Ukuguqukela Kwesinye Isimo—Ingabe Lokho Okubonayo Kuyiqiniso?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECENTRAL AFRICAN REPUBLIC
KWAKUSHONE inyanga. Kodwa kwabaningi esixukwini esasibuthene ngaphandle komuzi wayo, yayimane nje iguqukele kwesinye isimo. Ngoba ngesikhathi ishona, kwabonakala inhlwathi enkulu iphiqilika ngaphandle komnyango wakwayo! Kwabanye lokhu kwakumane kwaqondana nje. Kodwa kwabanye, kwakuwubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi inyanga yayisishintshé yaba inhlwathi—iguqukele kwesinye isimo!
Ezingxenyeni eziningi ze-Afrika, umqondo wokuthi umuntu angashintsha noma ashintshwe abe isilwane ugxilile. Kukholelwa ukuthi abathakathi banamandla okuzishintsha babe izingwe nezinhlwathi. Wandile nomqondo wokuthi umthakathi angaguqula abanye babe izilwane. E-Afrika esentshonalanga kukholelwa ukuthi abathakathi bangathumela imimoya yabantu ngezinyoni nezinye izilwane ukuze ibalimaze. E-Afrika ephakathi abanye abanakulokotha babulale indlovu noma inyoka, ngoba besaba ukuthi isihlobo esifile kungenzeka siye sashintsha saba esinye salezi zilwane.
Nakuba izinkolelo ezinjengalezi zingase zibaxake nje abanye, abaningi e-Afrika bakholelwa ukuthi ukuguqukela kwesinye isimo okunjalo kuye kwaqinisekiswa ofakazi bokuzibonela. Baphikisa ngokuthi izindaba eziningi ezixoxwa ngokuphindaphindiwe abantu abanengqondo akukwazi ukuthi zaziqondanela nje.
Kuyiqiniso futhi ukuthi izinkolelo ezifanayo zingatholakala ezweni lonke. Ngokwesibonelo, eJapane kukhona inkolelo yokuthi abantu bangaba izimpungushe, izinja nezinsele. Amasiko aseYurophu nawo anezinganekwane zabantu abaguquka ebusuku babe izimpisi ezibulalayo. Kwezinye izingxenye zomhlaba, kunezinganekwane zamahlosi, izinkunzi zezingulube zasendle, izingwenya ngisho namakati okungaguquka kube sesimweni somuntu noma sesilwane.
Ingabe ImiBhalo Iyakusekela?
Abanye baze bathi imiBhalo ngokwayo iyakuvumela ukukholelwa ekuguqukeleni kwesinye isimo okungaphezu kokwemvelo. Izindaba ezine ezilandiswa yiBhayibheli zivame ukucashunwa njengobufakazi. Kweyokuqala, uJesu waxosha amademoni emadodeni amabili, futhi ngemva kokuba exoshiwe, amademoni angena emhlanjini wezingulube. (Mathewu 8:28-33) Kweyesibili, elotshwe kuNumeri 22:26-35, imbongolo kaBileyamu yakhuluma naye. Kweyesithathu, mhlawumbe eyaziwa kakhulu kunazo zonke lezi ezinye, inyoka yakhuluma no-Eva ensimini yase-Edene.—Genesise 3:1-5.
Nokho, ukubhekisisa lezi zindaba kwembula ukuthi ngokuqinisekile azizona izibonelo zokuguqukela kwesinye isimo. Cabanga ngendaba yezingulube ezangenwa amademoni. IBhayibheli alisho ukuthi lezi zingulube zazingabantu ababeguquke baba izilwane. Cha, ukulandisa kuthi ngaphambi kokuba ungenwe amademoni ‘umhlambi wezingulube eziningi wawuklabile.’ (Mathewu 8:30) Amademoni kaSathane angena ezingulubeni, hhayi imimoya yabantu.
Kuthiwani ngembongolo kaBileyamu nenyoka e-Edene? Endabeni yembongolo, iBhayibheli lisho ngokuqondile ukuthi “uJehova wavula umlomo wembongolo,” ukuze ikhulume. (Numeri 22:28) Kwakungeyena umuntu owayeguqukele kwesinye isimo. Futhi endabeni yenyoka e-Edene, iBhayibheli lichaza umoya omubi onguSathane uDeveli ngokuthi “inyoka yokuqala.” (IsAmbulo 12:9) USathane owakhuluma ngenyoka futhi “yayenga u-Eva ngobuqili bayo.” (2 Korinte 11:3) Yebo, kokubili imbongolo kaBileyamu nenyoka kwakuyizilwane—ngaphambi kokuba kukhulume, ngesikhathi kukhuluma nangemva kwaloko.
Indaba yesine evame ukucashunwa imayelana nenkosi ezidlayo yaseBabiloni uNebukadinesari. IBhayibheli lithi uNkulunkulu wathobisa uNebukadinesari. “Inhliziyo yakhe yaba-njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamatiswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu.” (Daniyeli 5:21) Phakathi neminyaka engu-7 ehlanya, uNebukadinesari wayebukeka futhi enza izinto njengesilo. NgokukaDaniyeli 4:33, “zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.” Noma kunjalo, inkosi ayizange ngempela ihlume izimpaphe noma ibe nezinzipho zezilwane. Yahlala ingumuntu!
Umqondo wokuguqukela kwesinye isimo okungekona okwemvelo uphambene ngokuqondile nezimfundiso zeBhayibheli. Ngenxa yokuthi iBhayibheli libonisa ukuthi umuntu akanawo umphefumulo ohlukile emzimbeni ongayohlala esilwaneni. Kunalokho, umuntu ngokwakhe ‘ungumphefumulo ophilayo’! (Genesise 2:7) Ukuguqukela kwesinye isimo akuvumelani nohlelo olungokwemvelo olwasungulwa uJehova uNkulunkulu. Izilwane zazenzelwe ukuba zizalane “ngezinhlobo zazo.” (Genesise 1:24, 25) Ngenxa yemingcele yezakhi zofuzo ebekwe uNkulunkulu, izinhlobo ezihlukene, noma amaqembu ayinhloko ezilwane, awakwazi ukuhlangana futhi azalane. Kunegebe elikhulu nakakhulu phakathi kwezilwane nabantu, abenziwa ‘ngomfanekiso kaNkulunkulu.’ (Genesise 1:26) Ngokuqinisekile, uNkulunkulu wayengeke ayenze inhlekisa imithetho yakhe ngokunika abantu amandla okuziguqula babe izilwane ezingenangqondo.
Yiqiniso, ukuguqukela kwesinye isimo kuyenzeka emvelweni. Iziphungumangathi ziguquka zibe izivemvane, nonoshobishobi babe amaxoxo. Nokho, ukukuhlolisisa kubonisa ukuthi lezi zibonelo zokuguqukela kwesinye isimo azihileli ukushintsha ‘kwezinhlobo’ kodwa zimane nje zingamazinga okukhula ‘ohlotsheni’ olufanayo. Uma sezindala, zizozala “ngezinhlobo zazo.”
Lokho Okubonayo Akulona Iqiniso Ngaso Sonke Isikhathi
Singayinikeza kanjani-ke pho incazelo eyanelisayo kulabo abathi bazibonela ngokwabo ukuguqukela kwesinye isimo okungaphezu kokwemvelo? Ngokusobala, lokhu kumane nje kungesinye isibonelo ‘sokusebenza kukaSathane ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga nemihlola nangayo yonke inkohliso engalungile kulabo ababhubhayo.’—2 Thesalonika 2:9, 10.
Njengazo zonke iziqhwaga, amademoni afuna abantu bakholelwe ukuthi anamandla amakhulu kunalawo anawo ngempela. Enza “izibonakaliso” ezikholisayo ezifana nje nokukhohlisa kwamasela nabaphangi.
Sikhunjuzwa ngamaphepha okudlala abakhohlisi, abaya njalo ezindaweni zokuthengisa zase-Afrika. Bayenga ngokungenamahloni amanye amakhosikazi emizi ukuba adliwe imali ayisebenzele kanzima ngokuwakhohlisa ngemidlalo yamaphepha. Babonisa owesifazane amaphepha amathathu okudlala—amabili abomvu nelilodwa elimnyama—bese bemtshela ukuthi angazuza imali ephindwe kabili kweyakhe ngokumane nje akhethe iphepha elimnyama. Uyangabaza ukudlala—kuze kube yilapho ebona omunye obonakala ewina kulo mdlalo olula. Akaqapheli ukuthi lo okuthiwa uwinile usebenzelana nalo leli qembu. Uyawungenela lo mdlalo, egcina amehlo akhe egade iphepha elimnyama njengoba amakhadi ephendulwa eshovwa. Kodwa okudumazayo nokushaqisayo, ukuthi iphepha alikhethile libomvu. Uchithe imali yokuthengela umkhaya wakhe ukudla—uyisisulu sobugovu bakhe siqu nesesandla sokuhlakanipha kobuqili! Ufunde sekwephuzile ukuthi lokho okubonayo akulona iqiniso ngaso sonke isikhathi.
Ngendlela efanayo, uSathane namademoni akhe bajatshuliswa ukukhohlisa abantu ukuba bacabange ukuthi abantu bangashintsha babe izilwane. USathane uwuchwepheshe wokukhohlisa. Phela, uyena owaqamba amanga okuqala, ethi ku-Eva: “Aniyikufa nokufa; . . . nibe-njengoNkulunkulu.” (Genesise 3:4, 5) La manga aye aveza izimfundiso ezinhlobonhlobo ezesabisa abantu, njengeyokungafi komphefumulo, isihogo somlilo nokuguqukela kwesinye isimo. Ngenxa yalokho, abantu e-Afrika bakhokha izimali ezishisiwe ukuze “baqiniswe” ngoba bakholelwa ukuthi lokhu kungabavikela ekuthwetshulweni babe yizilwane. Empeleni, abanjalo bagqilazwe ‘izimfundiso zamademoni’ futhi bavinjelwe ukwenza intando kaNkulunkulu.—1 Thimothewu 4:1; Jakobe 4:7.
Ukuguquka Kwangempela
Mhlawumbe bewulokhu ukukholelwa noma uze ukwesabe ukuguqukela kwesinye isimo. Uma kunjalo, lalela amazwi eBhayibheli akweyabaseRoma 12:2. Embhalweni wokuqala, kusetshenziswe isimo segama lesiGreki elithi me·ta·mor·phoʹo. Siyafunda: “Maniguqulwe [me·ta·mor·phouʹsthe] ngokushintsha ingqondo yenu.” Lokhu kubhekisela ekuguqukeleni kwesinye isimo okungenzeka—ukushintsha kobuntu ngokuphelele!
Labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu kufanele benze ushintsho olunjalo, ngoba iBhayibheli liyanxusa: “Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo, futhi nigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala.”—Kolose 3:9, 10.
Ungaguqulwa kanjani? Ngokungenisa ulwazi olunembile oluvela eBhayibhelini. Lolo lwazi lungakuholela ekubeni uyeke imibono nemiqondo ethandwayo. Kodwa, njengoba uJesu asho, “niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Yebo, ungakhululeka emangeni nasekwesabeni ukuguqukela kwesinye isimo.
[Isithombe ekhasini 13]
Lokho amehlo ethu ‘akubonayo’ akukhona okungokoqobo ngaso sonke isikhathi
[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]
Witch doctor: Courtesy Africana Museum, Johannesburg