolo, obekulokhu kuyingxenye yokuthakatha nomlingo phakathi nawo wonke umlando, ngokuvamile kubhekwa njengohlobo oluthile lokuluthwa ingqondo. Kanti futhi nabapristi baseGibhithe naseGrisi yasendulo babelutha izingqondo zabantu ngandlela-thile lapho bezama ukwelapha izifo egameni lo nkulunkulu babo bamanga.

Incwadi ecashunwe ngenhla ithi: “Ngisho nanamuhla ukulutha okuningi kuchazwa ngokuthi ‘Kungokomoya.’” Nakuba kunzima ukusho ukuthi izinhlobo ezihlukahlukene zokulutha zihlobene kangakanani nokulumba, iqiniso liwukuthi uNkulunkulu uzilahla ngokusobala zonke izinhlobo zokusebenzelana nemimoya. (Duteronomi 18:9-12; IsAmbulo 21:8) Ngakho, amaKristu awanakuziziba izici zokulutha okusobala ukuthi zingqubuzana nemiBhalo.

Ithonya Lako Ekuziphatheni Komuntu

Kuthiwani ngethonya lokuluthwa engqondweni nasekuziphatheni komuntu? Ingabe zikhona izingozi ezihilelekile? Esinye isizathu esinengqondo sokukhathazeka siwukuthi lapho umuntu eluthiwe angase angakwazi ukulawula ukuziphatha kwakhe. Abalutha abantu eshashalazini basebenzisa lesi sici, benze abantu ukuba benze izinto abebengeke bazenze ngokuvamile, ngisho nokuba babonakale bedakiwe.

I-Encyclopedia Americana isho lokhu ngale mibukwane yasobala yokulutha abantu: “Oluthwayo angase amukele ngisho nokusikisela okungaqondile, angase achayeke kalula ezifisweni zakhe ngokuvamile ezicashile, futhi lapho eluthiwe, angase abe nomuzwa wokuthi azikho izithiyo zezenhlalo nezomuntu siqu ezilawula ukuziphatha kwakhe.” I-Collier’s Encyclopedia ithi: “Umuntu oluthiwe ukwazi ukugxilisa ikhono lakhe lengqondo ngendlela engenakuphazanyiswa, okumenza anakisise ukusikisela komuntu omluthayo futhi abambisane naye ekwenzeni lokho okusikiselwayo.”

Ingabe lokhu kuzwakala kungenangozi? Kungaba kuhle yini ngomKristu ukuvumela abanye bathonye ingqondo yakhe ngokusikisela okuyiluthayo? Lokhu bekuyongqubuzana nesiyalo somphostoli uPawulu, esithi: “Ninikele imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga. Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—Roma 12:1, 2.

Ingabe umKristu ‘angaba nonembeza omuhle,’ uma ezivumela ukuba abe sesimweni lapho enganamandla nhlobo okulawula imicabango noma izifiso zakhe ngisho nezenzo? (1 Petru 3:16) IBhayibheli liyayala: “Ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo.” (1 Thesalonika 4:4) Ngokusobala, ukuluthwa ingqondo kungathiya ikhono lomuntu lokulandela iseluleko esinjalo.

Ithemba Lempilo Ephelele

Uma becabangela izimiso zeBhayibheli ezishiwo ngenhla, oFakazi BakaJehova bagwema izinqubo ezihilela ukuluthwa noma ukuzilutha ingqondo. Balalela umyalo okuDuteronomi 18:10, 11: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani . . . ophonsa abanye ngeziphonso.” Kulabo abanezinkinga zempilo, kunezinye izindlela eziningi zokwelapha ezingahileli ukuzichaya ezingozini zokulumba noma ukuvumela ukuba ingqondo yomuntu ilawulwe abanye abantu.

Ngokugwema imikhuba engqubuzana nezimiso zeBhayibheli, amaKristu angaba nethemba lokuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu elinokulunga. Ngaleso sikhathi isintu siyojabulela impilo ephelele emzimbeni nasengqondweni ngaphandle kokusebenzisa ukulutha.—IsAmbulo 21:3, 4.

[Umbhalo waphansi]

a Ukulutha ingqondo kuyisimo esinjengobuthongo ngokuvamile esibangelwa omunye umuntu, esenza oluthwayo akhumbule izinto abesezikhohliwe noma abesezikhiphile engqondweni, abe nemibono, futhi akwamukele kalula ukusikisela kothile.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela