I-cock-of-the-Rock Ubuhle Basehlathini Lase-Amazon
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRAZIL
NGISHO nezazi zemvelo ezingezona izimbongi zigcina seziyihasha i-cock-of-the-rock yaseGuiana uma zithi ziyayichaza, uphumalanga sikothe wasemahlathini emvula ase-Amazon, obonwa ingcosana.a “Ubukhazikhazi bamalangabi,” kubhala esinye. “Inkanyezi enomsila ekhazimulayo,” kusho esinye. “Ayidlulwa yilutho . . . ngokukhanga okukhazimulayo,” kuphetha esesithathu. Bonke bayavuma ukuthi, uma uke wayibona ngeke uyikhohlwe. Kodwa-ke, kungani ikhumbuleka kangaka le nyoni engangejuba? Phakathi kokunye, kungenxa yombala wayo okhangayo.
I-cock-of-the-rock yeduna isho ngesiqhova esinombala osawolintshi esifana nesiphephetha-moya futhi esilusitha ngokuphelele uqhwaku lwayo. Imithende ensundu ngokubomvu, ezungeleza lesi siqhova esime njengocezu lwendilinga, isenza sigqame. Ukusuka esiqhoveni kuya ezinzisheni, eziningi zezimpaphe zale nyoni zinombala osawolintshi. Amaphiko ayo amnyama anebala elimhlophe nezimpaphe ezithambile ezinombala osawolintshi ngokusagolide, okuyenza ibukeke sengathi isongwe ngetshali. Incwadi ethi Birds of the Caribbean ikubeka ngamafuphi, ithi: “Umzimba wazo nokubukeka kwazo kukhanga ngendlela engachazeki.” Nokho le nyoni ayigcini nje ngokuba yinhle. Izimpaphe zayo zibonisa ubuntu nokuziphatha kwayo. Kanjani?
Uzovuma ukuthi ehlathini lemvula elimnyama, ngeke ugqoke ingubo enombala osawolintshi ngokugqamile uma ungafuni ukubonakala. Nokho, lo swenka wasehlathini ufuna ukubonwa. Usebenzisa ubuhle bakhe ukuze axoshe izimbangi futhi akhange kulabo abeshelayo.
Izingxabano Zemingcele Nokubanga Ifa
Ngasekuqaleni konyaka, phakathi nenkathi yokukhwelana, ama-cock-of-the-rock angamaduna ehlela ezindaweni zehlathi ezinemingcele ecacile ezibizwa ngokuthi ama-lek, eziyizinkundla zemibukiso yemidanso yokweshelana kwezinyoni yaminyaka yonke. Leli gama elithi “lek” cishe lisuselwa egameni eliyisenzo lolimi lwaseSweden elithi att leka, elisho “ukudlala.” Yiqiniso, eminyakeni eminingi izazi zemvelo zazicabanga ukuthi ukutshakadula kwezinyoni kokweshelana kumane nje kuwumdlalo—isenzakalo esijabulisayo sasenkundleni yasehlathini. Nokho, muva nje zithole ukuthi i-lek ayiyona nje inkundla yomdanso kuphela kodwa futhi iyindawo yokubambana neyemibukiso. Ngani?
Ngemva kokuba iqembu lama-cock-of-the-rock angamaduna litheleke kuyi-lek, inyoni ngayinye isusa amaqabunga awile esiqintini senkundla yehlathi njengophawu lokuthi indawo yayo. Ithatha nezindawo zokuqhwakela ezihlahleni zomvini ezingenhla kwendawo yayo, ukuze indawo ibe isiyingi cishe esingamamitha angu-1,5 ububanzi namamitha amabili ukuphakama. Umcwaningi uPepper W. Trail, uthi uma izinyoni ezingu-50 ziminyene kuyi-lek eyodwa, izindawo zazo “ziba phakathi kweziminyene kakhulu kunanoma iyiphi i-lek yezinyoni.” Uba yini umphumela? Izingxabano zemingcele nokubanga ifa.
Ukuxabana kwazo zibanga imingcele kufana nomdanso wempi ojabulisayo kodwa ongenangozi—ukunqekuza kwekhanda, ukuvala uqhwaku, ukubhakuzisa amaphiko nezimpaphe okuhambisana nomsindo onjengoweqhude nokugxumela emoyeni. Ngemva komzuzu noma emibili, lapho sezidelisene inkani, zombili ziyahoxa zibuyele ezindaweni zazo. Nokho, uma zombili izinyoni zifuna ingxenye ye-lek eyodwa ekhethekile engenamnikazi ngenxa yokuthi kwafa enye inyoni, ingxabano iphenduka impi yangempela yokulwela ifa.
“Lezi zinyoni zibambana ngezinzipho zazo ezinamandla, zibhulane ngezimpiko, futhi zibambane ngoqhwaku ngezikhathi ezithile. Izimpi ezinjalo zingathatha ngisho namahora amathathu futhi ezilwayo zigcine sezihefuzela,” kubhala uTrail kumagazini i-National Geographic. Uma ingekho ehlulwayo ngemva komzuliswano wokuqala, lezi zinyoni ziyaphumula, kodwa ngemva kwalokho kuphinda kube uqhude manikiniki kuze kube yilapho kutholakala indlalifa. Yingakho nje le nyoni ibizwa ngokuthi i-“cock”-of-the-rock (iqhude lasemadwaleni)!
Nokho, ngaphandle kokupholisa amaseko, imbangi enochuku iyashintsha ifane nesithombe esiphilayo, bese i-lek iba yindawo yombukiso. Kungani sekulandela lokhu? Ingxenye yokugcina yegama lale nyoni i-cock-of-the-“rock,” (iqhude lasemadwaleni) iyona ephendulayo.
Ezishaye Zonke U- . . .
Ngesikhathi ezingamaduna zilwa enkundleni yehlathi, izinyoni ezimbalwa ezinemibala engagqamile zilungisa izidleke zazo ngokuthula emigodini efihlekile emadwaleni aseduze. Yebo, zingama-cock-of-the-“rock” ayizinsikazi. Ngokungafani neyeduna, eyensikazi ngeke iwungenele umzuliswano wokugcina emncintiswaneni wonobuhle bezinyoni. Umcwaningi uDavid Snow ubhala ngobuciko ethi, “iyinyoni ehluke kakhulu.” Ikhanda layo linesiqhova esincane, “esincane kakhulu kunesiqhova seyeduna esihle kakhulu, okumane nje kwenze ikhanda libukeke ngendlela ehlekisayo.” Umzimba wayo onsundu “omkhulu nomé kabi,” uthwelwe imilenze yayo emifushane nezinyawo ezinkulu.
Noma kunjalo, oswenka basehlathini bayayithanda. Lapho intweza iyohlala emagatsheni angaphezu kwe-lek, itshiyoza kakhulu ithi kiuoou, yenze wonke amakhanda ezinyoni ezingamaduna aphenduke ayibuke bese yenza umbukiso ophakathi “kwemibukiso yokweshelana kwezinyoni ethakazelisayo nedl’ubhedu kunayo yonke.” (The Life and Mysteries of the Jungle) Bese kwenzekani? Umcwaningi uTrail uyachaza ukuthi uma iqala ukubonakala eyensikazi, “kuyi-lek ubona ngokuphithizela kwemibala, ukugxumagxuma nomsindo,” njengoba ngayinye inyoni yeduna izama ukuzidlisela ogageni ezinye futhi idlisele esivakashini. Okulandelayo, ezingamaduna ziyasuka lapho ziqhwakele khona bese ziklabalasa, zibange umsindo ziyohlala ezindaweni zazo ezisenkundleni. Ukushaya kwazo amaphiko kwenza ukuba eyensikazi izinake futhi kususe namaqabunga awile ezindaweni zazo. Khona-ke, ngokungazelelwe, kuthula kuthi cwaka. Sekuyisikhathi sokukhetha ezishaye zonke.
Inyoni yeduna ngayinye ithi ukugoba, amaphiko ayo evulwe ngokuphelele, ithule inganyakazi sengathi ibanjwe ugesi. Isiqhova sayo esivulekile simboza uqhwaku lwayo ngesikhathi izimpaphe zayo ezithambile zisitha umzimba wayo, ziyenza ibukeke njengembali enombala osawolintshi ewele phansi. Enye incwadi ithi: “Umbukiso we-cock-of-the-rock umangaza kangangokuthi uma uqala ukuyibona ngeke ukholwe ukuthi inyoni.”
Nokho, eyensikazi iyakwazi ukuhlukanisa imbali nesesheli bese yehlela kwezingamaduna ezintathu noma ezine ezisuke zithule, imizimba yazo iyizicaba futhi zifulathele eyensikazi. Nokho, amakhanda azo atshekile ukuze iso elilodwa libheke phezulu, libheke umvuzo. Kudlula imizuzu njengoba eyensikazi isadla amathambo engqondo, kodwa ekugcineni iyamkhetha othole isicoco. Yehlela eduze kwesithandwa sayo, igxumagxume eduze kwaso, incike ngaso, ingcofe izimpaphe ezikhazimulayo zamaphiko aso. Eyeduna ibe isiqala ukunyakaza futhi. Zikhwelanela endaweni yayo noma endaweni yokuqhwakela eseduze. Ngemva kwalokho, eyensikazi iyahamba. Ivame ukuphindela kuyo leyo nyoni yeduna uma kufika inkathi yokukhwelana elandelayo.
Kuze kube inkathi yokushelana elandelayo, uswenka wasehlathini uyakhohlwa umngane wakhe futhi akazikhathazi nangokunakekela amaphuphu. Engazi nokuthi lidume ngaphi, ulungela umbukiso olandelayo kuyilapho eyensikazi ikhulisa umkhaya iyodwa. Yebo, kuzwakala sengathi awuhlukanisiwe kahle umsebenzi, kodwa ngempela kungcono ngeyensikazi namaphuphu ayo ukuba eyeduna ihlale kude nabo. Phela, ukuzulazula kwenyoni enombala osawolintshi eduze kwesidleke sakho akunangqondo njengokubeka uphawu olukhanyayo lapho ucashe khona.w
Isizukulwane Esilandelayo
Izimpaphe zeyensikazi ezinombala ongakhangi zifukamela amaqanda amabili ansundu anamachashazi ewazalela esidlekeni esikhulu sodaka esinanyatheliswe odongeni lwedwala ngamathe enyoni. Ngemva kokuba eyensikazi ifukamele amaqanda amasonto amane, ayachanyuselwa. Nakuba engemahle lapho esanda kuzalwa, akuhlomele kahle ukuphila esidlekeni. Umcwaningi uTrail uchaza ukuthi ngokushesha ngemva kokuphuma emagobolondweni, abambelela ngezinzipho zawo ezicijile esidlekeni abese exhakathisa ngemilenze yawo eqinile uma unina ethi uyasukuma.
Unina uwondla ngenkuthalo amaphuphu ngezithelo futhi ngezikhathi ezithile uwanika izinambuzane noma izibankwa. Ngemva konyaka, izimpaphe zeyeduna esencane zisuke zisensundu, kodwa ikhanda layo kakade lisuke selinaso isiqhova esincane. Lapho isineminyaka emibili, izimpaphe zayo ezinsundu ziyashintsha zibe nombala osawolintshi ngokusagolide oyenza ibe “enye yezinyoni ezinhle kakhulu emhlabeni,” njengoba esinye isazi semvelo sabhala.
Naphezu kokuqothulwa kwamahlathi ayikhaya le-cock-of-the-rock, abathandi bemvelo bathemba ukuthi umuntu ngeke aphuce lo mdansi wase-Amazon onombala ogqamile ithuba lokuqhubeka nomdanso wakhe othakazelisayo.
[Imibhalo waphansi]
a Lolu hlobo lwenyoni alufani ne-cock-of-the-rock yasePeru, ehlala emimangweni yeziNtaba zase-Andes eBolivia, eColombia, e-Ecuador nasePeru.
[Ibhokisi ekhasini 17]
Umazisi We-Cock-of-the-Rock
Igama lezesayensi: Rupicola rupicola, noma “ohlala emadwaleni”
Umkhaya: Cotingidae
Izindawo etholakala kuzo: Enyakatho yeNingizimu Melika, e-Amazon nasezindaweni eziyizungezile
Ubude: Cishe ingamasentimitha angu-30
Isidleke: Senziwe ngodaka nangezitshalo okuhlanganiswa ngamathe, sinesisindo esingamakhilogremu angu-3,9
Amaphuphu: Ngokuvamile izalela amaqanda amabili ngonyaka; ifukamela izinsuku ezingu-27 kuya kwezingu-28—“esinye sezikhathi zokufukamela ezinde kakhulu ezaziwayo zenyoni eqhwakelayo”
[Amabalazwe ekhasini 16]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Lapho kuhlala khona i-“cock-of-the-rock” yaseGuiana
SOUTH AMERICA
[Umthombo]
Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
Kenneth W. Fink/Bruce Coleman Inc.