Intsha Iyabuza . . .
Kungani Ngigula Kangaka?
LAPHO uJason eneminyaka engu-13 ubudala, wayezimisele ukuthi ngolunye usuku wayezoba isikhonzi sesikhathi esigcwele eBethel, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Wazenzela ibhokisi lamapulangwe futhi walibiza ngokuthi ibhokisi lakhe laseBethel. Waqala ukuqongelela kulo izinto ayecabanga ukuthi zazizoba usizo lapho eqala inkonzo yakhe yaseBethel.
Nokho, ezinyangeni ezintathu nje ngemva kokuhlanganisa iminyaka engu-18 ubudala, kwatholakala ukuthi uJason une-Crohn’s disease—isifo sesisu esibeleselayo, esibuhlungu. “Savele sangiqeda amandla,” ekhumbula. “Ngangivele ngishayele ubaba ucingo emsebenzini ngikhale. Ngangazi ukuthi lokhu kwakusho ukuthi umgomo wami wokuya eBethel wawuhlangabezane nembibizane.”
Ukugula kuyisizathu esiyinhloko esenza ukuba ‘indalo yonke iqhubeke ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.’ (Roma 8:22) Izigidi ezingenakubalwa zentsha zihlanganisiwe phakathi kwabagulayo. Intsha eningi ekugcineni iyalulama. Kodwa enye kumelwe ibhekane nezifo ezingamahlalakhona, noma kwezinye izimo, izifo ezisongela ukuphila. Phakathi kwezifo intsha evame ukukhathazwa yizo isifuba somoya, isifo sikashukela, isifo se-sickle cell, izifo ezithelelanayo, isithuthwane, ukusangana nomdlavuza. Enye intsha iphila nezifo eziningi.
‘Kungani Ngivelelwa Yilokhu?’
Ngokuvamile ukugula kubangela ukucindezeleka ngokwengqondo nangokomzwelo, ingasaphathwa eyokugula ngokomzimba. Ngokwesibonelo, uma ukugula kukwenza ungayi esikoleni izinyanga eziningi, ungase ungasilali ezifundweni kuphela kodwa ungase uzizwe ungenabo ubudlelwane. Lapho uSunny oneminyaka engu-12 ubudala ephutha esikoleni ngenxa yokulaliswa kwakhe esibhedlela ngezikhathi ezithile, uyakhathazeka, ‘Benzani engifunda nabo ekilasini? Yini engiphuthelayo namuhla?’
Ngokufanayo, ingokomoya lingase libe buthaka lapho ugula kakhulu ukuba ungaya emihlanganweni yobuKristu noma ukuba ufunde ngisho neBhayibheli. Kuleli qophelo udinga ukusekelwa okwengeziwe ngokomzwelo nangokomoya. Ekuqaleni, ungase ungavumi ukwamukela imiphumela yokuxilongwa. Kamuva, ungase uzithukuthelele, mhlawumbe ucabanga ukuthi wawungakugwema lokho kugula ngandlela-thile. Ungase ufise ukukhamuluka uthi, ‘Kungani uNkulunkulu evumele ukuba ngivelelwe yilokhu?’ (Qhathanisa noMathewu 27:46.) Eqinisweni, kungokwemvelo ukucindezeleka ngandlela-thile.
Ngaphezu kwalokho, osemusha angase acabange ngisho nokuthi uma enza umzamo othile okhethekile, njengokuzama ukuziphatha kahle, uNkulunkulu uyokususa ukugula kwakhe. Nokho, ukucabanga kanjalo kungabangela ukudumala, njengoba uNkulunkulu engathembisi ukuphulukiswa ngokuyisimangaliso kulesi sikhathi.—1 Korinte 12:30; 13:8, 13.
Mhlawumbe ubunethemba lokuthi ngeke ufe—ithemba lokuthi uzobe uphila lapho uNkulunkulu eletha ‘usizi olukhulu.’ (IsAmbulo 7:14, 15; Johane 11:26) Uma kunjalo, ukuthola ukuthi unesifo esisongela ukuphila kungakushaqisa ngokuphindiwe. Ungaze uzibuze ukuthi kukhona yini okwenzile okucasule uJehova, noma ungase ucabange ukuthi uNkulunkulu ukhethe wena ngokukhethekile ukuze avivinye ubuqotho bakho. Nokho, lezi akuzona iziphetho ezifanelekile. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Ukugula nokufa kuyingxenye engajabulisi yesimo sabantu samanje, futhi sonke sibhekana “nesikhathi nethuba.”—UmShumayeli 9:11.
Ukubhekana Nokwesaba
Ukuba nesifo esingathi sína kungase futhi kukwenze ube nokwesaba okujulile ngokokuqala ngqá. Incwadi ethi How It Feels to Fight for Your Life ibika okuphawulwa abasebasha abangu-14 abanezifo ezingathi sína. Ngokwesibonelo, u-Anton, oneminyaka eyishumi, wayesaba ukuthi wayezofa lapho ehlaselwa isifuba somoya esibi. Kanti u-Elizabeth, oneminyaka engu-16, owayenomdlavuza wamathambo, wayesaba ukuthi wayezolala angabe esavuka.
Nokho, enye intsha inokwesaba okuhlukile—yesaba ukuthi akekho oyofuna ukushada nayo noma yesaba ukuthi ngeke ibe nezingane eziphilile kamuva ekuphileni. Enye intsha yesaba ukuthi ingase ithelele amalungu emikhaya yakubo ngesifo, kungakhathaliseki ukuthi leso sifo siyathathelwana noma cha.
Ngisho noma isifo sesingcono, uma siqubuka futhi siba sibi, ukwesaba kungaphinde kube khona. Uma uye waba nokwesaba okunjalo, uyazi ukuthi kungokoqobo ngempela. Ngenhlanhla, ukugadla kokuqala kwemizwelo ephambene kuvame ukudamba ngokuhamba kwesikhathi. Khona-ke ungaqala usibhekisise kahle isimo sakho.
Inselele Yokugula
“Lapho usemusha, uzizwa unobungqabavu,” kuphawula uJason, okukhulunywe ngaye ngaphambili. “Kodwa-ke, ngokungazelele, ukugula okubi kukwenza uqaphele ukuthi akunjalo. Uzizwa sengathi uguge ngokuzumayo, njengoba kufanele uzincenge ungathathi ngamawala.” Yebo, ukubhekana nokulinganiselwa okusha kuyinselele.
UJason wathola ukuthi enye inselele enkulu ivela lapho abanye bengasiqondi isimo sakho. UJason unalokho okungase kubizwe ngokuthi “isifo esingabonakali.” Ukubukeka kwakhe kwangaphandle kufihla izinkinga anazo ngaphakathi. UJason uyachaza: “Umzimba wami awukugayi ukudla ngendlela okufanele ukugaye ngayo, ngakho kufanele ngidle kaningana kanti ngidla kakhulu kunabaningi. Nokho, ngisazacile. Futhi, ngezinye izikhathi ngikhathala kangangokuba ngingakwazi nokuhlala ngivule amehlo emini. Kodwa abantu bakhuluma amazwi abonisa ukuthi bacabanga ukuthi ngiyaziyekelela noma ngiyavilapha. Basho amazwi anjengokuthi: ‘Uyazi ukuthi ungenza kangcono. Awuwenzi ngisho nomzamo!’”
UJason unabafowabo nodadewabo abancane abangaqondi ngaso sonke isikhathi ukuthi kungani engenakuzenza izinto ayezenza ngaphambili, njengokudlala nabo ibhola. “Kodwa ngiyazi ukuthi uma ngingalimala,” kuphawula uJason, “kungathatha amasonto amaningi ukuba ngiphole. Bavame ukuqhathanisa ubuhlungu engibuzwayo nababuzwayo bese bethi, ‘Umane uyabubula ukuze anakwe.’ Ubuhlungu obunjunjuthayo bona ababa nabo mhlawumbe ukwenyela, ngakho ababazi neze ubuhlungu engibhekana nabo.”
Uma ukugula kwakho kubonakala kuwumthwalo emkhayeni wakini, ungase ukhathazwe umuzwa wecala. Nabazali bakho bangase bazizwe benecala. UJason uthi: “Bobabili abazali bami bacabanga ukuthi kungenzeka yibona abangibangela lenkinga. Ngokuvamile izingane zivumelana nesifo lapho sezisamukele. Kodwa kubazali kunzima kakhulu. Baxolisa kimi njalo. Kufanele njalo ngenze okusemandleni ami ukuzama ukususa leyo mizwa yecala abanayo.”
Ukuvakashela Udokotela—Akumnandi
Ukuvakashela udokotela njalo kungaba umthombo wokukhathazeka. Kungakwenza uzizwe ungelutho futhi ungenalusizo. Ukuhlala nje egumbini lokulinda esibhedlela ulindele ukubizwa kungasabisa. “Uzizwa . . . ulahliwe kanti bekungaba kuhle uma othile ebengakuhlalisa,” kusho uJoseph, oneminyaka engu-14, ophethwe inhliziyo. Ngokudabukisayo, enye intsha ayikutholi lokho kusekelwa, ngisho nakubazali bayo.
Ukuhlola kwezokwelapha nakho kungabangela ukukhathazeka. Empeleni, okunye ukuhlolwa akujabulisi neze. Khona-ke, kamuva, kungase kudingeke ukhathazeke izinsuku noma amasonto amaningi lapho ulinde imiphumela. Kodwa khumbula lokhu: Ukuhlolwa kwezempilo akufani nokuhlolwa esikoleni; ukuba nenkinga yempilo akusho ukuthi uhlulekile ngandlela-thile.
Eqinisweni, ukuhlolwa kunganikeza ukwaziswa okuwusizo kakhulu. Kungaveza ukuthi unenkinga yempilo engalapheka kalula. Noma, uma kungenjalo, ukuhlolwa kungakubonisa okufanele ukwenze ukuze ubhekane nesifo. Kungase kubonise ngisho nokuthi awunaso isifo ebesicatshangwa. Ngakho zama ukuba ungafinyeleli iziphetho ngesimo sakho.
Ukukhathazeka ngokweqile kuyomane kukukhandle. IBhayibheli lithi: “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa.” (IzAga 12:25) Kunalokho, uNkulunkulu usimema ukuba simtshele okusikhathazayo. Kudingeka sithembe ukuthi uyasikhathalela nokuthi uyosinikeza isiqondiso sakhe nokuhlakanipha kokubhekana nenkinga ngendlela engcono kakhulu.—IHubo 41:3; IzAga 3:5, 6; Filipi 4:6, 7; Jakobe 1:5.
Singajabula ngokuthi uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, wenze ilungiselelo lokuletha izwe elisha lokulunga. Uyovusa ngisho nalabo abafile, abanikeze ithuba lokujabulela lelozwe elisha. IBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi ngaleso sikhathi “abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 33:24.
Kuze kube yileso sikhathi, kungase kudingeke ukubekezelele ukugula okungathi sína. Nokho, ziningi izinto eziwusizo ongazenza ukuze ubhekane ngokuphumelelayo nesimo sakho. Sizoxoxa ngazo esihlokweni sesikhathi esizayo.
[Isithombe ekhasini 18]
Ungase ubuze, ‘Kungani uNkulunkulu evumele ukuba ngivelelwe yilokhu?’