Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 9/8 k. 19
  • Izinombolo Kanye Nokuphila Kwakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinombolo Kanye Nokuphila Kwakho
  • I-Phaphama!—2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kufanele Ufune Isiqondiso Ezinombolweni?
    I-Phaphama!—2002
  • Isasasa Ngezinombolo
    I-Phaphama!—2002
  • Zisho Ukuthini Izinombolo EziseBhayibhelini? Ingabe Ukubhula Ngezinombolo Kusekelwe EBhayibhelini?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Bancane, Kodwa Bacindezeleke Kakhulu
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 9/8 k. 19

Izinombolo Kanye Nokuphila Kwakho

INGABE izinombolo zinomyalezo ofihlekile? “Yebo!” kubabaza abanye bebhekisela esibonelweni esiyinqaba—ukuhlasela kwamaphekula ngo-September 11, 2001.

Othile obhula ngezinombolo uthi: “Lapho nje ngizwa okwakwenzekile, ngaphawula usuku: 9-11-2001.” Ngokuvamile ababhula ngezinombolo babheka u-11 njengenye ‘yezinombolo eziyisihluthulelo.’ Ngakho abashisekela ukubhula ngezinombolo baye benza uhlu lwezinto ezihlukahlukene ezihlobene nokuhlasela kwamaphekula ezikhomba “enombolweni eyisihluthulelo” u-11. Nansi ingxenyana yalokho abakutholile:

■ Inhlekelele yenzeka ngomhla ka-9/11. . . . 9 + 1 + 1 = 11.

■ U-September 11 wawuwusuku lwama-254 onyakeni. . . . 2 + 5 + 4 = 11.

■ Indiza eyashayisa isakhiwo esisenyakatho kwakungu-Flight 11.

■ Le ndiza yayithwele abantu abangu-92. . . . 9 + 2 = 11.

■ Indiza eyashayisa isakhiwo esiseningizimu yayinabagibeli abangu-65. . . . 6 + 5 = 11.

■ I-Twin Towers yayimise okuka-11.

■ NgesiNgisi, igama elithi “New York City” linezinhlamvu ezingu-11.

Ukubhula ngezinombolo—okuhlotshaniswa kukho izinombolo nezincazelo ezikhethekile, ukuhlangana kwazo nezingqikithi zazo—bekulokhu kuwumkhuba osakazeke kabanzi e-Afrika, e-Asia nasemazweni aseMelika. Kungani kubangela isasasa? Ngokwengosi ethile ye-Internet, ukufunda incazelo yezinhlamvu zolimi ezisetshenziswa emagameni—okungesinye sezici ezithandwayo zokubhula ngezinombolo—“kuveza ulwazi olunembile ngobuntu bomuntu, isidalo sakhe, izimfanelo nokushiyeka kwakhe.” Ngokwalo mthombo, ukuhlolisisa “usuku lwethu lokuzalwa kwembula ukuphila kwethu, injabulo yako nezilingo zako.”

Ingabe lokhu kuyiqiniso? Noma kungenzeka yini ukuthi kunezingozi ezisithekile ekucubunguleni izinombolo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela