Intsha Iyabuza . . .
Ngingayigxilisa Kanjani Ingqondo Yami Ezintweni?
“Ngachitha iminyaka ngiya emihlanganweni kodwa ngingazuzi lutho. Ingqondo yami yayimane izule.”—UMatthew.
WAKE wahlala yini ekilasini esikoleni noma emhlanganweni wobuKristu futhi ngokungazelelwe waqaphela ukuthi awazi ukuthi kuxoxwa ngani? Uma ingqondo yakho ike izule ngezinye izikhathi, awuwedwa. Njengoba isihloko esandulele sabonisa, ukungakwazi ukugxilisa ingqondo kwandile phakathi kwentsha.a Nokho, ngokwenza umzamo omncane nangokulungisa isimo sengqondo, ungakwazi ukwandisa ikhono lakho lokugxilisa ingqondo.
Yiba Nesithakazelo
Cabanga ngomgijimi oqeqeshiwe. “Wonke umuntu onengxenye emncintiswaneni ubonisa ukuzithiba ezintweni zonke,” kusho umphostoli uPawulu. Uma umgijimi ezivumela ukuba aphazamiseke ngisho nesikhashana nje, lokho kungamenza angaphumeleli emncintiswaneni. Ukuze aphumelele, kumelwe afunde ukugxilisa ingqondo—angawunaki umsindo wezihlwele, angazinaki izinhlungu nokukhathala, awukhiphe engqondweni umcabango wokuthi ngeke aphumelele. Kodwa yini egqugquzela abagijimi ukuba babe nomfutho ongavamile kangaka? Ngokomphostoli uPawulu, bakwenza ukuze “bathole umqhele owonakalayo”—izindebe nezindondo ezinikezwa abanqobile.—1 Korinte 9:25.
Ngokufanayo, nawe kudingeka ugqugquzelwe ukuze ulalele! Incwadi ethi Study Is Hard Work kaWilliam H. Armstrong, ithi: “Kuwumthwalo wemfanelo womfundi ukuba abe nesithakazelo ezifundweni. Akukho muntu ongakwenzela lokho, futhi akukho muntu ongakhulisa isithakazelo sakho kuzo uma ungafuni.” Ulwazi luyisihluthulelo sokwazi izwe elikuzungezile. Lapho wazi kakhudlwana, kulapho ungafunda kakhudlwana. “Ukwazi kulula koqondayo,” kusho izAga 14:6. Ungase ungazikhumbuli zonke izinto ozifunda esikoleni, kodwa okungenani, isikole sikusiza ukuba uqeqeshe futhi uhlakulele ikhono lokucabanga. (Qhathanisa nezAga 1:4, NW.) Ukuqeqesha ingqondo nekhono lokuyigxilisa kuyokusiza ukuphila kwakho konke.
Othisha Abangenamdlandla Nabazelisayo
Nokho, enye intsha ikhononda ngokuthi ngisho nothisha bayo kubonakala sengathi abanasithakazelo. Osemusha okuthiwa uJesse uthi: “Othisha bama phambili, basho okuthile, bakunikeze isabelo, maqede bathi hamba. Ngicabanga ukuthi nabo sebeyayekelela. Othisha ababonisi ukuthi kubalulekile, ngakho-ke nathi asisiboni isidingo sokulalela.”
Khona-ke, ingabe kufanele uphethe ngokuthi kuwukuchitha isikhathi ukulalela? Akunjalo. Othisha abaningi kungenzeka ukuthi baxakwe izinto eziningi ezibakhathazayo. Osemusha okuthiwa uCollin uyachaza: “Akukho muntu olalela othisha, ngakho-ke othisha bacabanga ukuthi akukho muntu ofuna ukufunda. Khona-ke baphelelwa umdlandla nentshiseko lapho befundisa.”
Kungakhathaliseki ukuthi uyakukholelwa noma cha, ungakwazi ukuqeda lo mkhuba. Kanjani? Ngokumane nje ulalele. Ukulalela komfundi oyedwa nje kungenza ukuba uthisha ongenamdlandla abuye abe nesithakazelo emsebenzini wakhe. Kuyavunywa, abanye othisha abakwazi nhlobo ukugcina izingane zinesithakazelo ekilasini. Kodwa ngaphambi kokuvumela ingqondo yakho izule, zibuze, ‘Ingabe uthisha uyakwazi lokho akhuluma ngakho?’ Uma kunjalo, zimisele ukufunda okuthile kuye. Lalelisisa—gxilisa ingqondo! Hlanganyela ezingxoxweni zasekilasini. Buza imibuzo efanele. Incwadi ethi How to Study in High School iyaphawula: “Abafundi abaningi kuyabasiza ukubhala phansi imidwebo, amagama, amashadi, izincazelo, nemiqondo eyinhloko uthisha ayibhala ebhodini noma ayigcizelelayo.”
‘Ukunaka Ngaphezu Kokujwayelekile’
Nokho, ukulalela emihlanganweni yobuKristu kuyindaba yokufa nokuphila. UJesse uyavuma: “Ngezinye izikhathi intsha ayizinaki izinto ezinjengemihlangano ngoba ayazi ukuthi imihlangano ibaluleke kangakanani.” KumaHeberu 2:1, siyalwa ukuba “sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esazizwa, ukuze singalokothi sikhukhuleke.” Ngemva kokuya emhlanganweni webandla, ingabe kukhona okuthile ongakukhumbula enkulumweni ngayinye? Noma ngezinye izikhathi uthola ukuthi ukhohlwe ngisho nawukuthi obani ababeke izinkulumo?
Nalapha futhi, kuxhomeke ekutheni uyakubona yini ukubaluleka kwalokho okufundayo. Phela, ukuphila kwakho kuhilelekile! (Johane 17:3) Elinye iphuzu ongacabanga ngalo yileli: Lapho ufunda iBhayibheli, ufunda ukucabanga njengoNkulunkulu! (Isaya 55:8, 9) Futhi uma usebenzisa lokho okufundayo, ugqoka lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ubuntu obusha.” (Kolose 3:9, 10) Ngakolunye uhlangothi, uma ungalaleli, ungase ungathuthuki ngendlela edingekile ekuphileni kwakho; uyobhashisa intuthuko yakho engokomoya. UJehova uyazi ukuthi sonke sithambekele ekuvumeleni izingqondo zethu ziphazamiseke. Ngakho-ke, uyasincenga: “Ngilaleleni nokungilalela . . . Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu.”—Isaya 55:2, 3.
Indlela Yokuzuza Ngokugcwele Emihlanganweni
Noma kunjalo, ukulalelisisa emihlanganweni kungase kube nzima ekuqaleni. Kodwa abacwaningi bathi lapho sizijwayeza ukugxilisa ingqondo, kulapho ubuchopho bethu buba nekhono lokukwenza. UMatthew, ocashunwe ekuqaleni, wakunqoba ukuthambekela kwengqondo yakhe ekuzuleni phakathi nemihlangano. Uthi: “Ngathola ukuthi kufanele ngizithibe ukuze ngilalele. Ngemva kwesikhashana kuba ngcono, futhi usungakwazi ukulalela isikhathi eside.” UMatthew uphawula nesici esisodwa esibaluleke kakhulu esimsiza ukuba ajabulele imihlangano. Uthi: “Ngilungiselela kusengaphambili.” Omusha okuthiwa uCharese naye uthi: “Uma ngilungiselele, ngizizwa ngihilelekile emihlanganweni. Izinkulumo zijula kangcono futhi zibaluleke kakhulu kimi.”
Ukuvimbela imicabango ephazamisayo nakho kubalulekile. Yiqiniso, ungase ube nezinto eziningi ezikhathaza ingqondo yakho ngokufanelekile: ukuhlolwa ozokubhala ngesonto elizayo, ukulwa nobuthakathaka bakho okukukhathazayo, izindleko okudingeka uzikhokhe. Kodwa uJesu wanikeza lesi seluleko: “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebudeni besikhathi sakhe sokuphila? Ngakho, ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.” (Mathewu 6:27, 34) Ukugxila emihlanganweni yobuKristu ngeke kuqede izinkinga zakho, kodwa kuyokuvuselela ngokomoya ukuze ukwazi ukubhekana kangcono nezinkinga.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:16.
Ukulalelisisa kungase kukusize ugxilise ingqondo. UMatthew uthi: “Ngizama ukucabanga kusengaphambili ukuthi isikhulumi sizothini enkulumweni yaso bese ngibona ukuthi sikusho kanjani.” Zibuze, ‘Yimaphi amaphuzu ayinhloko okuxoxwa ngawo? Ngingakusebenzisa kanjani lokho okufundiswayo?’ Ukucabanga ukuthi isikhulumi sesizothini kungakusiza ukuba ugxilise ingqondo yakho. Zama ukuhlanganisa imiqondo yenkulumo. Phawula ukuthi siyihlanganisa kanjani nemiBhalo. Cabanga ngamaphuzu asemqoka futhi uwabukeze. Wabhale phansi kafushane. Uma ingxenye ethile idinga ukuba izilaleli zihlanganyele, hlanganyela nawe! Ukwenza kanjalo kungakusiza ukuba ugcine ingqondo yakho ihilelekile futhi ingazuli.
Kuyavunywa, ukulalela kungase kube inselele uma isikhulumi esithile singashiseki noma sinambuzela. Khumbula ukuthi amanye amaKristu ekhulu lokuqala athini ngekhono lokukhuluma lomphostoli uPawulu: “Ukuba khona kwakhe ngesiqu kubuthakathaka nokukhuluma kwakhe kudelelekile.” (2 Korinte 10:10) Kodwa uPawulu waphendula ukugxeka okunjalo ngokuthi: “Ngisho noma ngingenalo ikhono ekukhulumeni, ngokuqinisekile angiyena ongenalo olwazini.” (2 Korinte 11:6) Yebo, ukube izilaleli zikaPawulu zabheka ngalé kwekhono lakhe lokukhuluma futhi zagxila ekubalulekeni kwalokho ayekusho, ngabe zafunda okuningi ‘ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10) Ngokufanayo, nawe ungafunda ngisho nasesikhulumini “esinambuzelayo,” uma ugxilisa ingqondo futhi ulalela. Kwazi bani? Mhlawumbe singase sichaze okuthile noma sisebenzise umbhalo ngendlela ongakaze uyicabange ngaphambili.
Amazwi kaJesu akuLuka 8:18 akubeka kahle ngamafuphi lokhu: “Nakani indlela enilalela ngayo.” Kuyavunywa, ukufunda ukulalela—ingqondo ingazuli—kuyodinga umzamo nokuzijwayeza. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi uyovuna izinzuzo. Ukufunda ukugxilisa ingqondo kungase kukwenze uthole amamaki angcono, kanti okubaluleke nakakhulu, kungakwenza ukhule ngokomoya!
[Imibhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngingakwazi Ukugxilisa Ingqondo?,” esikumagazini ka-July 22, 1998.
[Isithombe ekhasini 20]
Ukuba nesithakazelo kulokho okuzwayo kuyisihluthulelo sokulalelisisa