Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 24. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Obani ‘abajabula’ lapho uNkulunkulu ‘ebeka itshe legumbi’ lomhlaba? (Jobe 38:4-7)
2. Yini engasoze yenzeke ngoMbuso kaNkulunkulu? (Daniyeli 2:44)
3. UDavide wazifanisa nani ukuze abonise uSawule ukuthi kwakungenambuyiselo ukumxosha? (1 Samuweli 24:14)
4. Ingelosi yesikhombisa yasithululela kuphi isitsha sayo sentukuthelo kaNkulunkulu? (IsAmbulo 16:17)
5. Kungani inzalo kaJakobe kuthiwa ama-Israyeli? (Genesise 32:28)
6. Iyiphi indawo enamanzi anosawoti omningi kunazo zonke emhlabeni? (Bheka uGenesise 14:3.)
7. Kungani amaKristu enxuswa ukuba athandaze “ngokuphathelene namakhosi nabo bonke labo abasesikhundleni esiphakeme”? (1 Thimothewu 2:1, 2)
8. Iyiphi inkulumo yesiJuda uJesu ayisebenzisa lapho ephulukisa indoda eyisithulu esinamalimi? (Marku 7:34)
9. UJesu wasenza kuyiphi indawo isimangaliso sakhe sokuqala? (Johane 2:11)
10. Iliphi igama eliyisifekethiso elethiwa u-Esawu? (Genesise 36:1)
11. UJesu wasebenzisa siphi isilwane emfanekisweni wakhe ukuze abonise isifiso sakhe sokubutha iJerusalema elingalaleli? (Luka 13:34)
12. Yini esetshenziselwa ukulola izinto ezenziwe ngensimbi? (IzAga 27:17)
13. Embonweni, umphostoli uJohane walibona limi kuphi iWundlu nabangu-144 000? (IsAmbulo 14:1)
14. Obani abayisa udaba oluphuthumayo lokusokwa kwabangewona amaJuda endikimbeni ebusayo eJerusalema? (IzEnzo 15:2)
15. Kwakuthiwa yini inhloko-dolobha yombuso wasenyakatho wezizwe eziyishumi zakwa-Israyeli? (1 AmaKhosi 16:29)
16. Siyini isibalo “sesilo sasendle”? (IsAmbulo 13:18)
17. Kungani inkosikazi yaseSheba yaya eJerusalema? (1 AmaKhosi 10:4)
18. Iyiphi inkosi yakwaJuda eyayikushisekela ngempela ukukhulekela okuhlanzekile kangangokuthi yasusa uninakhulu esikhundleni sakhe ebukhosini ngoba enze “isithombe esinengekayo”? (1 AmaKhosi 15:13)
19. Ingelosi yesibili yasithululela kuphi isitsha sayo sentukuthelo kaNkulunkulu? (IsAmbulo 16:3)
20. Ubani inkosi embi yakwa-Israyeli eyachitha iThifisa kabuhlungu? (2 AmaKhosi 15:16)
21. Isiphi isikhali esasivame ukuphonswa? (Joshuwa 8:18)
22. Ngemva kokuthunjwa abaseBabiloni, inyanga ka-Ethanim yaqanjwa ngaliphi igama?
Izimpendulo Zemibuzo
1. Amadodana kaNkulunkulu ayizingelosi
2. ‘Awusoze wachithwa’
3. “Intwakumba eyodwa”
4. Emoyeni
5. Ngoba uNkulunkulu washintsha igama likaJakobe laba u-Israyeli
6. ULwandle Olufile
7. “Ukuze siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula”
8. Efufatha (okusho ukuthi “vuleka”)
9. EKhana
10. U-Edomi
11. Isikhukhukazi
12. Insimbi
13. ENtabeni yaseZiyoni esezulwini
14. UPawulu noBarnaba
15. ISamariya
16. Singu-666
17. Ukuze izwe ukuhlakanipha kukaSolomoni
18. U-Asa
19. Olwandle
20. UMenahemu
21. Umkhonto
22. Ngelithi Tishri