Ukucindezeleka—“Umbulali Onyenyelayo”
“Uphawu lokuqala engaluqaphela kwakuwukucinana okukhulu. Kwaqala esifubeni; kwadlulela emahlombe, entanyeni, nasemihlathini; kwase kwehlela kuzo zombili izingalo zami. Kwakusengathi nginyathelwe yindlovu esifubeni. Ngangingakwazi ngisho nokuphefumula. Ngaqala ukujuluka. Isisu saqala ukuba buhlungu ngase ngiba nesicanucanu esibi. . . . Kamuva, lapho abahlengikazi bengilalisa embhedeni esibhedlela, ngiyakhumbula ngisho ngokwesaba ngithi, ‘Inhliziyo yami iyama.’ Ngangineminyaka engu-44 ubudala.”
UYICHAZA kanjalo-ke uDkt. Robert S. Eliot encwadini yakhe ethi From Stress to Strength indlela asinda ngayo ethunzini lokufa eminyakeni engaphezu kwengu-20 edlule. Ekuseni ngalolo suku wayeye emhlanganweni futhi wafundisa kuwo—ngokumangalisayo, wafundisa ngesifo senhliziyo. Ngokungazelele, uDkt. Eliot, ongudokotela wezifo zenhliziyo, wazithola kunguyena “olaliswe egumbini labanesifo senhliziyo.” Uthi yini eyabangela le nhlekelele engalindelekile? UDkt. Eliot uthi: “Indlela engangikusingatha ngayo ukucindezeleka yayingibulala.”a
Njengoba indaba kaDkt. Eliot ibonisa, ukucindezeleka kungaba nemiphumela esongela ukuphila. Eqinisweni, e-United States, ukucindezeleka kubalwa phakathi kwezinye zezimbangela eziyinhloko zokufa. Imiphumela yokucindezeleka inganqwabelana isinyenyela bese ibonakala ngokuzumayo. Ngakho kungesizathu esihle ukucindezeleka kubizwa ngokuthi “umbulali onyenyelayo.”
Ngokumangalisayo, labo abanobuntu bohlobo A—ababonakala ngokungabi nasineke, abanolaka nomoya wokuncintisana—akubona bodwa abasengozini ehlobene nokucindezeleka. Labo abanobuntu obubonakala buzolile nabo bangaba sengozini, ikakhulukazi uma ukuzola kwabo kuyisigubuzelo nje, njengesidikiselo esingavalekile kahle sebhodwe elipheka ngesitimu. UDkt. Eliot ucabanga ukuthi yilokho okwenzeka kuye. Manje usexwayisa abanye: “Ungafa ungazelele namuhla—ungaqapheli ukuthi besekuyiminyaka eminingi unebhomu elicushiwe enhliziyweni yakho.”
Kodwa isifo senhliziyo nokufa ngokungazelelwe akuzona nje ukuphela kwezinkinga ezihlobene nokucindezeleka, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.
[Imibhalo waphansi]
a Nakuba ukucindezeleka kungase kusibangele isifo senhliziyo, ezimweni eziningi imithambo yenhliziyo isuke isilinyazwe kakhulu i-atherosclerosis. Ngakho-ke, bekungaba ubuwula ngomuntu ukuzithatha kalula izimpawu zesifo senhliziyo, mhlawumbe ecabanga ukuthi ukunciphisa nje ukucindezeleka kuyomelapha. Bheka i-Phaphama! ka-December 8, 1996, amakhasi 3-13.