Manje Ngiyajabula Ngokuthi Ngiyaphila!
“Uyaqaphela ukuthi uzofa, akunjalo?” kubuza udokotela. Ngokumangalisayo, ezikhathini ezimbili ngaphambi kwalokho, ukufa kwakuyoba impumuzo ngempela. Kodwa hhayi kulokhu. Ake ngichaze.
NGAKHULELA edolobhaneni laseLong Island, eNew York, lapho ubaba ayengumshayeli wezimoto zomjaho othandwayo. Wayengumuntu ongawafuni amaphutha owayekuthanda ukuncintisana. Wayenesififane futhi kunzima kakhulu ukumgculisa. Ngakolunye uhlangothi, umama wayengumuntu onokuthula, owayesaba imijaho kababa kangangokuba wayengenaso isibindi sokumbukela lapho ejaha.
Mina nomfowethu safunda sisebancane ukuba nesizotha ekhaya, okuyinto umama ayesejwayele kakade ukuyenza. Kodwa kwakungelula. Sonke sasimesaba ubaba. Kwangithinta kangangokuba ngaba nomuzwa wokuthi akukho nokukodwa engangingakwenza ngendlela efanele. Ukuzihlonipha kwami kwawohloka nakakhulu lapho ngisanda kuthomba, lapho “umngane” womkhaya wakithi enginukubeza ngokobulili. Njengoba ngangingakwazi ukubekezelela imizwa yami, ngazama ukuzibulala. Lesi kwakuyisikhathi sokuqala lapho ngangicabanga ukuthi ukufa kwakungaba impumuzo ngempela.
Ngazizwa ngingelutho ngingathandwa futhi ngaba nesifo sokuphazamiseka kwemikhuba yokudla esivamile kwabesifazane abasebasha abazenyezayo. Ngaqala ukuphilela ukufuna injabulo, ukusebenzisa kabi izinto eziluthayo, ubufebe nokukhipha izisu—‘ngifuna uthando ngendlela engafanele,’ njengoba kusho umusho wengoma ethile. Ngangihileleke emijahweni yezithuthuthu, yezimoto, ne-scuba diving, futhi ngezinye izikhathi ngangiya eLas Vegas ngiyogembula. Ngafuna neseluleko sombikezeli wenhlanhla futhi ngasebenzisa i-Ouija board ukuze ngizijabulise, ngingaziqapheli izingozi zokusebenzisa imimoya.—Duteronomi 18:10-12.
Ngaphezu kwalokho, ukufuna injabulo kwaholela ekuhilelekeni ezintweni ezingemthetho njengokushushumbisa izidakamizwa nokweba ezitolo. Ukufuna kwami uthando nokwamukeleka kwaholela ekubeni nohide lwamasoka, amanye engase ngithembisene nawo. Zonke lezi zici zabangela ukuphila okwakuyingozi kunokuba ngangiqaphela.
Ngobunye ubusuku, ngemva kokuphuza utshwala nokusebenzisa izidakamizwa enkundleni yemijaho, ngobuwula ngavumela isoka lami ukuba lingiyise ekhaya. Ngemva kokuba ngiquleke esihlalweni esingaphambili, nalo laquleka. Ngaphaphama ngenxa yokungqubuzeka okukhulu. Ngalaliswa esibhedlela nginamanxeba amaningi, kodwa ekugcineni ngalulama nakuba nganginedolo elilimele.
Isifiso Sokuthile Okungcono
Nakuba ngangingenandaba nokuphila kwami, ngangikukhathalela ukulondeka namalungelo ezingane nezilwane nokuvikela indawo esizungezile. Ngangifisa ukubona izwe elingcono, futhi ngomzamo wokuliletha, ngangishiseka ezinhlanganweni eziningi. Lesi sifiso sokuthola izwe elingcono yisona ekuqaleni esangenza ngakhangwa izinto ezazishiwo engangisebenza naye owayengomunye woFakazi BakaJehova. Njalo wayekhuluma “ngalesi simiso” ekhungathekile lapho izinto zingahambi kahle emsebenzini. Lapho ngimbuza ukuthi wayesho ukuthini, wachaza ukuthi ngolunye usuku maduzane ukuphila ngeke kube nezinkathazo. Njengoba ngangimhlonipha kakhulu, ngalalela ngesithakazelo.
Ngeshwa, asibange sisathintana, kodwa angizange ngizikhohlwe izinto azisho. Ngaqaphela ukuthi ngolunye usuku kwakuyodingeka ngenze ushintsho olukhulu endleleni yokuphila ukuze ngithokozise uNkulunkulu. Kodwa ngangingakakulungeli lokho. Nokho, ngangibatshela ababengase babe abayeni bami ukuthi ngolunye usuku ngangizoba uFakazi nokuthi uma bengakuthandi lokho, kwakuyisikhathi sokuhlukana.
Ngenxa yalokho, isoka lami lokugcina lafuna ukwazi okwengeziwe, lithi uma nginesithakazelo, nalo lalingase libe naso. Ngakho saqala ukufuna oFakazi. Kunalokho, basithola lapho befika kwami. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, kodwa ekugcineni, isoka lami lakhetha ukuyeka ukufunda futhi labuyela kumkalo.
Sasingaqhutshwa njalo isifundo sami seBhayibheli. Kwathatha isikhathi eside ukuba ngiqaphele umbono kaJehova ngobungcwele bokuphila. Nokho, lapho sengilungise indlela yami yokucabanga, ngasibona isidingo sokuyeka i-skydiving kanye nokubhema. Njengoba ukuphila kwakuba yigugu ngokwengeziwe kimi, ngase ngikulungele ukuzinza futhi ngingazifaki engozini. Ngo-October 18, 1985, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Ngangingazi ukuthi ngokushesha ukuphila kwami kwakuzolengela eweni.
Ukufisa Ukufa Futhi
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva—ngobusuku bango-March 22, 1986—ngangiphambi kwendlu yami, ngehlisa izingubo emotweni, lapho ngishayiswa imoto eyayidla amagalani futhi yangihudula amamitha angaphezu kwangu-30! Ngangiyisisulu semoto eyangishayisa yabaleka. Nakuba ngangilimele ekhanda, ngangiphapheme phakathi naso sonke leso sikhathi.
Ngilele ngobuso ebumnyameni phakathi nomgwaqo, ngangicabanga kuphela ngengozi yokushayiswa enye imoto. Ubuhlungu babunjunjutha, ngingakwazi ukububekezelela. Ngakho ngangilokhu ngithandaza kuJehova ukuba angiyeke ngife. (Jobe 14:13) Kwavela owesifazane othile owayengumhlengikazi. Ngamcela ukuba alungise izinyawo zami, njengoba zazilimele kabi. Wakwenza lokho, futhi wenza nebhandishi ngengubo yakhe yokugqoka, ukuze avimbe ukopha kwamanxeba amabi emlenzeni owawuphukile. Izicathulo zami zatholakala emgwaqweni olandelayo, zigcwele igazi!
Abadlula ngendlela, bengaqapheli ukuthi ngangihamba ngezinyawo, babelokhu bebuza ukuthi ikuphi imoto yami. Ngingazi ukuthi lemoto yayingihudule kangakanani, ngangicabanga ukuthi ngiseseceleni kwemoto yami! Lapho abezokwelapha befika, babecabanga ukuthi ngizofa. Ngakho babiza amaphoyisa, njengoba ukubulala umuntu ngemoto kungaba icala elibomvu. Ekugcineni umshayeli waboshwa. Babiyela lendawo futhi bagcina imoto yami njengobufakazi. Zombili izivalo ohlangothini olulodwa zazishayiseke zaphela.
Ukubhekana Nenhlekelele
Phakathi naleso sikhathi, lapho ngifika esikhungweni sendawo sabalimele, ngangilokhu ngiphindaphinda, nakuba ngangifakwe umshini womoya-mpilo, ukuthi: “Angilifuni igazi, angilifuni igazi. Ngingomunye woFakazi BakaJehova!” Into yokugcina engiyikhumbulayo ukusika kwesikele esikhulu sezingubo emhlane nokuzwa iqembu labezokwelapha linikeza iziyalezo.
Lapho ngiphaphama, ngamangala ngokuthi ngiyaphila. Ngangilokhu ngiquleka ngibuye ngiphaphame. Njalo lapho ngiphaphama, ngangicela umkhaya wakithi ukuba uthinte umbhangqwana owawungifundela iBhayibheli. Umkhaya wakithi wawungajabule ngokuthi ngangibe uFakazi, ngakho “wawukhohlwa” ngamabomu ukuthinta lowo mbhangqwana. Kodwa ngaphikelela—kwakuyinto engangiyibuza kuqala njalo lapho ngivula amehlo. Ekugcineni, ukuphikelela kwami kwavuzwa, futhi ngolunye usuku lapho ngiphaphama, lombhangqwana wawukhona. Yeka impumuzo! Abantu bakaJehova babazi ukuthi ngikuphi.
Nokho, injabulo yami yayingeyesikhashana, ngoba umthamo wami wegazi waqala ukwehla futhi ngahlaselwa imfiva. Amathambo okwakucatshangwa ukuthi abangela inkinga akhishwa, futhi kwafakwa izinsimbi ezine emlenzeni wami. Kodwa ngokushesha lemfiva yaphinde yagadla, futhi umlenze wami washintsha waba mnyama. Kwakuyisilonda esibhucukayo, futhi ukusinda kwakuxhomeke ekunqunyweni kwalomlenze.
Ukucindezelwa Ukuba Ngithathe Igazi
Njengoba umthamo wami wegazi wawehle kakhulu, kwacatshangwa ukuthi ngangingenakuhlinzwa ngaphandle kokumpontshelwa igazi. Kwabizwa odokotela, abahlengikazi, amalungu omkhaya nabangane abadala ukuba bangicindezele. Khona-ke, kwaqala ukuhlebeza ngasemnyango. Ngezwa odokotela behlela okuthile, kodwa ngangingaqondi ukuthi kuyini. Ngenhlanhla, uFakazi othile owayevakashile ngaleso sikhathi walizwa leli cebo lokuzama ukungimpompela ngenkani. Ngokushesha wathinta abadala bendawo abangamaKristu, abangisiza.
Kwaqashwa udokotela wezifo zengqondo ukuze ahlaziye isimo sami sengqondo. Ngokusobala inhloso kwakuwukuba athi angiphilile kahle futhi kanjalo kuchithwe izifiso zami. Leli cebo lahluleka. Khona-ke, kwalethwa umfundisi othile, yena owayamukele ukumpontshelwa igazi, ukuba azongiqinisekisa ukuthi ukumpontshelwa igazi kwakulungile. Ekugcineni, umkhaya wakithi wafuna imvume yasenkantolo yokungiphoqelela ukuba ngithathe igazi.
Cishe ngehora lesibili ekuseni, egumbini lami lasesibhedlela kwangena iqembu lodokotela, unobhala wasenkantolo, isithunywa semantshi, abameli besibhedlela nejaji. Kwaqulwa icala. Ngangingaziswanga kusengaphambili, ngingenaBhayibheli, ngingenammeli, futhi nganginikezwe imithi eminingi yezinhlungu. Waba yini umphumela waleli cala? Ijaji lenqaba nemvume yasenkantolo, lathi lalihlatshwe umxhwele ngisho nakakhulu ubuqotho boFakazi BakaJehova kunangaphambili.
Isibhedlela esithile saseCamden, eNew Jersey, savuma ukusingatha indaba yami. Njengoba abaphathi besibhedlela eNew York babethukuthele, bangenqabela konke ukwelashwa, kuhlanganise nezibulala-zinhlungu. Benqabela nendiza enophephela emhlane eyayizongiyisa esibhedlela eNew Jersey ukuba ihlale. Ngokujabulisayo, ngakwazi ukufinyelela lapho nge-ambulensi. Lapho ngifika, ngezwa amazwi asekuqaleni kwalesi sihloko athi: “Uyaqaphela ukuthi uzofa, akunjalo?”
Ukuhlinzwa—Impumelelo
Ngangibuthaka kangangokuba kwadingeka ukuba umhlengikazi angisize ngenze u-X efomini lokugunyaza ukuba ngihlinzwe. Umlenze wami wesokudla kwadingeka ukuba unqunywe ngenhla kwedolo. Ngemva kwalokho, umthamo wami we-hemoglobin wehla waba ngaphansi kuka-2, futhi odokotela bacabanga ukuthi kungenxa yokulimala kobuchopho okukhulu. Lokhu kungenxa yokuthi angisabelanga lapho bememeza endlebeni yami bethi, “Virginia, Virginia”—okuyigama elalisemaphepheni ami okungena esibhedlela. Kodwa lapho ngizwa elithi “Ginger, Ginger,” lisho ngobumnene esikhathini esithile kamuva, ngavula amehlo futhi ngabona owesilisa engangingakaze ngimbone ngaphambili.
UBill Turpin wayevela kwelinye lamabandla endawo oFakazi BakaJehova eNew Jersey. Wayethole igama lami lokufekethisa elithi Ginger—engangaziwa ngalo konke ukuphila kwami—koFakazi baseNew York. Wabuza imibuzo engangingayiphendula ngokucwayiza, njengoba ngangisemshinini womoya-mpilo futhi ngingakwazi ukukhuluma. Wabuza: “Ufuna ngiqhubeke ngizama ukuzokubona, futhi ngitshele oFakazi baseNew York ngawe?” Ngacwayiza ngiphindelela! UMfoweth’uTurpin wayezifake engozini ngokungena egumbini lami ngesinyenyela, njengoba umkhaya wakithi wawuthe kungabi noFakazi ongivakashelayo.
Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngisesibhedlela, ngangikwazi ukwenza imisetshenzana emincane yansuku zonke, njengokuzifunza nokuxubha amazinyo. Ekugcineni, ngathola umlenze wokwenziwa futhi ngakwazi ukuhambahamba ngokuthile okusanqodlana kokudondolozela. Lapho ngiphuma esibhedlela ngo-September 1986 futhi ngibuyela ekhaya, ngahlala nomsizi wezokwelapha ekhaya ezinye izinyanga ezingaba yisithupha ukuze angisize.
Usizo Lwabafowethu
Ngisho nangaphambi kokuphindela ekhaya, ngaqala ukuqonda ngempela ukuthi kusho ukuthini ukuba ingxenye yobuzalwane bobuKristu. (Marku 10:29, 30) Abafowethu nodadewethu ngothando abazange banakekele izidingo zami ezingokwenyama kuphela kodwa nezingokomoya. Ngosizo lwabo lothando, ngakwazi ukuphinda ngiye emihlanganweni yobuKristu, futhi ngokuhamba kwesikhathi, ngakwazi ngisho nokuhlanganyela kulokho okuthiwa inkonzo yamaphayona asizayo.
Icala lomthetho laloya mshayeli wemoto, ngokuvamile elithatha okungenani iminyaka emihlanu ngisho nokuba livele phambi kwenkantolo, lathethwa phakathi nezinyanga ezimbalwa—okwammangalisa ummeli wami. Ngemali eyimbuyiselo engayithola, ngathuthela endlini engconywana. Ngaphezu kwalokho, ngathenga imoto enomshini wokuphakamisa isihlalo sabakhubazekile nezinto zokuyiqondisa ezisebenza ngesandla. Ngakho, ngo-1988, ngangena ezinhlwini zamaphayona avamile, nginikela okungenani amahora angu-1000 emsebenzini wokushumayela unyaka ngamunye. Phakathi naleminyaka edlule, ngiye ngajabulela ukusebenza amasimu ezifundazweni zaseNyakatho Dakota, e-Alabama naseKentucky. Imoto yami isihambe amakhilomitha angaphezu kuka-150 000, iningi lawo enkonzweni yobuKristu.
Ngiye ngaba nokuhlangenwe nakho okuningi okuhlekisayo lapho ngisebenzisa isithuthuthu sami sikagesi esinamasondo amathathu. Ngiye ngagingqika kabili ngihamba namakhosikazi ababonisi abajikelezayo. Ngesinye isikhathi, e-Alabama, ngephutha ngacabanga ukuthi ngingawela umfudlana omncane kodwa ngavuma phansi odakeni. Nokho, ukuba namahlaya nokungazicabangeli ngokweqile kuye kwangisiza ukuba ngilondoloze isimo sengqondo esiqondile.
Ukuqiniswa Ithemba Eliqinisekile
Ngezinye izikhathi izinkinga zempilo ziye zacishe zaba ngaphezu kwamandla. Kuye kwadingeka ngiyeke ukuphayona kabili eminyakeni embalwa edlule ngoba kwakubonakala sengathi omunye umlenze wami kwakufanele unqunywe. Usongo lokulahlekelwa yiwo seluhlala lukhona, futhi kuleminyaka emihlanu edlule, ngiye ngasebenzisa isihlalo sabakhubazekile. Ngo-1994, ngaphuka ingalo. Ngangidinga usizo lapho ngigeza, ngigqoka, ngipheka nalapho ngihlanza indlu futhi kwadingeka ngibe nento yokuhamba yokuya kuyo yonke indawo. Nokho, ngenxa yosizo lwabafowethu, ngiye ngakwazi ukuqhubeka ngiphayona naphezu kwalezi zithiyo.
Kukho konke ukuphila kwami ngiye ngafuna okubonakala njengezinto ezivusa amadlingozi, kodwa manje ngiyaqaphela ukuthi izikhathi ezivusa amadlingozi kakhulu zisengaphambili. Ukuqiniseka kwami ngokuthi uNkulunkulu uzokwelapha konke ukukhubazeka kwamanje ezweni lakhe elisha elisondela ngokushesha yikhona okungenza ngijabule ngokuthi ngiyaphila manje. (Isaya 35:4-6) Kulelozwe elisha, ngibheke phambili ekubhukudeni nemikhoma namahlengethwa, ngiqwale izintaba nengonyama namawundlu ayo, futhi ngenze okuthile okulula njengokuhamba ebhishi. Kungilethela injabulo ukuzicabanga ngenza zonke izinto uNkulunkulu asidala ukuba sizijabulele kulelo Pharadesi emhlabeni.—Njengoba ilandiswa uGinger Klauss.
[Isithombe ekhasini 21]
Lapho ukugembula kuseyingxenye yokuphila kwami
[Isithombe ekhasini 23]
Izithembiso zikaNkulunkulu ziyangiqinisa