Isasasa Ngezinombolo
AKE ucabange ngezwe elingenazo izinombolo. Imali ibingeke ibe khona. Abantu bebeyohwebelana kuphela lapho bebonana ubuso nobuso. Kuthiwani ngezemidlalo? Ngaphandle kwezinombolo, akukhona nje ukuthi besingeke sikwazi ukubala amaphuzu omdlalo, kodwa besingeke sikwazi nokusho ukuthi bangaki abadlali okufanele babe seqenjini ngalinye!
Nokho, ngaphandle nje kokuthi ziwusizo, izinombolo zinokuthile okungaqondakali ngazo. Lokhu kungenxa yokuthi azizona izinto eziphathekayo. Awukwazi ukubona noma ukuthinta izinombolo. Ngokwesibonelo: I-apula lihlukile ngombala, ingaphakathi, ubukhulu, ukwakheka, iphunga nokunambitheka kwalo. Ungahlola ngasinye salezi zici ukuze ubone ukuthi into ethile iyi-apula yini noma ulamula, ibhola, noma okuthile okuhlukile. Kodwa akunjalo ngenombolo. Iqoqo elinezinto ezingu-7 lingase lingafani ngalutho nelinye iqoqo lezinto ezingu-7—ngaphandle kokuthi womabili “anezinto ezingu-7.” Ngakho, ukuqonda incazelo yezinombolo—ngokwesibonelo, ukuqonda umahluko phakathi kuka-6 no-7—kuwukuqonda okuthile okuyinto engaphatheki. Yilapho-ke lapho abashisekeli bezinombolo bengena khona.
Kusukela KuPythagoras Kuya Kuyisayensi-mbumbulu
Ukunikeza izinombolo incazelo ekhethekile kwakuvamile emiphakathini yasendulo. UPythagoras, isazi sefilosofi esingumGreki futhi owayeyisazi sezibalo, owaphila phakathi nekhulu lesithupha B.C.E., wafundisa ukuthi zonke izinto zingachazwa ngezinombolo. Yena nabalandeli bakhe babethi indawo yonke iyisibonelo sokuhleleka nokulingana. Khona-ke, akunakwenzeka yini ukuthi zonke izinto ezibonakalayo zihlobene nezinombolo?
Kusukela osukwini lukaPythagoras, kuye kwasetshenziswa izincazelo zezinombolo ekubikezeleni nasekuchazeni amaphupho nanjengezinsiza-nkumbulo. Ziye zasetshenziswa amaGreki, amaSulumane namalungu eLobukholwa. Esebenzisa isimiso sokubhula ngezinombolo okuthiwa i-gematria, amaJuda angamaCabalist anikeza uhlamvu ngalunye kwezingu-22 zolimi lwesiHeberu inombolo futhi kanjalo athi ayetholé izincazelo ezifihlekile emiBhalweni YesiHeberu.
Kunjalo nokubhula ngezinombolo kwanamuhla. Ngokuvamile, kuqalwa ngokubheka igama lakho nosuku lokuzalwa. Uhlamvu ngalunye egameni lakho lunikezwa inombolo. Ngokuhlanganisa la manani—kanye nezinombolo zenyanga nosuku owazalwa ngalo—obhula ngezinombolo uthola izinombolo zakho eziyisihluthulelo. Ube esenikeza lezi zinombolo incazelo ekhethekile, anomuzwa wokuthi inikeza incazelo ephelele ngawe—kuhlanganise nobuntu bakho, izifiso ezisithekile nekusasa lakho.
Mhlawumbe okuyikona ngempela okwenza ukubhula ngezinombolo kukhange ukuthi ukuhlaziya kwako kubonakala kunembile. Encwadini yakhe ethi Prophecy for the Millions, u-Edward Albertson uyabhala: “Abantu abaningi baye bakholelwa ekubhuleni ngezinombolo ngokuqaphela indlela izinombolo ezifanelana ngokuseduze ngayo nabantu ezibachazayo.” Kodwa-ke, ukubhula ngezinombolo kuye kwabizwa nangokuthi isayensi-mbumbulu. Ngani? Ingabe zikhona izizathu zokuba ukungabaze lokho okukushoyo?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]
INGABE IBHAYIBHELI LINEMIYALEZO EFIHLEKILE?
Encwadini yakhe ethi The Bible Code, umlobeli wephephandaba uMichael Drosnin uthi uye wathola imiyalezo efihlekile ngokuhlaziya imiBhalo YesiHeberu esebenzisa i-computer. UDrosnin uthi lo “mbhalo oyimfihlo” waveza amagama athi “umbulali ozobulala” kanye negama likaYitzhak Rabin—futhi lokhu kwatholakala esikhathini esingangonyaka ngaphambi kokuba uNdunankulu wakwa-Israel uRabin abulawe.
Njengoba kulindelekile, i-Bible Code yavusa impikiswano. UDave Thomas, oyisazi sezibalo nese-physics, wabonisa ukuthi ukuhlaziya noma imuphi umbhalo nge-computer kungaveza lokho okungase kubonakale kuyimiyalezo efihlekile. Ehlaziya wona kanye umbhalo kaDrosnin, uThomas wathola amagama athi “umbhalo oyimfihlo,” “akunangqondo” nelithi “umkhonyovu.” UThomas uthi: “Imiyalezo efihlekile ingatholakala nomaphi, inqobo nje uma uzimisele ukudela isikhathi wenze nomzamo wokucwaninga emkhakheni obanzi kacishukuthi.”
Ngenxa yamandla ayo okubala izinombolo eziningi ngokungenamkhawulo, cishe i-computer ingathola inhlanganisela ethile yezinhlamvu ezingase zisetshenziselwe ukubikezela okuthile. Kodwa lokhu kumane kuwukuqondana okungasho lutho futhi akufakazeli ukuthi iBhayibheli liqukethe imiyalezo efihlekile.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-April 1, 2000, amakhasi 29-31.
[Isithombe ekhasini 20]
UPythagoras wafundisa ukuthi zonke izinto zingachazwa ngezinombolo
[Umthombo]
Courtesy National Library of Medicine