Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/11 kk. 10-12
  • Kungani Abazali Bami Bengangivumeli Ngizijabulise?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Abazali Bami Bengangivumeli Ngizijabulise?
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okungenza Abazali Benqabe
  • Indlela Ongandisa Ngayo Amathuba Okuba Bavume
  • Kungani Abazali Bami Bengangivumeli Ngizijabulise?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Kungani Abazali Bami Bengafuni Ngizijabulise?
    Intsha Iyabuza
  • Kungani Kunemithetho Eminingi Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 2/11 kk. 10-12

Intsha Iyabuza

Kungani Abazali Bami Bengangivumeli Ngizijabulise?

U-Allison,a osemusha wase-Australia, uyazi ukuthi njalo ngeMisombuluko ekuseni uyacindezeleka esikoleni.

Uyalandisa, “Wonke umuntu ukhuluma ngokuthi ubenzani ngempelasonto. Basho izinto ezizwakala zijabulisa, njengokuthi mangaki amaphathi abaye kuwo nokuthi bangaki abafana ababaqabulile—ngisho nangokubalekela amaphoyisa. . . Kuzwakala kwethusa kodwa kumnandi! Baze bafike ekuseni emakhaya ngehora lesihlanu, futhi abazali babo abanandaba. Mina kufanele ngibe sengilele bona bengakaqali nakuqala ukuzijabulisa kusihlwa!

“Nokho, ngemva kokungixoxela ngezinto abebezenza ngempelasonto, babe sebengibuza ukuthi mina ngenzeni. Ngisuke ngenzeni vele? Ngiye emhlanganweni wobuKristu. Ngaya enkonzweni yasensimini. Ngivele ngizizwe sengathi ngiphuthelwe yisikhathi esimnandi. Ngakho ngokuvamile ngibatshela ukuthi angenzanga lutho. Babe sebengibuza ukuthi kungani ngingahambanga nabo.

“Uma uMsombuluko usudlulile, ungase ucabange ukuthi sekuzoba ngcono. Kodwa lutho. NgoLwesibili, wonke umuntu usekhuluma ngempelasonto elandelayo! Ngivele ngizihlalele ngibalalele bekhuluma. Ngizizwa ngikhishwe inyumbazana!”

INGABE njalo ngoMsombuluko ekuseni esikoleni kuhlale kufana kuwe? Ungase ube nomuzwa wokuthi kuningi ongazijabulisa ngakho ngaphandle, kodwa abazali bakho bakuvalele iminyango—noma kunjengokungathi usepaki eligcwele izinto zokudlala kodwa awuvunyelwe ukuzisebenzisa. Akukhona ukuthi ufuna ukwenza zonke izinto ezenziwa ontanga yakho. Umane nje ungathanda ukuzijabulisa ngezikhathi ezithile! Ngokwesibonelo, iyiphi indlela obungathanda kakhulu ukuzijabulisa ngayo kule mpelasonto ezayo?

◯ ukudansa

◯ ikhonsathi yomculo

◯ ibhayisikobho

◯ umcimbi

◯ okunye ․․․․․

Uyakudinga ukuzijabulisa. (UmShumayeli 3:1, 4) Empeleni uMdali wakho ufuna ubujabulele ubusha bakho. (UmShumayeli 11:9) Nakuba ungase ukungabaze lokhu, abazali bakho nabo bafuna ujabule. Noma kunjalo, cishe kunezinto ezimbili abazali bakho abazikhathalela kakhulu: (1) yini enizoyenza futhi (2) uzobe uhamba nobani.

Kuthiwani-ke nokho, uma umenywa ukuba nizikhiphe kodwa ungaqiniseki ukuthi abazali bakho bazosabela kanjani? Lapho kufanele wenze isinqumo, iBhayibheli likukhuthaza ukuba uzicabangele izinto ongakhetha kuzo, ezinhle nezimbi, nokuba ucabangisise ngemiphumela. (Duteronomi 32:29; IzAga 7:6-23) Ngokuphathelene nesimemo osithole kubangane bakho, yiziphi izinto ongakhetha kuzo?

UNGAKHETHA A: UKUNGACELI KUBAZALI—UVELE UHAMBE.

Okungenza ukhethe lokhu: Ufuna ukujabulisa abangane bakho ngokubabonisa ukuthi uzimele. Unomuzwa wokuthi wazi kangcono kunabazali bakho noma awuyihloniphi indlela abahlulela ngayo.—IzAga 15:5.

Imiphumela: Abangane bakho bayofunda okuthile ngawe—ukuthi uyakwazi ukukhohlisa. Uma ungakhohlisa abazali bakho, kusho ukuthi ungabakhohlisa kalula nabangane bakho. Uma abazali bakho bethola ukuthi ubakhohlisile, bayokuzwa ubuhlungu futhi bazizwe bekhohlisiwe, bese bekubekela imithetho eqinile. Ukungabalaleli abazali futhi uvele uhambe nje ungacelanga, kuwubuwula.—IzAga 12:15.

UNGAKHETHA B: UKUNGACELI—FUTHI UNGAHAMBI.

Okungase kukwenze ukhethe lokhu: Uyacabanga ngalesi simemo bese unquma ukuthi izinto ezizokwenziwa azihambisani nezimiso zakho noma abathile abamenyiwe abalona ithonya elihle. (1 Korinte 15:33; Filipi 4:8) Ngakolunye uhlangothi, ungase ufune ukuya kodwa ungabi nesibindi sokucela kubazali bakho.

Imiphumela: Uma ungayi ngenxa yokwazi ukuthi kuwumbono ongemuhle, uyoba nesibindi sokubaphendula abangane bakho. Kodwa uma ungayi ngenxa nje yokuthi wesaba ukucela kubazali, ungagcina uhleli ekhaya ungajabule, unomuzwa wokuthi nguwe wedwa onomzwangedwa.

UNGAKHETHA C: UKUCELA—ULINDELE IMPENDULO.

Okungase kukwenze ukhethe lokhu: Uyaqaphela ukuthi abazali bakho banegunya phezu kwakho futhi uyakuhlonipha ukwahlulela kwabo. (Kolose 3:20) Uyabathanda futhi awufuni ukubazwisa ubuhlungu ngokweqa uhambe ungabatshelanga. (IzAga 10:1) Unanethuba lokuzikhulumela.

Imiphumela: Abazali bakho baba nomuzwa wokuthi uyabathanda futhi uyabahlonipha. Uma isicelo sakho besibheka njengesinengqondo, bangase bavume.

Okungenza Abazali Benqabe

Kuthiwani-ke uma abazali benqaba? Lokhu kungabangela ukungajabuli. Kodwa, ukuqonda umbono wabo kungakusiza ukwazi ukwamukela isinqumo sabo. Ngokwesibonelo, bangase benqabe ngenxa yesizathu esisodwa noma ezengeziwe ezifana nalezi ezingezansi.

Ulwazi olwengeziwe nokuhlangenwe nakho. Uma ubukwazi ukuzikhethela, cishe ubungakhetha ukubhukuda engxenyeni yolwandle elondekile nenabaqaphi. Kungani? Ngenxa yokuthi ngesikhathi ubhukuda, akulula ukubona ingozi. Kodwa abaqaphi basendaweni ekahle yokubona izinto eziyingozi.

Ngokufanayo, ngenxa yolwazi lwabo olubanzi nokuhlangenwe nakho, abazali bakho bangase babone izingozi wena ongaziboni. Njengabaqaphi basolwandle, umgomo wabazali bakho awukhona ukukuncisha injabulo, kodwa uwukukusiza ugweme izingozi ezingabangela ukuba ungakujabuleli ukuphila.

Bayakuthanda. Abazali bakho banesifiso esinamandla sokukuvikela. Uthando lubashukumisela ukuba bavume uma kufanele futhi benqabe uma kudingeka. Lapho ucela imvume yokwenza okuthile, bayazibuza ukuthi uma bekuvumela wenze lokho okucelayo bayoyijabulela yini imiphumela yako. Bayovuma kuphela, uma beqiniseka ukuthi ngeke kukulimaze.

Ukungabi nolwazi olwanele. Abazali abanothando baqikelela ukuphepha ngaso sonke isikhathi. Uma bengakuqondi lokho okucelayo, noma benomuzwa wokuthi kunemininingwane ebalulekile engekho esicelweni sakho, cishe bayokwenqabela.

Indlela Ongandisa Ngayo Amathuba Okuba Bavume

Kunezici ezine ezibalulekile.

Ukwethembeka: Okokuqala, kufanele uzibuze ngobuqotho: ‘Kungani ngempela ngifuna ukuya lapho? Ingabe kungenxa yokuthi kuzokwenziwa into engiyithandayo, noma ngimane nje ngifuna ukwamukelwa ontanga? Ingabe kungenxa yokuthi kuzobe kunothile ongikhangayo?’ Khona-ke yiba qotho nakubazali bakho. Nabo bake baba basha, futhi bakwazi kangcono. Ngakho, cishe bayoziqonda izisusa zakho zangempela ngandlela-thile. Bayobazisa ubuqotho bakho, futhi nawe uyozuza ekuhlakanipheni kwabo. (IzAga 7:1, 2) Ngakolunye uhlangothi, uma ungeqotho, ulimaza idumela lakho futhi unciphise namathuba okuba bakuvumele.

Ukucupha izikhathi: Ungabafundekeli abazali bakho ngezicelo lapho befika nje bevela emsebenzini noma lapho bematasa ngokuthile. Khuluma nabo lapho bekhululekile. Kodwa ungalindi kuze kube umzuzu wokugcina bese ubacindezela ukuba bakuphendule. Abazali bakho ngeke bakujabulele ukwenza isinqumo ngokucindezelwa. Cela kusenesikhathi, futhi nabo bayokujabulela ukucabangela kwakho.

Imininingwane: Ungakhi phezulu. Chaza kahle ukuthi ufuna ukwenzani. Abazali abayithandisisi impendulo ethi “Angazi,” ikakhulukazi uma bebuza ukuthi: “Obani abazobe belapho.” “Uzoba khona yini umuntu omdala futhi ohluzekile?” noma “Uzophela nini umcimbi?”

Isimo sengqondo: Ungababheki njengezitha abazali bakho. Babheke njengabantu obambisene nabo—ngoba empeleni, kunjalo. Uma ubabheka njengabantu obambisene nabo, cishe ngeke uqophisane nabo kanti ayoba makhulu amathuba okuba nabo babambisane nawe. Uma benqaba, babuze ngenhlonipho ukuthi kungani. Ngokwesibonelo, uma benqaba ukuba uye ekhonsathini, zama ukuthola ukuthi yini ebakhathazayo. Ingabe bakhathazeka ngomculi? indawo? abantu abazobe belapho? imali yokungenza? Gwema ukusho amazwi anjengokuthi “Aningethembi,” “Wonke umuntu uyaya,” noma “Abazali babangane bami babavumele ukuya!” Bonisa abazali bakho ukuthi uvuthwe ngokwanele ukwamukela isinqumo sabo futhi usihloniphe. Uma wenza kanjalo, bayokuhlonipha. Esikhathini esizayo, bangase bathambekele ekufuneni izindlela zokukuvumela.

Ungazitholela izihloko ezengeziwe ezithi “Intsha Iyabuza” engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]

“Abazali bami bayangethemba, ikakhulu ngenxa yokuthi ngihlale ngenza kahle. Angibafihleli lutho ngabangane bami. Angesabi nokuwushiya umbuthano uma ngingasakhululekile ngokuba kuwona.”

[Isithombe]

UKimberly

[Ibhokisi ekhasini 12]

KUNGANI UNGABABUZI ABAZALI BAKHO?

Ingabe uyafuna ukwazi ukuthi uyini umbono wabo ngezinto okuxoxwa ngazo kulesi sihloko? Indlela ongathola ngayo iwukuba ubabuze! Ngesikhathi esifanele, qala ingxoxo ephathelene nezinto ezibakhathazayo ngokuphathelene nokuzijabulisa. Cabanga umbuzo ongathanda ukubabuza wona, bese uwubhala ngezansi.

․․․․․

[Isithombe ekhasini 12]

Njengabaqaphi basolwandle, abazali bakho basendaweni ekahle ukuze bakuxwayise uma kunengozi ekucathamelayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela