Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 1/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqinela Abanye—Ezinye Zezimbangela Nemiphumela
    I-Phaphama!—2003
  • Ukuqinela Abanye—Yinkinga Yembulunga Yonke
    I-Phaphama!—2003
  • Ukuba Nochuku—Yini Eyingozi?
    I-Phaphama!—1997
  • Yini Engingayenza Uma Ingane Yami Ihlushwa Yisiqhwaga?
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 1/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ihlathi Lemvula Lase-Amazon Ngahlatshwa umxhwele uchungechunge lwezihloko ezithi “Ihlathi Lemvula Lase-Amazon—Izinganekwane Namaqiniso.” (March 22, 1997) Njengososayensi wezitshalo nokuzizungezile we-U.S. Forest Service, kumelwe ngifunde izincwadi eziningi ezimayelana nemvelo. Nokho, isihloko senu ngisibheka njengesingcono kakhulu kwesengake ngazifunda ngalendaba. Sasicwaningwe kahle, sifundisa, sihambisana nesikhathi, futhi kwakujabulisa ngempela ukusifunda. Kwakushukumisa inhliziyo ukubona kukhulunywa ngezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, ukumbiwa kwezitshalo, ukuhlukanisa izitshalo nezilwane, nendawo yezinto eziphilayo kumagazini osakazwa umhlaba wonke. Lokhu kungenza izinto zibe ngcono.

D. S., United States

Ngineminyaka engu-12, futhi ngifisa ukunibonga kakhulu ngalezi zihloko. Kwadingeka ngizifunde ngabo kanye ubusuku esathola ngabo umagazini! Njengoba sifunda ngalesi sihloko esifundweni sezezwe nezalo (geography) esikoleni, nganika uthisha wami walesi sifundo ikhophi ngosuku olulandelayo. Ngempela, lokho kwavusa ilukuluku labanye abafundi ekilasini, futhi ngithemba ukubahambisela omagazini abengeziwe.

T. E., Germany

Lezi zihloko zazivusa amadlingozi ngempela. Izinhlobo zezinambuzane okukhulunywe ngazo ziningi kakhulu, ngalunye lunomsebenzi oluwenzayo ngaphansi kwamaqabunga aphansi ehlathini. UJehova uyaqiniseka ukuthi zonke ziyakuthola ukudla. Ngiyaqonda ukuthi kungani ‘eyochitha labo abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

D. K. H., United States

Ukuba Nochuku—Yini Eyingozi? Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukuba Nochuku—Yini Eyingozi?” (March 22, 1997) Esikoleni wonke umuntu udlala ngaye obuthakathaka, nami ngathonyeka ukuba ngenze okufanayo. Kodwa iseluleko esinikezwe kulomagazini sokuzibeka esimweni somunye umuntu sangisiza kakhulu ukuba ngikugweme ukuba nochuku. Ngiyaphinda ngiyanibonga.

M. N., France

Ngineminyaka engu-17, futhi nginibonga kakhulu ngalesi sihloko. Siyimpendulo yemithandazo yami, futhi sangikhuthaza ngempela. Ukwazi ukuthi uJehova uyakuzonda ukuba nochuku kuye kwangisiza kakhulu ukuba ngenze ushintsho oludingekile ekuziphatheni kwami. UMthetho wokwenza abanye othanda ukuba kwenziwe kuwe nesibonelo sikaJesu, nakho kwangihlaba umxhwele, futhi kwangisiza ukuba ngiziphathe kahle.

V. T., Italy

Muva nje, egunjini lokulinda, ngathatha i-Phaphama! futhi ngathola lesi sihloko esibhalwe kahle. Ngiwuqonda kahle umonakalo ohlala njalo ongabangwa ukuchukuluzwa. Umfowethu wayehlukumeza [mina dadewabo] ngamazwi, ngokomzwelo, nangokomzimba. Uma ebuzwa, wayevele anyuse amahlombe, ahleke, athi uyadlala. Wayengitshela ukuthi yimina enginenkinga ngoba angikuthandi ukuhleka! Lapho ngineminyaka engu-13 yena enengu-15, waqala ukungisongela ngokungixhaphaza ngokobulili. Ngangihlala ngokumesaba ngoba wayemdala kunami, emkhulu, futhi eyisidlakela! Abazali bami abakaze bangivikele. Ngiyabonga, Phaphama!, ngokukhuluma ngezindaba ezingathi sína zokuphila. Ngiyazi ukuthi kudinga isibindi. Nginomuzwa wokuthi nithinte izinhliziyo eziningi ngalesi sihloko.

B. S. M., United States

Izintuthwane Zasengadini

Ngemva kokufunda isihloko esithi “Umnakekeli Wengadi Oyingcweti” (March 22, 1997), ngakwazi ukuvakashela umbukiso futhi ngazibonela ngawami yona kanye lento enayichaza. Kwakubonakala sengathi amaqabunga ahamba ngentambo eyayilenga ophahleni. Empeleni, izintuthwane zazithwele lawo maqabunga, futhi eduzane zazimatasa zenza ingadi yesikhunta. Ukuzibonela lokho enanikusho ngokuqinisekile kwakungumbukwane omangalisa ngempela futhi mina namantombazane ami amabili amancane kwasisondeza eduze noBaba wethu wasezulwini onothando, uJehova.

P. F., Scotland

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela