Isimo Sezulu Esizayo
UKUNGCOLISWA komkhathi wethu kumane kungenye yezinkinga zendawo eziye zabangelwa abantu. Ezinye zihlanganisa ukuqothulwa okukhulu kwamahlathi, ukubhujiswa kwezilwane ezinhlobonhlobo nokungcoliswa kwemifula, amachibi nezilwandle. Ngayinye yalezi zinkinga iye yahlaziywa ngokucophelela, futhi kwenziwa izihlongozo zokuzixazulula. Njengoba lezi zinkinga zisembulungeni yonke, zidinga amakhambi embulunga yonke. Kuvunyelwana kabanzi ngalezi zinkinga nalokho okungase kwenziwe ukuze zixazululwe. Minyaka yonke, sizwa izicelo zokuba kuthathwe isinyathelo. Minyaka yonke, kuncane okwenziwayo. Ngokuvamile abaphethe bakhala ngezinkinga futhi bayavuma ukuthi kumelwe kwenziwe okuthile, kodwa eqinisweni banezela ukuthi, “akuthina okufanele senze okuthile, hhayi manje.”
Ngo-1970 ngoSuku LoMhlaba lokuqala, ababhikishi eNew York City babephethe uphawu olukhulu. Lolu phawu lwalunomfanekiso weplanethi ewuMhlaba imemeza ithi “Sizani!!” Ingabe ukhona oyosabela kuleso sicelo? IZwi likaNkulunkulu liyaphendula: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” (IHubo 146:3, 4) Ngokulandelayo umhubi ubhekisela kuMdali, ngoba nguYe yedwa onamandla, ukuhlakanipha nesifiso sokuxazulula zonke izinkinga ezingaqaqeki isintu esibhekene nazo. Siyafunda: “Ubusisiwe . . . othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho.”—IHubo 146:5, 6.
Isithembiso SoMdali Sothando
Umhlaba uyisipho esivela kuNkulunkulu. Wawuklama futhi wawudala, kanye nazo zonke izimiso eziyinkimbinkimbi nezimangalisayo ezenza isimo sezulu somhlaba sijabulise. (IHubo 115:15, 16) IBhayibheli lithi: “[UNkulunkulu] wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu. Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.”—Jeremiya 10:12, 13.
Uthando loMdali ngesintu lwachazwa umphostoli uPawulu kubantu baseListra yasendulo. Wathi: ‘[UNkulunkulu] akazishiyanga engenabufakazi ngoba wenza okuhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa kakhulu izinhliziyo zenu ngokudla nangokwenama okukhulu.’—IzEnzo 14:17.
Ikusasa leplanethi alixhomekile emizamweni nasezivumelwaneni zabantu. Ngokuphathelene nesimo sezulu, Lowo onamandla okusilawula wathembisa abantu bakhe basendulo: “Ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.” (Levitikusi 26:4) Maduzane abantu bazojabulela lezo zimo emhlabeni wonke. Abantu abalalelayo abasoze baphinde besabe izivunguvungu ezibhubhisayo, amagagasi anamandla, izikhukhula, isomiso, noma yiziphi ezinye izinhlekelele ezingokwemvelo.
Amagagasi, umoya nesimo sezulu kuyojabulisa. Abantu bangase baqhubeke bekhuluma ngesimo sezulu, kodwa akukho abangakwenza ngaso. Esikhathini esizayo sikaNkulunkulu, ukuphila kuyoba kuhle kangangokuba ngeke kudingeke benze utho.