Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 12/22 kk. 26-27
  • Ukwatapheya—Isithelo Esinemisebenzi Eminingi Ngempela!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwatapheya—Isithelo Esinemisebenzi Eminingi Ngempela!
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukutshala Ukwatapheya
  • Sinomsoco Futhi Siwusizo
  • Ukuthenga Nokudla Lesi Sithelo
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Impova—Uthuli Lokuphila
    I-Phaphama!—2007
  • I-quetzal—Inyoni Ekhazimulayo
    I-Phaphama!—2000
  • Utamatisi—“Uyimifino” Esebenziseka Ezintweni Eziningi
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 12/22 kk. 26-27

Ukwatapheya—Isithelo Esinemisebenzi Eminingi Ngempela!

Ngumlobeli we-Phaphama! eColombia

ABANQOBI baseSpain basekuqaleni kwekhulu le-16 babesiqabuka. Sasicishe silingane nepheya futhi sifana nalo, kodwa sasihlala siluhlaza nalapho sesivuthiwe. Ngaphakathi sasithambile futhi sinjengebhotela, futhi sinambitheka njengamantongomane. Ekugcineni, saziwa ngokuthi i-avocado (ukwatapheya), igama elisuselwa kwelesi-Aztec elithi ahuacatl.

AbaseYurophu baqala ukwazi ukwatapheya ngo-1519, bewuboniswa uMartín Fernández de Enciso. U-Enciso wayebone lesi sithelo eduze kwendawo manje eyiSanta Marta, eColombia, phakathi nohambo lokuqala lwabaseSpain lokuyohlola iNingizimu Melika. Phakathi naleyo minyaka yohambo, abaseYurophu banambitha ngokokuqala ezinye zezidlo ezintsha ngaphandle kukakwatapheya, kuhlanganise noshokoledi, ummbila namazambane.

Nokho, lezo zidlo zazingezintsha ngempela. Kwase kungamakhulu eminyaka zonke zaziwa futhi zijatshulelwa izakhamuzi zabomdabu zasezindaweni ezithokomele zaseNtshonalanga Nenkabazwe. Phakathi kwezinye izizwe zomdabu, ukwatapheya wawaziswa kakhulu kangangokuba wawusetshenziswa njengesipho somshado nanjengesipho sokwamukela izivakashi.

Ukutshala Ukwatapheya

Namuhla ukwatapheya utshalwa ezindaweni eziningi ezinesimo sezulu esithokomele, kuhlanganise ne-Australia, kwa-Israel, eKenya, eNew Zealand, eNyakatho naseNingizimu Melika, kanye nasePhilippines. Uphakathi kwezithelo ezingaba ngu-20 eziyintandokazi kwezentengiselwano emhlabeni.

Nokho, emazweni aseMelika ashisayo kunezinhlobo eziningi zikakwatapheya, kusukela kwezincane kuneqanda lesikhukhukazi kuya kwezinkulu ngangekhabe elivamile, elinesisindo esingamakhilogremu amabili. Umbala uyahlukahluka kusukela koluhlaza okotshani kuya konsomi, kanti amakhasi ezinye izinhlobo amaholoholo futhi ayahlofozeka, kuyilapho amanye ethambile futhi ebushelelezi. Nokho, kungenzeka ukutshala izivande ezikhiqiza ukwatapheya ofanayo.

Lapho ziqhakaza, izihlahla zikakwatapheya ziba nezimbali eziningi eziphuzi. Nokho, yimbali eyodwa kuphela kwezingu-5 000 eziqhakazayo ezokhula ibe ukwatapheya. Isici esingavamile ngalezi zimbali siwukuthi ngayinye ine-stamen, noma ingxenye ekhiqiza impova, futhi ngesikhathi esifanayo ine-pistil, noma ingxenye ekhiqiza ama-ovary. Lokhu bekungavumela isihlahla ngasinye ukuba sizikhiqizele izithelo ngokwaso ukube nje ibingekho inqubo emangalisayo yesihlahla sikakwatapheya eyenza ukuba lezi zingxenye zesitshalo zingasebenzi ngasikhathi sinye.

Ngenxa yalokho, ezinye izihlahla zivula izimbali ukuze zamukele impova lapho kuphuma ilanga ekuseni, bese zizivala emini. Zona kanye lezi zimbali zibuye zivuleke zikhiphe impova kusihlwa. Ezinye izihlahla kuleyo ndawo zenza okuhlukile. Imbewu iyasakazeka lapho isihlahla esikhiqiza impova siseduze kwaleso esiyamukelayo ngaleso sikhathi. Futhi, izinyosi nezinye izinambuzane zibalulekile ekuthutheni impova. Ngakho, inhlanganisela eyinkimbinkimbi yokukhanya kwelanga, ukushisa, izinambuzane, umoya nendawo ibangela ukukhiqizwa kwalesi sithelo.

Sinomsoco Futhi Siwusizo

Ukwatapheya unomsoco kakhulu, ngoba unamaprotheni amaningi, i-riboflavin, i-niacin, i-potassium novithamini C. Kuthiwa unamavithamini angu-11 namaminerali angu-14. Kwezinye izingxenye zeMelika Ephakathi, ukwatapheya nama-tortilla kubhekwa njengokudla okuphelele. Ukwatapheya unamafutha amaningi, futhi uwoyela wawo ufana nowesundu ngoba unamafutha anganqumi. Kwenziwa insipho nezimonyo ngalo woyela.

Cishe zonke izingxenye zesihlahla sikakwatapheya ziwusizo. Ukhuni lusetshenziselwa ukubasa. ENingizimu Melika, inhlamvu isetshenziselwa ukubekisa izingubo zokugqoka, ngoba ishiya umbhalo ongasuki. Kwezinye izingxenye zasePhilippines, kwenziwa itiye ngamaqabunga. Kubikwa ukuthi amagxolo esihlahla angasetshenziselwa ukushuka izikhumba.

Ukuthenga Nokudla Lesi Sithelo

Uma uya emakethe uyothenga ukwatapheya, ungazami ukubona ukuthi uvuthiwe yini ngokubheka amakhasi awo, ngoba uyahlukahluka kuye ngohlobo lukakwatapheya. Zama ukusipotoza kancane isithelo. Uma sithé ukuthamba, kusho ukuthi sivuthiwe. Ukwatapheya kufanele ugcinwe endaweni efudumele, enomoya, futhi ungawenza uvuthwe ngokushesha ngokuwusonga ngephephandaba. Ungawugcina nasesiqandisini, ngisho nangemva kokuwusika. Ngokufafaza ingxenye evulekile yalesi sithelo ngamanzi kalamula, ungase uvimbele ukushintsha kombala waso ube nsundu.

Abaningi bajabulela ukudla ukwatapheya nezithelo ezimuncu noma utamatisi. Ukunambitheka kwawo kungase kuvelele uma uwuthela okumuncwana. Ngaphezu kwalokho, ukwatapheya wehla esiphundu uma uwudla nezimfanzi, inkalankala, noma isikhuphashe, futhi ungasetshenziselwa ukwenza osaladi abaningi abahlukahlukene. Abanye bawuhlanganisa nezinye izithelo ukuze benze isiphuzo esiqabulayo.

Uma ukwatapheya uhlanganiswa nezinongo nezinye izithako, kungenziwa ibhotela elimnandi lokugcoba amabhisikidi anosawoti (crackers). Okunye okungafanele sikukhohlwe i-guacamole yodumo, eyenziwa ngokwatapheya, utamatisi, u-anyanisi, upelepele oluhlaza nezinongo. Lesi sithelo singadliwa nokudla okuphekiwe. Uma kunjalo, kufanele siphakwe ekugcineni, ukuze singahlangani nokudla okushisayo.

Kungenzeka kakade ukwatapheya usunendima ebalulekile ekudleni kwakho. Nokho, kwezinye izingxenye zomhlaba, ungase ubhekwe njengesithelo esiyingqayizivele futhi esiyivelakancane. Uma ungakaze uwunambithe ukwatapheya, kungakuhle uwuzame ngokulandelayo lapho kuvela ithuba. Ungase uthole ukuthi lesi sithelo esinemisebenzi eminingi sehl’ esiphundu futhi!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela