Ibhande Elisindisa Ukuphila
“UKUSEBENZISA ibhande lokuphepha kungenye yezindlela eziphumelela kakhulu zokunciphisa inani labalimele nobubi bokulimala lapho kushayisana izimoto,” kusho i-Morbidity and Mortality Weekly Report (MMWR). Ngokokunye ukuhlola, ithuba lokufa engozini yemoto lehla ngamaphesenti angu-43 lapho abagibeli besebenzisa amabhande okuphepha ngendlela efanele. Ithuba lokulimala okungathi sína lehla ngamaphesenti angaba ngu-50.
Umthetho wokusetshenziswa kwebhande lokuphepha wamiswa okokuqala uhulumeni wase-Australia ngo-1970. Manje emazweni angaba ngu-35 umthetho ufuna kusetshenziswe ibhande lokuphepha. Abawuphulayo ngokuvamile bangase bahlawuliswe futhi kwezinye izimo babe ngisho nasengozini yokuphucwa amalungelo abo okushayela isikhathi esithile. Abanye ohulumeni baye bamisa imithetho edinga ukuba abagibeli kuzo zonke izindawo zokuhlala (kokubili ezihlalweni zangaphambili nezangemuva) bafake amabhande okuphepha.
I-MMWR ibika ukuthi “abantu abalinganiselwa ku-300 000 bayafa futhi abantu abayizigidi eziyishumi kuya kwezingu-15 bayalimala unyaka ngamunye ezingozini zezimoto unyaka ngamunye.” Lezozibalo beziyokwehla kakhulu ukuba bonke labobantu bebefaka amabhande ezihlalo.