I-didgeridoo Nesigqi Sayo Esihlaba Umxhwele
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AUSTRALIA
AKE siye emkhosini wasebusuku waboMdabu base-Australia eNorthern Territory, okuwuhambo lwamahora nje ambalwa ukusuka eDarwin, inhloko-dolobha yakhona. Kunokuba yenziwe njengesandulela sezimpi zobuhlanga, imikhosi yasebusuku eminingi yanamuhla yenzelwa izivakashi ezibona amazwe ngokukhethekile. Yilomkhosi esiya kuwo.
Abadansi, abapendwe umzimba ngemibala egqamile, balinde ngokuthula ukuba umculo ubanikeze uphawu lokuba baqale ukudansa. Ngokushesha umculo uyaqala, futhi kushaya isigqi esinamandla, esihehayo, emaphandleni. Lomculo uhambisana nokushaywa kwezinduku—izinti zokhuni ezimbili ezimfushane ezishaywa ngesigqi esivumelana nomculo odlalwa nge-didgeridoo.
Mhlawumbe bambalwa abangaphandle kwase-Australia abake bezwa i-didgeridoo, imfijoli etholakala kuphela kwaboMdabu base-Australia. Ngokuvamile yenziwa ngesiqu segatsha likagamthilini esigwediwe, futhi ivame ukuba nobude obuyimitha elilodwa kuya emitheni nengxenye. Umculi uhlala phansi eceleni kwesigcawu, afuthe i-didgeridoo yakhe—okubonakala kuyimfijoli elula, kodwa ehlaba umxhwele.
Umsindo Oyingqayizivele
Nakuba i-didgeridoo inomsindo cishe ongaguquki—ichazwa ngokufanele ngokuthi “icilongo elivungazelayo”—ingashaya izigqi namanothi avevezelayo ayinkimbinkimbi. Izwakala njengemfijoli eyodwa, kodwa ngokungazelele, ingazwakala ngamandla nangomfutho, njenge-orchestra ephelele.
Ngaphambi kokuba abeLungu bafike e-Australia eminyakeni engaba ngu-200 edlule, i-didgeridoo yayaziwa kuphela aboMdabu base-Australia ababegcwele ezingxenyeni ezisenyakatho zalelizwekazi eliyisiqhingi. Emikhosini yasebusuku, yayisetshenziselwa umculo ohambisana nemidanso yezinganekwane eziphathelene nendalo yaboMdabu base-Australia. Ngaleso sikhathi, labo ababenekhono lokudlala i-didgeridoo babaziswa kakhulu, futhi ngisho nanamuhla umdlali wayo onekhono ubhekwa njengelungu lesizwe elihloniphekile.
Abadlali abanekhono bavame ukulingisa imisindo yezilwane nezinyoni ngamanothi ayisisekelo e-didgeridoo. Ukuhleka kwe-kookaburra; ukuhewula kwenkentshane lase-Australia; ukukhala kwejuba okumnene; neminye imisindo eminingi kuyingxenye yezinto ezilingiswa ngobuciko.
I-New Grove Dictionary of Music and Musicians ithi ngomdlali we-didgeridoo: “Phakathi kwezimfanelo anazo ukusebenzisa ulimi ngokunembile nangendlela ekhaliphile, ikhono lokulawula indlela yokuphefumula, ukuzivala ngcí izindebe emlonyeni wepayipi nenkumbulo enhle yomculo. . . . Nakuba engenabo ubuchwepheshe nezinto zokwakha, futhi engayijwayele insimbi yokuvikela umlomo, imitshingo, noma insimbi yomculo enezimbobo, [owoMdabu wase-Australia] uye wenza insimbi yomculo elula yaba imfijoli yobungcweti ngokusebenzisa ikhono lokucabanga emculweni namakhono angokomzimba aphambili.”
Ngokungangabazeki isici esiphawuleka kakhulu somculo we-didgeridoo umsindo wayo onganqamuki, noma ukuvungazela. Umdlali wayo ukwenza ucabange ukuthi ukwazi ukubamba umoya ngokunganqamuki, ngoba umculo ungase uzwakale njalo unganqamuki imizuzu engaba yishumi.
Ukwenza I-didgeridoo
Njengoba sineso eliqeqeshiwe, isazi sobuciko bomdabu sihamba ehlathini sifuna isihlahla esifanelekayo sokhuni oluqinile, ikakhulukazi olukagamthilini. Nakuba ukhuni oluthambile lungase lusetshenziswe, ukhuni oluqinile lukhipha umsindo ongcono kakhulu. Lesi sihlahla kufanele sibe budebuduze neziduli zomuhlwa ngoba umuhlwa ungonjiniyela be-didgeridoo. Ugweda iziqu zamagatsha ezisetshenziselwa ukwenza lemfijoli.
Lapho igatsha selikhethiwe, liyanqunywa libe ubude obufunekayo. Ubude balo bunquma ukuphakama komsindo wemfijoli lapho isiqediwe. Khona-ke, kususwa amagxolo, kususwe ungqimba olubushelelezi olungaphandle ukuze ukhuni lungavaveki, bese leli gatsha liyagwedwa. Uma umuhlwa uligeqe ngokwanele ingaphakathi legatsha, kufanele ukwazi ukufaka uhlamvu lwemali olukhulu ngaphakathi. Isinyathelo esilandelayo ukulihlobisa, okungase kukhange kakhulu. Kodwa i-didgeridoo isuke ingakakulungeli ukudlalwa.
Isikhumba sezindebe zomdlali wayo singazwela ngokushesha ngenxa yokuthintana nokhuni njalo. Ngakho kunindwa ungqimba lwengcina emlonyeni we-didgeridoo, okuwenza ube bushelelezi ungamlimazi umdlali. Nokho, namuhla ama-didgeridoo amaningi enziwa emafektri, ngokuvamile ngokhuni oluthambile. Kodwa ngokuvamile ama-didgeridoo enziwe efektri awanawo umsindo nomfutho womkhiqizo ongokwemvelo wokhuni oluqinile.
Ngakho, njengoba lomkhosi wasebusuku kanye nesikhathi esisichithe ngaphansi kanyezi kufinyelela esiphethweni, asisayibheki i-didgeridoo njengento nje ebangela ilukuluku lokufuna ukwazi. Ngempela, imvunge ebeleselayo ye-didgeridoo iwudumo kubantu bomdabu base-Australia abathanda umculo.
[Isithombe ekhasini 24]
I-“didgeridoo” ingapendwa ibe mibalabala
[Isithombe ekhasini 25]
Umkhosi wasebusuku waboMdabu base-Australia
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
Pages 24-5 Aborigines: By Courtesy of Australian Northern Territory Tourist Commission