Ngiwusizo Futhi Ngiyajabula Nakuba Ngiyimpumputhe
Njengoba ilandiswa uPolytimi Venetsianos
Ngangidlala nezingane zakwethu ezintathu nokayise ngesikhathi into ethile encane indizela efasiteleni. Kwakuyibhomu, okwathi lapho liqhuma, zashona zonke izingane zakwethu ezintathu, mina ngasala ngiyimpumputhe.
KWAKUNGUMHLA KA-16 July, 1942, ngangiseyintombazanyana eneminyaka emihlanu kuphela ubudala. Kwadlula izinsuku ngiquleka ngibuye ngiphaphame. Ngesikhathi ngiphaphama, ngabuza ngabafowethu nodadewethu. Kwathi lapho ngizwa ukuthi babeshonile ngafisa sengathi ngabe nami ngangifile.
Ngesikhathi ngizalwa, abakithi babehlala esiqhingini saseSalamis eGreece, eduze nePiraiévs, itheku lase-Athens. Nakuba sasimpofu, sasiphila ngokuthula. Konke kwashabalala lapho kuqala iMpi Yezwe II, ngo-1939. Ubaba wayeyitilosi kuyiMediterranean. Ngokuvamile kwakudingeka ahambe nemikhumbi-ngwenya, imikhumbi yempi, iziqhumane zasemanzini namabhomu akho kokubili imibuso ye-Axis neye-Allied. IGreece yayibuswa ubuFascist nobuNazi.
Ngafundiswa Ukuzonda UNkulunkulu
Ngenxa yezimo ezinzima phakathi nempi, umama washonelwa ingane yesine. Wacindezeleka kakhulu, waphathwa isifo sofuba futhi ngemva kokubeletha ingane yesithupha, wagcina ngokushona ngo-August 1945. Omakhelwane abasontayo baqala ukuthi uNkulunkulu wayesijezisa. Abanye abapristi beSonto LamaGreki Lobu-Orthodox bethi bazama ukusikhuthaza, bamane benza isimo saba sibi kakhulu ngokuba bathi uNkulunkulu uthathe abafowethu nodadewethu wabayisa ezulwini ukuze bayoba izingelosi ezincane.
Lokho kwamthukuthelisa ubaba. Kungani uNkulunkulu ayengathatha izingane ezine emkhayeni ozihluphekelayo ebe enezigidi zezingelosi? Lezi zimfundiso zeSonto Lobu-Orthodox zenza ukuba ubaba amzonde kakhulu uNkulunkulu nenkolo. Ngemva kwalokho, wayengasafuni lutho olumhlanganisa nenkolo. Wangifundisa ukuba ngimzonde futhi ngimenyanye uNkulunkulu, egcizelela ukuthi uNkulunkulu owayesibangela ukuhlupheka nosizi.
Ukuba Njengesilwane Ekhejini
Ngokushesha ngemva kokushona kukamama ngo-1945, ubaba naye waphathwa isifo sofuba futhi wagcinwa esikhungweni sokululama. Udadewethu omncane wayiswa enkulisa yomphakathi. Kamuva, lapho ubaba ephuma esikhungweni sokululama eya kule nkulisa yomphakathi ukuyomlanda, watshelwa ukuthi wayeseshonile. Mina ngayiswa esikoleni sezimpumputhe, lapho ngachitha khona iminyaka engu-8 yokuphila kwami eyalandela. Ekuqaleni inhliziyo yami yayibuhlungu. Ngangicindezeleka nakakhulu ngezinsuku zokuvakashelwa. Izingane eziningi engangifunda nazo zazivakashelwa abathile, kodwa mina ngangingavakashelwa muntu.
Ngaba njengesilwane ekhejini. Ngangibizwa ngokuthi ngiyinkathazo yesikole. Ngenxa yalokho ngangishaywa futhi ngihlaliswe ‘esihlalweni sezigangi.’ Ngangihlale ngicabanga ukuzibulala. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwangicacela ukuthi kwakumelwe ngifunde ukuzenzela izinto. Nganeliseka ngokusiza ezinye izingane eziyizimpumputhe esasifunda nazo, ngangivame ukuzisiza ukuba zigqoke noma zendlule imibhede yazo.
Umpristi wasitshela ukuthi uNkulunkulu wayesenze saba yizimpumputhe ngenxa yezono ezinkulu zabazali bethu. Lokhu kwangishukumisela ukuba ngimzonde nakakhulu uNkulunkulu, owabonakala njengombangeli wosizi ojabulela ukubona abantu behlupheka. Umcabango wenkolo owawungesabisa futhi ungicasula owokuthi imimoya yabafile yayizulazula ihluphe abaphilayo. Ngakho-ke, nakuba ngangizithanda izingane zakwethu ezashona nomama, ngangiyesaba “imimoya” yabo.
Ngasizwa Ubaba
Ngokuhamba kwesikhathi ubaba wahlangana noFakazi BakaJehova. Wamangala lapho efunda eBhayibhelini ukuthi uSathane ongumthombo wobuhlungu nokufa, hhayi uJehova. (IHubo 100:3; Jakobe 1:13, 17; IsAmbulo 12:9, 12) Ngokushesha ubaba owayesekhanyelwe waqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, wathuthuka ngokomoya futhi wabhapathizwa ngo-1947. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kwalokho wayephinde washada futhi manje wayesenendodana. Ngokuhamba kwesikhathi, umkakhe omusha naye wahlanganyela naye ekukhonzeni uJehova.
Lapho sengineminyaka engu-16 ubudala, ngayeka esikoleni sezimpumputhe. Yeka indlela okwakududuza ngayo ukubuyela emkhayeni ofudumele wamaKristu! Babenalokho ababekubiza ngokuthi isifundo seBhayibheli somkhaya, engamenyelwa kuso. Ngaya nje ngoba ngibonisa inhlonipho nokuthobeka, nakuba ngangingayigxilisi ingqondo. Ngangisabuswa yileyá mizwa ejulile enganginayo ngoNkulunkulu nangenkolo.
Umkhaya wawufunda incwajana ethi God’s Way Is Love. Ekuqaleni, angizange ngibe nesithakazelo, kodwa kamuva ngezwa ubaba echaza isimo sabafile. Lokhu kwangiheha. UmShumayeli 9:5, 10 wafundwa eBhayibhelini: “Abafileyo abazi-lutho, . . . akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.”
Ngaqala ukubona ukuthi ngangesaba ubala. Umama, abafowethu nodadewethu abashona babengeke bakwazi ukungilimaza. Ingxoxo yaqhubekela esihlokweni sovuko. Ingqondo yami yasa nkwé. Inhliziyo yami yachichima injabulo lapho ngizwa isithembiso seBhayibheli sokuthi ngaphansi kokubusa kukaKristu abafile bayovuka! (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 20:12, 13) Manje ngase ngisithanda kakhulu isifundo. Ngangihlala ngibheke phambili osukwini lwale ngxoxo yomkhaya, futhi nakuba ngiyimpumputhe, ngangilungiselela kahle.
Ukubona Ngokomoya
Njengoba ngangithuthuka olwazini lwemiBhalo, yaphela imibono engamanga ngoNkulunkulu nangezindlela asebenzelana ngazo nabantu. Ngafunda ukuthi akukho muntu owenziwa uNkulunkulu ukuba abe yimpumputhe kodwa umnyombo wabo bonke ububi iSitha sakhe, uSathane uDeveli. Yeka indlela engangizisola ngayo ngokuthi ngenxa yokungazi okukhulu, ngangisole uNkulunkulu! Njengoba ngase ngilomele kangaka iqiniso, ngakhula olwazini olunembile lweBhayibheli. Nakuba sasihlala kude neHholo LoMbuso ngangiya kuyo yonke imihlangano yobuKristu futhi ngiphendula. Ngahlanganyela nasemsebenzini wokushumayela ngentshiseko, ngingavumi ukuba ukungaboni kwami kube isithiyo.
Yeka indlela engangijabule ngayo lapho ngibhapathizwa ngo-July 27, 1958, isikhathi esingaphezudlwana nje kweminyaka engu-16 ngemva kwenhlekelele eyangenza impumputhe! Ngaqala kabusha futhi ngangigcwele ithemba. Manje ukuphila kwami kwase kunenjongo—ukukhonza uBaba wasezulwini onothando. Ulwazi ngaye lwangikhulula ezimfundisweni zamanga futhi lwanginikeza isibindi sokubhekana nobumpumputhe bami nobunzima bako ngokuzimisela nangethemba. Ngangivamé ukunikela amahora angu-75 noma ngaphezulu ngenyanga ekushumayeleni kwabanye ngezindaba ezinhle ezimangalisayo.
Ukuchitheka Komshado
Ngo-1966, ngashada nensizwa esasinemigomo efanayo nayo. Kwakubonakala sengathi sizoba nomshado ojabulisayo njengoba sobabili sasisebenzela ukuthuthukisa inkonzo yethu emsebenzini wokushumayela. Ngezinye izinyanga sasisebenza amahora amaningi kulo msebenzi wokusindisa ukuphila. Sathuthela endaweni engayodwa eduze neLivadiá, eGreece emaphakathi. Ngesikhathi silapho, phakathi nonyaka ka-1970 kuya ku-1972, naphezu kwamasosha kahulumeni ocindezelayo owawubusa eGreece ngaleso sikhathi, sakwazi ukusiza abantu abaningi ukuba bafunde iqiniso leBhayibheli futhi babe amaKristu abhapathiziwe. Sajabula nangokusiza ibandla elincane loFakazi BakaJehova kuleyo ndawo.
Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, umyeni wami waqala ukudebeselela isifundo seBhayibheli nemihlangano yobuKristu, futhi ekugcineni wazilahla ngokuphelele izimfundiso zeBhayibheli. Lokhu kwabangela ubunzima emshadweni wethu, okwagcina ngokuba sehlukanise ngo-1977. Ngangikhungatheke ngokuphelele.
Ukuphila Okujabulisayo Nokunezithelo
Ngalesi sikhathi sokucindezeleka okukhulu ekuphileni kwami, uJehova nenhlangano yakhe baphinde bangitakula. Umzalwane ongumKristu onothando wangichazela ukuthi uma ngivumela lesi simo esibangelwe umyeni wami ukuba singincishe injabulo, khona-ke ngokuyinhloko ngizoba yisigqila sakhe. Uzongiphathela isihluthulelo senjabulo yami. Ngalesi sikhathi udade omdala ebandleni lobuKristu wangicela ukuba ngimsize ekuthuthukiseni ikhono lakhe lokushumayela. Ngokushesha ngase ngihileleke ngokugcwele kulokho okwakungilethela injabulo enkulu kakhulu—ukuhlanganyela enkonzweni!
Omunye umKristu wasikisela lokhu: “Ungaqhubeka usiza ezindaweni odingeka kakhulu kuzo. Ungaba isibani esisetshenziswa uJehova uNkulunkulu.” Yeka umcabango ovusa amadlingozi! Impumputhe ibe “isibani esisetshenziswa uJehova”! (Filipi 2:15) Ngaphandle kokulibala ngayishiya i-Athens ngayohlala edolobhaneni lase-Amárinthos, eningizimu ne-Évvoia, indawo enabafundisi beBhayibheli abambalwa kakhulu. Ngosizo lwabangane lapho, ngakwazi ukwakha indlu nokunakekela izidingo zami ngokwanelisayo.
Ngakho-ke, eminyakeni engaphezu kwengu-20 manje, unyaka ngamunye ngiye ngakwazi ukusebenzisa izinyanga eziningi ohlotsheni oluthile lwenkonzo yokushumayela eyandisiwe. Ngamandla avela kuJehova, ngiyakwazi ukuhlanganyela kuzo zonke izici zenkonzo, kuhlanganise nokuhambela abantu emakhaya, ukuqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo nokukhuluma nabantu emigwaqweni. Manje nginelungelo lokuqhuba izifundo zeBhayibheli ezine nabantu abathanda uMdali. Yeka indlela engiye ngajabula ngayo ukubona amabandla amathathu eqhibuka njengamakhowe kule ndawo, kusukela kubazalwane abambalwa eminyakeni engu-20 edlule!
Kabili ngesonto, ngihamba ibanga elingaphezu kwamakhilomitha angu-30 uhambo ngalunye, ukuze ngihlanganyele imihlangano yobuKristu, ngizimisele ukungaphuthelwa nangowodwa. Lapho ngithola ukuthi ingqondo yami iyazulazula—ngenxa yokungasiboni isikhulumi—ngisebenzisa ibhuku lami le-Braille ukuze ngibhale amaphuzu kafushane. Ngale ndlela ngiphoqelela izindlebe zami nengqondo ukuba kulalele. Ngaphezu kwalokho, nginelungelo lokuba omunye wemihlangano yebandla uqhutshelwe kwami. Abantu bayeza bevela emizaneni eseduze ukuze bahlanganyele kulokho okubizwa ngokuthi iSifundo Sencwadi Sebandla. Esikhundleni sokuba njalo ngilindele abanye ukuba bangivakashele, ngithatha isinyathelo kuqala ngibavakashele, okuphumela ekukhuthazaneni.—Roma 1:12.
Lapho ngisemusha ngisahlala nobaba, akazange angiphathe njengengane eyimpumputhe. Ngesineke nangokuphikelela, wayechitha isikhathi esiningi engifundisa ukwenza izinto ngezandla zami. Loku kuqeqeshwa kuye kwangisiza ukuba ngikwazi ukunakekela ingadi nemfuyo yami encane. Ngisebenza kanzima ekhaya, ukuze ngiligcine lihlanzekile ngilungise nokudla. Ngiye ngafunda ukuthi singathola intokozo nenjabulo ezintweni ezincane ekuphileni, kulokho esinakho. Ngiye ngakwazi ukwenza izinto eziningi ngezinzwa zami ezine ezisele—eyokuzwa, eyokuhogela, eyokunambitha neyokuthinta—futhi nganeliseka ngendlela engenakulinganiswa. Lokhu kuye kwanikeza nobufakazi obumangalisayo kwabangaphandle.
Ukusekelwa UNkulunkulu
Abaningi bayamangala ukuthi ngiye ngakwazi kanjani ukuba nethemba eliqhakazile futhi ngikwazi ukuzimela naphezu kwezithiyo enginazo. Ngaphezu kwakho konke, udumo kumelwe luye kuJehova, ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Korinte 1:3) Lapho ngisanda kuba yimpumputhe, ngangihlale ngicabanga ukuzibulala. Ngakho-ke, angikholwa ukuthi ngabe ngisaphila namuhla ukuba akungenxa kaJehova neqiniso leBhayibheli. Ngiye ngaqaphela ukuthi uMdali wethu uye wasinika izipho eziningi—hhayi ukubona kuphela—nokuthi uma sizisebenzisa, singajabula. Ngesinye isikhathi lapho oFakazi beshumayela edolobhaneni engangihlala kulo, omunye wesifazane wabatshela ngami wathi: “UNkulunkulu amkhulekelayo omsiza ukuba afeze zonke lezi zinto!”
Konke ukulingwa kwami kuye kwangisondeza eduze noNkulunkulu. Lokho kuye kwangiqinisa ukholo kakhulu. Ngikhumbula ukuthi nomphostoli uPawulu wahlupheka ngalokho akubiza ngokuthi “iva enyameni,” ngokunokwenzeka kwakuyinkinga yamehlo. (2 Korinte 12:7; Galathiya 4:13) Lokhu akuzange kumvimbele ukuba abe “matasa kakhulu” ngezindaba ezinhle. Njengaye, ngingathi: “Ngakho-ke, ngokuthokoza okukhulu ngingamane ngiziqhayise ngokuqondene nobuthakathaka bami . . . Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.”—IzEnzo 18:5; 2 Korinte 12:9, 10.
Ngaphezu kwakho konke, ithemba lami elisekelwe eBhayibhelini lokuthi ovukweni ngingase ngibone ngamehlo ami umama, odadewethu nabafowethu abathandekayo, ngokuqinisekile linethonya elihle nelinenzuzo kimi. IBhayibheli lithembisa ukuthi “amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa” nokuthi “luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.” (Isaya 35:5; IzEnzo 24:15) Amathemba anjalo angenza ngibheke phambili ngokulangazela ikusasa elikhazimulayo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu!
[Isithombe ekhasini 15]
Ubaba, owatadisha nami iBhayibheli
[Isithombe ekhasini 15]
Ngisekhishini lakwami
[Isithombe ekhasini 15]
Nginomngane wami enkonzweni