Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 8/15 kk. 5-7
  • Ukuvula Amehlo Abone Izindaba Ezinhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvula Amehlo Abone Izindaba Ezinhle
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukunqoba Ubumpumputhe Obungokomoya
  • Okuwukuphela Kwekhambi Elihlala Njalo—UMbuso KaNkulunkulu
  • Injabulo Ezweni Elisha LikaNkulunkulu
  • Siza Abayizimpumputhe Bafunde NgoJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Izimpumputhe Zinaliphi Ithemba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukuphila Ngobumpumputhe
    I-Phaphama!—2015
  • Ayikho Imali Yabayizimpumputhe
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 8/15 kk. 5-7

Ukuvula Amehlo Abone Izindaba Ezinhle

“AKUSHO ukuthi isibhakabhaka asiluhlaza ngenxa nje yokuthi impumputhe ayisiboni,” kusho isaga saseDenmark. Kodwa ekuphileni kwethu kwansuku zonke okumatasa, isibhakabhaka sisibona siluhlaza yini? Ingabe sibheke esikhathini esizayo ngethemba? Siyazikholwa yini ngempela izindaba ezinhle ezinikezwa iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli?

Esihlokweni esandulelayo, sicabangele izici zobumpumputhe obungokoqobo. Manje ake sihlole uhlobo lokubona olubaluleke kakhulu. Luhilela injabulo yethu ehlala njalo kanye namathemba alabo esibathandayo.

Ngokungangabazeki, sibhekene ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1, NW) Yini eyenzekayo njengoba abantu bezabalazela ukuziphilisa, ukubekezelela izinkinga zempilo nezinkinga zomkhaya, nokubhekana nokungalungi okusemphakathini nokuntuleka kothando? Ngokudabukisayo, abaningi bathola ukuthi ukuthembela kwabo kwabanye abantu, enkolweni, nakuhulumeni kuyancipha. Benomuzwa wokuthi alikho ikhambi, abanye baphetha ngokuthi izinkinga zabo ngeke neze zixazululeke ngendlela evamile. Ephephandabeni laseBrazil i-Jornal da Tarde, uJacob Pinheiro Goldberg uyaphawula: “Abantu, lapho izimo ziba zimbi, bazizwa becasuke kakhulu ngamaphutha kangangokuba ababe besacabanga kahle, futhi bathembela enkolweni eyimfihlakalo.” Nokho, ngisho nalapho izinto zingasahambi kahle, sifuna ukusebenzisa ingqondo ehluzekile, akunjalo?

Ake uzicabange okwesikhashana ufunela umkhaya wakho indlu, futhi imali ayiyona inkinga. Mhlawumbe uhamba ubheka izindlu eziningana ezindaweni ezihlukahlukene. Nakuba abathengisi bezindlu bezama ukwanelisa izifiso zakho, indlu oyifunayo awukayitholi. Kodwa, ngenxa yokuthi kuhileleke ukwaneliseka nenhlalakahle yomkhaya wakho, awudangali, akunjalo? Manje cabanga ngenjabulo ezoba khona lapho ekugcineni uyithola indlu obuyifisa.

Njengoba nje ubungachitha isikhathi ubheka indlu efanelekayo, kungani ungahloli iBhayibheli ukuze uthole ikhambi lezinkinga zakho? Njengoba nje kumelwe sihlaziyisise amaqiniso lapho senza izinqumo ngokuphathelene nendlu, ngakho sidinga ukucabangisisa kahle ngalokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu. Futhi okuzuzisa kakhulu kunokuthola indlu ukubona nokwamukela kwethu iqiniso ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. UJesu wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo‚ nomthumileyo‚ uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Kodwa uma isigijimi seBhayibheli sibaluleke kangako, kungani abaningi kangaka besalokhu bengaziboni izindaba ezinhle ezikulo? Isizathu sokuqala, esingase simangaze abaningi siwukuthi, “izwe lonke [lisemandleni omubi, NW].” (1 Johane 5:19) Ngenxa yalokho, uSathane uDeveli “uphuphuthekisile ingqondo yabo‚ ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:4) Nakuba sibona ngamehlo, ubuchopho bethu obuhlaziya ukukhanya okungena esweni. Ngakho, ukuba impumputhe kubuye kuchazwe ‘njengokungakwazi noma ukungafuni ukuqonda noma ukwahlulela.’ Lokhu kusikhumbuza isisho esidumile esithi: “Ongaboni ongafuni ukubona.”

Umuntu oyimpumputhe akakuboni okuphambi kwakhe, ngakho angase abe sengozini yokulimala. Ubumpumputhe obungokoqobo babaningi abunakulungiswa manje, kodwa akekho umuntu obophekile ukuba ahlale eyimpumputhe ngokomoya.

Ukunqoba Ubumpumputhe Obungokomoya

Njengoba nje izimo zokuhlanzeka ezingezinhle zingawalimaza amehlo, nendawo ezungezile eyonokalisayo ingabubangela ubumpumputhe obungokomoya. Ngaphezu kwalokho, uJesu Kristu waxwayisa ngezimfundiso namasiko abantu. Wacacisa ukuthi abaholi benkolo emuva ngalesosikhathi babewudukisa umhlambi wabo: “Bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe‚ ziyakuyela emgodini zombili.”—Mathewu 15:14.

Kunokuba bakhohliswe abaholi abayizimpumputhe, yeka indlela abajabula ngayo labo abavula amehlo abo ukuze babone izindaba ezinhle eziphathelene noMbuso kaNkulunkulu! UJesu wathi: “Mina ngizele ukwahlulela kulelizwe ukuba abangaboniyo babone.” (Johane 9:39) Ngakho, labo abayizimpumputhe ngokomoya bangabona kanjani? Nokho, ake siqhubeke nokuhlola kwethu ubumpumputhe obungokoqobo.

Manje sekunamalungiselelo ahlukahlukene alabo abaxhwale ngamehlo. Lokhu kwakungenjalo ngaphambili. Ayikho imizamo eqotho ngempela eyayenziwa ukuze kusizwe izimpumputhe ngaphambi kokuba uValentin Haüy asungule isikole esikhethekile sezimpumputhe ngo-1784. Kamuva, uLouis Braille waqamba lesisimiso esesaziwa ngegama lakhe; lokho wayekwenzela ukusiza labo abaxhwale ngamehlo ukuba bafunde.

Kuthiwani ngezimpumputhe ezingokomoya? Eminyakeni yamuva kuye kwenziwa imizamo eqotho yokumemezela izindaba ezinhle ngisho nasezindaweni ezikude kakhulu zomhlaba. (Mathewu 24:14) OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukuletha ithemba kulabo abayizimpumputhe ngokomfanekiso nangokoqobo.

Owesifazane othile waseBrazil wabhala: “Ngifuna ukusho ukuthi naphezu kokukhubazeka kwami emzimbeni, ngiyabona—ngokomoya. Yeka indlela uNkulunkulu amangalisa ngayo! Siyajabula ngokwazi ukuthi ‘uJehova uyovula isandla sakhe; asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.’” (IHubo 145:16) NoJorge, oyimpumputhe ngokoqobo, uyakhumbula: “Ukuphila kwami kungahlukaniswa kahle kube izingxenye ezimbili: okwangaphambi kokuthintana noFakazi nokwangemva kwako. . . . Ngenxa yabo, ngaqala ukulibona ngokucacile nangokugqamile izwe. Ngijabulela ubuhlobo obuhle kakhulu nawo wonke umuntu ebandleni.” Nakuba lokho kujabulisa, iBhayibheli lisinikeza isiqinisekiso sokuthi ngokushesha akekho umuntu emhlabeni ozobe eyimpumputhe—ngokoqobo noma ngokomoya. Kuyokwenzeka kanjani lokho? Kuyobonisa kanjani emhlabeni wonke ukuthi “uJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone”?—IHubo 146:8.

Okuwukuphela Kwekhambi Elihlala Njalo—UMbuso KaNkulunkulu

Naphezu kolwazi olwandile lwezokwelapha, inqwaba yezifo isaqhubeka ibangela ubumpumputhe, ubuhlungu, nokufa. Yini-ke edingekayo ukuze kuqedwe ukungondleki kahle, izimo zezempilo ezingezinhle, nokukhungatheka okususa ukubona nenjabulo yokuphila? Ukuphulukisa kukaJesu izimpumputhe nabanye kwakubonisa ngezinga elincane lokho okuyokwenzeka esikhathini esizayo. Ngokujabulisayo, ukufundisa nomsebenzi wakhe wokushumayela kwakubonisa izibusiso ezizodluliselwa emhlabeni ngaphansi kukahulumeni woMbuso kaNkulunkulu.

Ukuphulukisa ngezinga lomhlaba wonke kuseduze.a Loluhlelo lwaphezulu lokuphulukisa luchazwe kahle umphostoli uJohane: “Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu‚ uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila‚ uthela izithelo eziyishumi nambili‚ uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga‚ namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.”—IsAmbulo 22:1, 2.

Amazwi anjengathi “amanzi okuphila” nathi “imithi yokuphila” abonisa ukuthi ngemva kokuphela kwesimiso esibi sanamuhla, amalungiselelo okuphulukisa oMbuso kaNkulunkulu kancane kancane ayoletha isintu ekupheleleni. Eqinisweni, izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaJesu (kuhlanganise nokuthethelelwa okuphelele kwezono), kanye nolwazi ngoJesu Kristu noYise, kuyoletha impilo ephelele nokuphila okuphakade.—Johane 3:16.

Injabulo Ezweni Elisha LikaNkulunkulu

Cabanga nje ngomhlaba ungasenabo ubugebengu, ukungcola, noma ubumpofu. Cabanga ngomkhaya wakho usuhlala ngokuthula ePharadesi elibuyiselwe. (Isaya 32:17, 18) Yeka injabulo okuyoba yiyo ukubona izinhlobonhlobo zemibala sinengqondo nezinzwa okuphelele!

“Isimo esingokwemvelo somuntu siwukuba aphile endaweni eshintshashintsha njalo—ukushintsha kokukhanya, imibala, ukwakheka. Ayikho into eyisidina emvelweni,” kusho uFaber Birren. “Imibala ingenye yezinto zemvelo ezijabulisayo zalomhlaba. Kumelwe ibe khona emvelweni, hhayi ngesilinganiso esincane, futhi ukuphila okumnandi kuxhomeke kakhulu kuyo.”

Yeka ukuthi isipho sokubona siyigugu kangakanani! Yeka injabulo okuyoba yiyo lapho amehlo alabo ababekade beyizimpumputhe—ngokoqobo noma ngokomoya—esebona!

Yebo, ePharadesi elibuyiselwe elizayo, ubumpumputhe nokunye ukukhubazeka ngeke kusakubangela ukudumazeka! Akekho oyophinde adukiswe. Ngenxa yokuthi kuyokwanda uthando loqobo, bonke bayobe bekhanyiselwe ngokomoya. Lokho, kanye nokunye okwengeziwe, kuzokwenzeka esikhathini esizayo esiseduze, kodwa manje isikhathi sokuba sivunyelwe yiLowo ozogcwalisa lesisithembiso esingokwesiprofetho: “[Ngalesosikhathi, NW] amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa”!—Isaya 35:5.

[Umbhalo waphansi]

a Siza uhlole ubufakazi obusencwadini ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, isahluko 18, ekhishwa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 7]

Ngalesosikhathi amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela