I-amaranth—Ukudla Okuvela Kuma-Aztec
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO
I-ALEGRÍA, uswidi onomsoco ogama lawo leSpanishi lihunyushwa ngokuthi “intokozo” noma “injabulo,” uvame ukutholakala ezindaweni ezinemibalabala zezimakethe zokudla eMexico. Wenziwe ngezinhlamvu ze-amaranth, isitshalo sasezindaweni ezishisayo esinezimbali ezibomvu tebhu. Lo swidi wenziwa ngoju lwemvelo futhi ngezinye izikhathi uhlotshiswa ngama-walnut, ama-pine nut namagilebhisi omisiwe. Izinhlamvu ze-amaranth zingagaywa futhi zenziwe ukudla okusanhlamvu noma ufulawa, okwenziwa ngawo izinkwa namakhekhe.
Ama-Aztec ayenza amaqebelengwana nama-tamale ngofulawa we-amaranth. Ngaphezu kwalokho, i-amaranth yayibuye ifeze ingxenye evelele emikhubeni yawo yenkolo. I-News yaseMexico City yathi: “Komunye wemikhuba yawo yenkolo eminingi, ama-Aztec ayecobhoza ucezu lwesinkwa se-amaranth egazini lesitha esithunjiwe futhi [sabulawa] abese eyaludla.” Kwelinye isiko kwakuhlanganiswa izinhlamvu ezigayiwe ze-amaranth nommbila kanye noju bese kubunjwa le nhlanganisela ibe izithombe ezincane noma onkulunkulu. Lezi zithombe zazidliwa kamuva komunye umkhuba wenkolo ofana neSakramente LamaKatolika.
Yomibili le mikhuba yayimcasula umbusi waseSpain uHernán Cortés futhi yambangela ukuba avale ukulinywa nokuthengwa kwe-amaranth. Noma ubani owayengalokotha eqe umthetho wakhe wayebulawa noma anqunywe isandla esonile. Ngenxa yalokho, isitshalo esasingesinye sezibaluleke kakhulu eMexico sacishe saphela nyá.
Nokho, i-amaranth yakwazi ukusinda, futhi ngandlela-thile yanda kusukela eMelika Ephakathi kuya ezintabeni zaseHimalaya. Phakathi nekhulu leminyaka eledlule, iye yaba ukudla okuvamile ezizwaneni ezazihlala ezintabeni zaseChina, eNdiya, eNepal, ePakistan nezaseTibet.
Lé eMexico, abacwaningi muva nje baye bazama ukuhlukanisa ama-protein alezi zinhlamvu ukuze benze ubisi lwe-amaranth, isiphuzo esinomsoco ofanayo nobisi lwenkomo. Umgomo wabo ukuba basisebenzisele ukwenza kube nomsoco ukudla neziphuzo kwalabo abangeke bakwazi ukuthenga amaqanda, ubisi, inhlanzi noma inyama ebomvu.
Naphezu komlando we-amaranth onesiyaluyalu, lokhu kudla okunhlobonhlobo, okunomsoco kusajatshulelwa abantu abaningi namuhla.