Ukucindezeleka—‘Ubuthi Obuthatha Kancane’
“Njalo sizwa abantu bethi, ‘Ungakhathazeki kakhulu, ungaze ugule.’ Mhlawumbe abaqapheli ukuthi kunesizathu sangempela salokho emzimbeni.”—Dkt. David Felten.
UJILL, umama ongayedwa onendodana esakhula, ongenamali eningi ebhange, futhi ongezwani kahle nabazali bakhe, wayesenezizathu ezanele zokuzizwa ekhathazekile. Khona-ke, ngokungalindelekile waba nomqubuko obuhlungu, olumayo engalweni yakhe. Wazama amaphilisi, imithi yokugcoba kanye nemithi enqanda i-histamine, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kunalokho, lo mqubuko wagcwala wonke umzimba kaJill, kanye nasebusweni. Wayecindezeleke ngempela.
UJill wathunyelwa emthola-mpilo wezifo zesikhumba lapho kuhlolwa khona imizwelo yabagulayo. “Sizama ukuthola ukuthi bakhathazwa yini ekuphileni kwabo,” kusho uDkt. Thomas Gragg, ongomunye wabasunguli balo mthola-mpilo. Ngokuvamile uthola ukuthi ngaphandle kokudinga imithi yokwelashwa, abantu abanezinkinga zesikhumba ezibeleselayo badinga usizo lokubhekana nokucindezeleka. “Bekungaba ukuwashaya indiva amaqiniso uma sithi indlela ozizwa ngayo noma owenza ngayo izinto ibangela izifo zesikhumba,” kuvuma uDkt. Gragg. “Kodwa singasho ukuthi isimo somuntu esingokomzwelo singaba nengxenye enkulu ezifweni zesikhumba, futhi akufanele silokhu sinikeza umuntu imithi yokugcoba ngaphandle kokumsiza ukuba abhekane nokucindezeleka ekuphileni kwakhe.”
UJill unomuzwa wokuthi ukufunda ukubhekana nokucindezeleka kwaqeda izinkinga zakhe zesikhumba. Uthi: “Ngisahluthuka inhliziyo ngezinye izikhathi, kodwa isikhumba sami sesingcono kakhulu kunakuqala.” Ingabe lesi isimo esingavamile? Lutho neze. Odokotela abaningi bakholelwa ukuthi ngokuvamile ukucindezeleka kusuke kunengxenye ezifweni zesikhumba ezihlukahlukene, kuhlanganise nokuqubuka, i-psoriasis, izinduna notwayi. Kodwa ukucindezeleka akuthinti isikhumba sakho kuphela.
Ukucindezeleka Nesimiso Somzimba Wakho Sokuzivikela Ezifweni
Ukucwaninga okwenziwayo kubonisa ukuthi ukucindezeleka kungathiya ukusebenza kwesimiso somzimba wakho sokuzivikela ezifweni, mhlawumbe kubangele izifo eziningi ezithathelwanayo. “Ukucindezeleka akukugulisi,” kusho isazi samagciwane uRonald Glaser. “Kodwa kuyayandisa ingozi yokuba ugule ngenxa yalokho okukwenzayo esimisweni somzimba wakho sokuzivikela ezifweni.” Kunobufakazi obuqand’ikhanda obubonisa ukuthi ukucindezeleka kuyawubangela umkhuhlane nokuqubuka komzimba. Nakuba sichayeka njalo kula magciwane, ngokuvamile isimiso sethu somzimba sokuzivikela ezifweni silwa nawo. Kodwa abanye ochwepheshe bathi lapho umuntu ecindezelekile ngokomzwelo, la mandla okuzivikela angaphela.
Izinqubo zomzimba ezihilelekile azikaqondwa ngokugcwele, kodwa abanye bathi ama-hormone akusiza ukuba ukwazi ukusebenza lapho ucindezelekile, angathiya ukuzivikela komzimba njengoba egcwala egazini. Ngokuvamile, akudingekile ukhathazeke ngalokhu, njengoba la ma-hormone enza umsebenzi wesikhashana. Nokho, abanye bathi uma umuntu ecindezeleke kakhulu futhi kubelesela, isimiso somzimba wakhe sokuzivikela ezifweni singaba buthaka aze abe sengozini yokungenwa yizifo.
Lokhu kungase kusize ekuboniseni ukuthi kungani odokotela baseCanada belinganisela ukuthi abantu abangaba amaphesenti angu-50 kuya kwangu-70 ababelaphayo bakhala ngokucindezeleka, okuvame ukuhlanganisa ubuhlungu bekhanda, ukuqwasha, ukutubeka komzimba nezinkinga zesisu. E-United States, leli nani lilinganiselwa kumaphesenti aphakathi kwangu-75 nangu-90. UDkt. Jean King unomuzwa wokuthi akulona ihaba uma ethi: “Ukucindezeleka okungapheli kunjengobuthi obuthatha kancane.”
Akuyona Imbangela Ngokuphelele Futhi Akulona Ikhambi Ngokuphelele
Naphezu kwalokhu osekushiwo, ososayensi abaqiniseki ukuthi ukucindezeleka kukodwa kungathiya isimiso somzimba sokuzivikela ezifweni. Ngakho, akunakushiwo ngokuqinisekile ukuthi wonke umuntu ocindezelekayo, ngisho noma kubelesela, uyophathwa isifo esithile. Ngakolunye uhlangothi, akunakushiwo ukuthi ukungabibikho kokucindezeleka kuyoletha impilo enhle, futhi akuhlakaniphile ukwenqaba ukwelashwa ngenxa yombono ongamanga wokuthi ukugula kungaxoshwa ngokuba nethemba lokuhle nokucabanga okwakhayo. UDkt. Daniel Goleman uyaxwayisa: “Umphumela wokuzitshela ukuthi isimo sengqondo singalungisa konke uye wabangela ukudideka nokungaqondi okukhulu ngendlela ingqondo engathinta ngayo ukugula, futhi mhlawumbe okubi nakakhulu, ngezinye izikhathi kuye kwenza abantu bazizwa benecala ngenxa yokugula, njengokungathi kuwuphawu lokushiyeka kokuziphatha noma ubuthakathaka obungokomoya.”
Ngakho-ke, kufanele kuqashelwe ukuthi imbangela yokugula ayinakulinganiselwa esicini esisodwa vó. Noma kunjalo, ukuhlobana phakathi kokucindezeleka nokugula kugcizelela ukuhlakanipha kokufunda indlela yokuqeda lobu ‘buthi obuthatha kancane’ uma kungenzeka.
Ngaphambi kokuba sicabangele ukuthi lokhu kungenziwa kanjani, ake sibheke ukuthi ukucindezeleka kunjani nokuthi kungakuzuzisa kanjani kwezinye izimo.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Ezinye Izinkinga Ezihlobene Nokucindezeleka
• imfiva
• isifo sohudo
• isifuba somoya
• izilonda emathunjini
• izinkinga zenhliziyo
• izinkinga zesikhumba
• izinkinga zesisu
• izinkinga zobulili
• ubuhlungu bekhanda
• ubuhlungu bekhanda be-migraine
• ubuhlungu beqolo, intamo namahlombe
• ukucindezeleka
• ukungezwani komzimba nezinto ezithile
• ukuqaqamba kwamalunga
• ukuqwasha
• umkhuhlane
[Isithombe ekhasini 6]
Iningi eliya kodokotela liya ngenxa yokucindezeleka