Ingabe Kufanele Ufune Isiqondiso Ezinombolweni?
INGABE ukubhula ngezinombolo kunengqondo uma kuhlolwa ngesayensi nokucabanga okuhluzekile? Ingabe izinombolo ziyindlela yokwembula ikusasa lethu? Ingabe kufanele wakhele ikusasa lakho ezibikezelweni nakulokho okutholakala ngokubhula ngezinombolo?
Enye yezingqinamba ababhula ngezinombolo abangakwazanga ukuyinqoba ukuthi imiphakathi ehlukahlukene isebenzisa amakhalenda angafani. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma umuntu ehlala lapho kusetshenziswa khona ikhalenda lamaShayina? Cabangela usuku okukhulunywe ngalo esihlokweni sokuqala—u-September 11, 2001. Ngokwekhalenda lamaShayina, kwakuwusuku lwama-24 lwenyanga yesi-7 yonyaka we-18 emjikelezweni wama-78. Ngokwekhalenda likaJulius, lolo suku lwalungu-August 29, 2001. Ngokwekhalenda lamaSulumane, kwakungumhla ka-22 Jumada II 1422, kanti-ke ngokwekhalenda lamaHeberu kwakungumhla ka-23 Elul 5761. Usuku olungabhalwa ngezindlela eziningi kangaka lungaba kanjani nencazelo ebalulekile? Nasi esinye isici: Izilimi zivame ukupela amagama ngendlela ehlukile. Ngokwesibonelo, ababhula ngezinombolo bathi izinhlamvu zegama lesiNgisi elithi John zinenani elingu-2, kodwa izinhlamvu zeSpanishi zegama elifanayo—elithi Juan—zinenani elingu-1.
Kungenye into ukuqaphela ukuthi izici eziningi zomkhathi zingachazwa ngezinqubo zezibalo. Lezi zinqubo zingahlolwa futhi kuboniswe nendlela ezisebenza ngayo. Kodwa kuthanda ukuhluka ukuthi igama lakho lamiselwa kusengaphambili ukuba lihambelane nosuku lwakho lokuzalwa futhi lihlanganiswe nezinombolo ezithile ukuze ukwazi ukunquma ikusasa lakho.
Isiphetho sisobala: Ukukholelwa ukuthi izincazelo zokubhula ngezinombolo zinembile zibe zisekelwe ezicini ezihlukahlukene njengekhalenda nolimi akunangqondo.
‘Isikhathi Nethuba’
Abanye baba nesithakazelo ekubhuleni ngezinombolo ngoba bafisa ukuthola indlela yokubikezela izinto ezenzeka ekuphileni kwabo. Kodwa-ke, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi imininingwane yokuphila komuntu ayinakunqunywa kusengaphambili. Siyafunda: “Ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” (UmShumayeli 9:11, omalukeke sizenzele.) Yebo, izenzakalo eziningi zenzeka kungazelelwe. Izenzakalo ezinjalo ezithuka zenzekile ziyenza ibe yize imizamo yokubikezela imiphumela esekelwe osukwini lokuzalwa noma enanini legama eliyinombolo.
Cabangela esinye isibonelo: Lapho likhuthaza ukupha, iBhayibheli lithi: “Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi. Yabela abayisikhombisa, nabayisishiyagalombili, ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.” (UmShumayeli 11:1, 2, omalukeke sizenzele.) Ngaphandle kwezimo ezimbalwa, izinhlekelele ziyizinto abantu abangenakuzazi kusengaphambili. Ngakho, lapho ebhala ngababhula ngezinombolo, uprofesa wezibalo u-Underwood Dudley uthi: “Bayakhohlwa ukuthi ithuba linomthelela. Izimanga ziyenzeka.”
Kuyiqiniso ukuthi ababhula ngezinombolo bangase bakhiphe izibikezelo ezithile futhi zigcwaliseke. Lokhu kubangelwa yini? Ezimweni ezithile, izinto ziyaqondana. Kanti-ke, ngezinye izikhathi inkulumo yababhula ngezinombolo inemiqondo ehlukahlukene kangangokuba ingasebenza ezimweni eziningana. Kodwa kunokuthile okujule nakakhulu okufanele kucatshangelwe.
Ingabe Kuwuhlobo Oluthile Lokubhula?
IBhayibheli alikhulumi ngokuthé ngqo ngokubhula ngezinombolo. Kodwa lilandisa ngoHamani, umAmaleki owayeceba uzungu lokuqothula amaJuda ayehlala ePheresiya ngekhulu lesihlanu B.C.E. Ukulandisa kuthi: “UHamani wayala ukuba kwenziwe inkatho (eyayibizwa ngokuthi i-‘phurimi’) ukuze athole usuku olufanele nenyanga yokufeza uzungu lwakhe. Kwanqunywa usuku lweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili, inyanga ka-Adari.”—Esteri 3:7, Today’s English Version.
Endulo, ukwenza inkatho kwakuyindlela esemthethweni yokuxazulula impikiswano.a (IzAga 18:18) Kodwa uHamani wenza inkatho ukuze abhule—okuyinto iBhayibheli eliyilahlayo. UDuteronomi 18:10-12 uthi uyisinengiso kuNkulunkulu “umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. . . . Yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova.”
IBhayibheli lihlanganisa ukubhula namandla angaqondakali kanye nokusebenzisa imimoya. Imimoya emibi ingaqondisa izinto ukuze ifeze injongo yayo. Kungakhathaliseki ukuthi kunjalo yini noma cha endabeni ethile, yinye into eqinisekile: UNkulunkulu uyakulahla ukusebenzisa imimoya, futhi kungenza ukuba umuntu alawulwe imimoya emibi.—1 Samuweli 15:23; Efesu 6:12.
Ukubhula ngezinombolo akusekelwe kuyisayensi, futhi kuba yimbudane lapho kuhlolwa ngokucabanga okuhluzekile. Okubaluleke nakakhulu, ngenxa yokuthi kuwuhlobo lokubhula, ukubhula ngezinombolo kungqubuzana nezimfundiso zeBhayibheli. Ngenxa yalokho, ukubhula ngezinombolo akuyona indlela ezuzisayo yokuqondisa ukuphila kwakho noma yokuhlela ikusasa lakho.
[Umbhalo waphansi]
a Lapho kwenziwa inkatho, kwakufakwa izinto ezincane—njengamatshana noma izinti ezincane—emphethweni wengubo noma evazini. Ngemva kwalokho, zazixukuzwa. Lowo okwakuphuma inkatho yakhe nguye owayekhethwa.
[Ibhokisi ekhasini 22]
AMAKHALENDA ANHLOBONHLOBO AYISITHIYO ESIKHULU EKUBHULENI NGEZINOMBOLO
IKHALENDA ELIVAMILE September 11, 2001
ELAMASHAYINA Usuku lwama-24 lwenyanga yesi-7 yonyaka
we-18 emjikelezweni wama-78
ELIKAJULIUS August 29, 2001
ELAMASULUMANE 22 Jumada II 1422
ELAMAHEBERU 23 Elul 5761
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 23]
INGABE AMASHADI OKUMA KWEZINKANYEZI ANGATHENJELWA?
“Ngezinye izikhathi uyidlandaba, kodwa ngezinye izikhathi uyisithuli. Ukuthola kungahlakaniphile ukwembulela abantu ongabazi izinto eziningi ngawe. Ungumuntu ongancike kumuntu ekucabangeni odinga ubufakazi bendaba ngaphambi kokuba ayamukele ngokungathandabuzi. Uthanda ukuphila okunezici ezihlukahlukene, futhi awujabuli lapho uvalelwe yimithetho. Unamakhono amahle okwenza izinto, ongakawasebenzisi ngokuphelele. Uthambekele ekugxekeni umsebenzi namakhono akho.”
Ingabe lokho kuzwakala sengathi kuchaza wena? Uma kunjalo, kungenzeka ubé nehaba ekwamukeleni le ncazelo. Phela, okuningi okushiwo ngenhla kuyasebenza kubantu abaningi. Ngakho, abafundi bayothambekela ekwamukeleni amazwi abonakala eshaya emhloleni bawazibe angelona iqiniso. Ngokwencwadi ethi Why Do Buses Come in Threes—The Hidden Mathematics of Everyday Life, “abacwaningi baye bathola ukuthi uma kususwa izimpawu zezinkanyezi eziseshadini, abantu abakwazi ukubona isigaba esikhuluma ngophawu lwabo, kodwa uma izimpawu zikhona bakholelwa ukuthi okushiwo yishadi lophawu lwabo yikona okunembe kakhulu.”
[Ibhokisi ekhasini 24]
IZINOMBOLO EZIWUMFANEKISO EBHAYIBHELINI
Izinombolo ezithile ezisetshenziswa eBhayibhelini zinezincazelo ezingokomfanekiso, kodwa kuphela kulowo mongo ezisetshenziswa kuwo kuleyo miBhalo. Ngokwesibonelo, isine sisetshenziselwa ukumelela konke noma imbulunga. Lo mqondo uvela ezinkulumweni ezinjengethi ‘amagumbi amane omhlaba’ nethi ‘imimoya yomine yezulu.’ (Isaya 11:12; Daniyeli 8:8) Ngezinye izikhathi isithupha simelela ukungapheleli. Ngokuthakazelisayo, inombolo incwadi yesAmbulo eyinikeza inhlangano kaSathane yezombangazwe yasemhlabeni ‘yisibalo somuntu’—u-666. (IsAmbulo 13:18) Lapha, isithupha siphindwe kathathu, okugcizelela ukungapheleli kwaleyo nhlangano enjengesilo. Lapho isikhombisa sisetshenziswa ngokomfanekiso, simelela ukuphelela. (Levitikusi 4:6; Heberu 9:24-26) Lezi zinombolo nezinye ezingokomfanekiso ezisetshenziswa emiBhalweni zinencazelo evumelana nomongo ongokwesiprofetho.
Nakuba imiBhalo ithi izinombolo ezithile zibalulekile, iBhayibheli alisikhuthazi ukuba sihlobanise izinhlamvu zamagama athile nezinombolo ukuze sembule amaqiniso afihlekile.
[Isithombe ekhasini 24]
UHamani wabhula ukuze akhethe usuku lokufeza uzungu lwakhe lokuqothula isizwe