Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 2/22 k. 25-k. 27 isig. 6
  • Yini Engalungile Ngokweqa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Engalungile Ngokweqa?
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Abanye Beqe
  • Izingozi
  • Umonakalo
  • Ukuthola Inkululeko Eyengeziwe
  • ‘Ungahambi Nabo’
  • Kungani Abazali Bami Bengangivumeli Ngizijabulise?
    I-Phaphama!—2011
  • Kungani Kufanele Ngilalele Abazali Bami?
    I-Phaphama!—1994
  • Kungani Abazali Bami Bengangivumeli Ngizijabulise?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ukuphila Ukuphila Okumbaxa-mbili—Kungani Kungafanele?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 2/22 k. 25-k. 27 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Yini Engalungile Ngokweqa?

“Saseqa ebusuku siye ethilomu ukuze sibe nabanye. Sabe sesiqala ukuphuma siyozihlalela egqumeni elithile. Zonke izingane zazibhema nakuba mina ngingazange ngibheme. Sasihlala phansi sixoxe nganoma yini, silalele umculo onesigqi esinamandla. Bese siya ekhaya ngo-5:00 entathakusa abazali bami bengakavuki.”—UTara.a

“Lapho ubaba ehamba eya emsebenzini umama esalele, nganginyonyoba ngiphume ngomnyango ongaphambili. Ngangiwushiya uvuliwe ukuze umama angangizwa uma ngiwuvala—wawuyinsimbi. Ngangihlala nabangane bami ubusuku bonke. Bese kuthi ekuseni ekuphumeni kwelanga, nginyenye ngiyongena endlini. Ngezinye izikhathi umama wayethola ukuthi ngeqile abese engikhiyela ngaphandle.”—UJoseph.

UKWEQA—kuzwakala kujabulisa futhi kumnandi. Kuyithuba lokuziphilela ngendlela yakho amahora ambalwa, ithuba lokwenza noma yini oyifunayo futhi ube nabantu ofuna ukuba nabo ngaphandle kokulandisa kothile. Ngaphandle kwalokho, mhlawumbe uke wabezwa ontanga yakho beqhosha ngezinto abazenzayo nangendlela abajabula ngayo uma beqile ebusuku. Ngakho nawe ungase ulingeke ukuba uhlanganyele nabo.

Ekuhloleni okwenziwa kubafundi basesikoleni esiphakeme abangu-110 eNyakatho Melika, abangu-55 bavuma ukuthi bake beqa okungenani kanye. Abaningi babo baqala ukweqa lapho beneminyaka engu-14 ubudala. Le nkinga yimbi kakhulu kangangokuthi abanye ochwepheshe baye batusa ukuba abazali bafake izinhlaba-mkhosi emizini yabo ukuze bavimbe izingane zabo zingahambi zingashongo. Kungani intsha eningi kangaka izibizela ulaka lwabazali ngokweqa?

Okwenza Abanye Beqe

Ngezinye izikhathi intsha yeqa ngenxa nje yokuthi inesithukuthezi futhi ifuna ukujabula nabangane bayo. Incwadi ethi Adolescents and Youth ichaza ukuthi intsha ingase yeqe “ngenxa yemingcele ethile, njengomthetho wewashi ekhaya noma abazali bayijezise ngokuthi ingayi embuthanweni othile. Intsha izohamba noma kunjalo futhi ngezinye izikhathi ikwazi ukubuya ingabanjwa.” Omunye oneminyaka engu-16 ubudala wachaza izizathu zakhe zokweqa. Wathi: “Ngizizwa sengathi ngingumntwana futhi angikwazi ukuziphilela ngokuthanda. Amasango akithi asheshe avalwe kakhulu kunawakweminye imizi. Futhi abazali bami abangivumeli ukuba ngiye ezindaweni abangane bami abaya kuzo . . . Kodwa ngiyaya bese ngiqamba amanga.” UJoseph, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, waqala ukweqa eneminyaka engu-14 lapho eya ekhonsathini ye-rap abazali bakhe ababemenqabele ukuya kuyo.

Yiqiniso, intsha eningi isuke ingenazo izisusa ezimbi lapho yeqa. UTara, omunye wentsha ecashunwe ekuqaleni, wathi: “Akukona ukuthi into yokuqala esasiyicabanga kwakuwukuthi ‘Masihambe siyokwenza into embi.’ Ngangimane nje ngifuna ukuba nodadewethu, yena wayefuna ukuhamba ayozijabulisa nabangane bakhe.” UJoseph wathi: “Sasizihlalela nje. Ngangifuna ukuxoxa futhi ngibe nabangane bami.” Kodwa nakuba ukuzihlalela nje nabangane kungase kungaholeli ezenzweni zobugebengu ezimbi, intsha eningi ingena enkingeni.

Izingozi

Uchwepheshe wezempilo yengqondo uDkt. Lynn E. Ponton uthi: “Kungokwemvelo ngentsha ukuba izifake engozini.” UDkt. Ponton uyaqhubeka achaze ukuthi kungokwemvelo futhi mhlawumbe kuhle ukuba intsha ifune ukuzimela, izame izinto ezintsha, ibe sezimweni ezintsha nezithakazelisayo. Kuyingxenye yokukhula. Kodwa intsha eningi izifaka engozini kuze kweqe—ikakhulukazi uma ingekho phambi kwabazali bayo. Umagazini i-Teen uthi: “Ukucindezela kontanga, isithukuthezi, umdlandla futhi mhlawumbe nezinye izinto ezishukumisayo njengobhiya . . . kungenza intsha izifake engozini embi—futhi ilahlekelwe ukuphila kwayo.” Okunye ukuhlola kwabala ezinye zalezi zinto ezenziwa yintsha eziyingozi, kuhlanganise ijubane emgwaqweni, ukucekela phansi impahla, ukushayela idakiwe nokweba.

Uma usuke waqala ukungalaleli, kulula ukuqhubeka wenze izinto ezimbi nakakhulu. Kunjengoba uJesu asho kuLuka 16:10: “Umuntu ongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.” Yingakho-ke ukweqa nabangane kungase kukuholele ezonweni ezimbi. UTara wafeba. UJoseph waqala ukudayisa izidakamizwa futhi waboshwa wagqunywa ejele. Osemusha ongumKristu okuthiwa uJohn waqala ukudla izidakamizwa futhi weba izimoto. Ngokudabukisayo, intsha eningi ivuna imiphumela yemikhuba enjalo—ukukhulelwa okungafunwa, izifo ezithathelwana ngobulili noma ukuba umlutha wotshwala noma wezidakamizwa.—Galathiya 6:7, 8.

Umonakalo

Okuyinhlekelele nakakhulu kunomonakalo emzimbeni wakho kungaba ukulimala kwemizwelo yakho. Unembeza onecala ungakuhlupha kakhulu. (IHubo 38:3, 4) UJoseph uthi: “Kunesisho esithi awazi ukuthi onakho kuyigugu kangakanani kuze kube yilapho sekukulahlekele. Ngezinye izikhathi ngicabanga osekwadlula futhi ngingakholwa ukuthi ngaba yisilima kangaka.”

Okunye okungafanele kushaywe indiva ukonakala kwedumela lakho. UmShumayeli 10:1 uthi: “Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.” Endulo amafutha ayigugu noma amakha ayengonakaliswa yinto encane njengempukane efile. Ngokufanayo, idumela lakho olisebenzele kanzima lingonakaliswa “ubuwula obuncane” nje. Futhi uma ungumKristu, akungabazeki ukuthi ukuziphatha okubi okunjalo kuyokuncisha amalungelo ebandleni. Phela, ungabakhuthaza kanjani abanye ukuba balandele izimiso zeBhayibheli uma bazi ukuthi wena awuzilandeli?—Roma 2:1-3.

Okokugcina, cabangela ubuhlungu abangase babuzwe abazali bakho uma bethola ukuthi weqile. Omunye umzali wachaza usizi aba nalo lapho ethola ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka engu-15 ayikho endlini. Uthi yena nomyeni wakhe ‘bakhathazeka kakhulu’ ngenxa yokungazi ukuthi indodakazi yabo iyephi. Ingabe ufuna ukuletha ubuhlungu nosizi olunjalo kubazali bakho?—IzAga 10:1.

Ukuthola Inkululeko Eyengeziwe

Kuyaqondakala ukuthi ungakhungatheka uma abazali bakho bebonakala benemithetho eqine kakhulu. Kodwa ingabe ukweqa kuyikhambi ngempela? Cishe uyobanjwa noma kanjani ekugcineni. Ngisho noma uhlakaniphe kakhulu futhi ukwazi ukukhohlisa abazali bakho, uJehova uNkulunkulu uyazibona izenzo zakho, ngisho nalezo ozenza ebumnyameni. (Jobe 34:21) Ngakho ngokushesha uzovela obala, ngokunokwenzeka wonakalise noma yikuphi ukukwethemba kwabazali bakho kwangaphambi kwalokho. Ube yini umphumela? Uyolahlekelwa yiyo kanye into obuyifuna—inkululeko!

Khumbula: Ukuze ujabulele inkululeko, kudingeka wenze abazali bakho bakwethembe. Futhi indlela engcono kakhulu yokwenza lokho ukumane nje ubalalele. (Efesu 6:1-3) Uma unomuzwa wokuthi abazali bakho bayeqisa ngandlela-thile, khuluma nabo ngokuqondile—nangenhlonipho. Bangase bakucabangele lokho okushoyo. Ngakolunye uhlangothi, ungase uthole ukuthi banezizathu ezinhle zokukubekela imingcele ethile. Ngisho noma ungavumelani nabo, ungakhohlwa ukuthi bayakuthanda futhi bakufisela okungcono kakhulu. Qhubeka ubenza bakwethembe, futhi ngesikhathi esifanele uyothola inkululeko oyifunayo.b

‘Ungahambi Nabo’

Endulo, intsha eyesaba uNkulunkulu yayivame ukulingeka ukuba ihambe nontanga ekuziphatheni okubi. Ngakho uSolomoni wanxusa intsha: “Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi. . . . Ungahambi nazo endleleni.” (IzAga 1:10, 15) Lalela leso seluleko uma labo okuthiwa abangane bezama ukukwenza weqe. USolomoni uyaqhubeka exwayisa: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.”—IzAga 22:3.

Uma usuqalile kakade ukweqa, yeka! Ekugcineni nguwe ozolimala. Tshela abazali bakho ngalokho obukwenza, futhi wamukele isijeziso noma imingcele abangase bakubekele yona. Uma kudingeka, khetha abangane abasha—abangane abazoba nethonya elihle kuwe. (IzAga 13:20) Funa izindlela zokuzijabulisa ezakhayo nezingenangozi.

Okubaluleke nakakhulu, yakha ingokomoya lakho ngokufunda iBhayibheli nangokuba khona emihlanganweni yobuKristu. “Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?” kubuza umhubi. Uyaphendula: “Ngokuqaphela okwezwi [likaNkulunkulu].” (IHubo 119:9) Njengoba kancane kancane uguqulela ingqondo yakho ekwenzeni okuhle, uyophetha ngokuthi nakuba ukweqa kungase kube mnandi, akufanele ngoba kunezingozi.

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama ashintshiwe.

b Ukuze uthole ukwaziswa ngendlela ongathola ngayo inkululeko ethé xaxa, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]

“Abazali bami abangivumeli ukuba ngiye ezindaweni abangane bami abaya kuzo . . . Kodwa ngiyaya bese ngiqamba amanga”

[Isithombe ekhasini 26]

Ukweqa kuvame ukuholela ezinkingeni ezingathi sína

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela