Bopha Ibhande Ukuze Ulondeke
◼ E-United States, ukushayisa kwezimoto kuyimbangela ehamba phambili yokufa kwentsha esukela eminyakeni engu-5 kuya kwengu-24 ubudala.
◼ EJapane, izingozi zomgwaqo zibulala abantu abangaphezu kwabaphindwe kabili kunalabo ababulawa umdlavuza wamabele, futhi zibulala abaphindwe kane kunalabo ababulawa umdlavuza wendlala yabantu besilisa.
◼ EYurophu, izingozi zezimoto zibulala abantu abaphindwe kane kunalabo ababulawa ngabanye.
LEZI zibalo ezishaqisayo ziqokomisa enye yezingozi zokuhamba ngemoto—ijubane lingakwenza umbulali. Futhi ijubane uma udakiwe likwenza umbulali. Ngokujabulisayo, inkinga yezingozi zezimoto nokulimala ingancishiswa. Kungenzeka kanjani lokho?
Ukuhlakulela imikhuba yokushayela ephephile kuyisiqalo esihle. Ezinye izazi zokulondeka zithi izingozi ezingu-9 kwezingu-10 ezenzekayo zingavinjelwa noma zigwenywe. Ukweqa ijubane elibekiwe, ukuphuma ungena emizileni yomgwaqo, ukusondela eduze kakhulu kwenye imoto, ukushayela uphuzile noma udlé izidakamizwa, nokushayela imoto engekho esimweni esihle kumane kuyizibonelo ezimbalwa nje zemikhuba yokushayela eyingozi. Inhlonipho ngokuphila nothando ngomakhelwane kumelwe kusishukumisele ukuba sibe nesimo sengqondo sokuqapha nokwazi ukuthi siyolandisa ngendlela esishayela ngayo imoto.—Mathewu 7:12.
Amabhande angesinye isinyathelo esilula sokuzigcina ulondekile, kodwa esivame ukunganakwa. NgokukaTim Hurd, umkhulumeli we-U.S. Department of Transportation, “ibhande liyindlela ephumelela kakhulu yokuvikela ukuphila kwakho engozini. Liwaphinda kabili amathuba okusinda.” Ngabantwana, izinga lokusinda lingaphindeka kathathu uma kusetshenziswa izihlalo zokulondeka kwabantwana.a
Naphezu kwalokhu, ukuhlola kubonisa ukuthi cishe ingxenye yesithathu yabagibeli bezimoto ezincane e-United States abawasebenzisi amabhande. Njengomzali, ingabe uyaqiniseka ukuthi abantwana bakho baboshelwe kahle ezihlalweni zabo ngaphambi kokuthatha uhambo? Kuyafaneleka ukuchitha isikhathi ubopha ibhande.
[Imibhalo yaphansi]
a I-National Highway Traffic Safety Administration itusa lokhu: “Abantwana abasezihlalweni zabantwana ezibheke emuva akumelwe babekwe ezihlalweni ezingaphambili zemoto ezinezikhwama zomoya [air bags] kwesobunxele. Umntwana angalimala uma isikhwama somoya sivuleka sishaya isihlalo sakhe esibheke emuva.”