Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 4/8 k. 8-k. 10 isig. 7
  • Indlela Eya EPharadesi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Eya EPharadesi
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IPharadesi—Ezulwini Noma Emhlabeni?
  • IPharadesi Elibuyiselwe
  • Isizathu Sokuba Abanye Baye Ezulwini
  • IPharadesi Elingokomoya Lilungisa Indlela
  • Likuphi Ipharadesi Okukhulunywa Ngalo EBhayibhelini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ingabe IBhayibheli Lithembisa IPharadesi Lasemhlabeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ungaba Nalo Ikusasa Elijabulisayo!
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 4/8 k. 8-k. 10 isig. 7

Indlela Eya EPharadesi

NGENXA yesifiso somuntu sePharadesi kanye nemizamo emikhulu nemincane yokulenza futhi, umuntu ubengacabanga ukuthi kufanele ngabe manje wonke umhlaba uyipharadesi uqobo lwalo. Kodwa awulona.

Kunalokho, isintu siye sabuswa ukuhaha, ngokuvamile okuthi uma kubusa, indawo ezungezile nazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo zilimale. Bekholelwa ukuthi ingcebo yezinto ezibonakalayo iyona ezophumelela, abantu abaningi baye baphelelwa yilo lonke ithemba lokuthi lomhlaba uyoke uguqulwe ube ipharadesi eliyi-Edene. Kunalokho, babheke ekuphileni kwangemva kokufa njengokuwukuphela kwethemba labo lePharadesi. Lombono usho ukuthi, okokuqala, isifiso sethu sobuntu se-Edene asisoze safezeka nanini, okwesibili, usho ukuthi uNkulunkulu uyilahlile leplanethi ewumhlaba ngenxa yobubi nobugovu babantu. Ingabe kunjalo? Ikusasa liphetheni nje nempela? Futhi liyoba kuphi lelo kusasa?

IPharadesi—Ezulwini Noma Emhlabeni?

Eminyakeni ecishe ibe ngu-2000 edlule, lapho ekhuluma nesela eliphendukayo elalibethelwe eduze kwakhe, uJesu Kristu wathi: “Uyoba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Ingabe uJesu wayesho ukuthi leli sela laliyoya naye ezulwini? Cha.

Lomenzi wobubi wayengeke akucabange nakukucabanga lokho. Ngani? Ngoba mhlawumbe wayejwayelene namavesi ayesemiBhalweni YesiHeberu, eyayingosuku lwakhe, njengengxenye yokuqala yeHubo 37:29: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba.” (Omalukeke sizenzele.) UJesu wafundisa iqiniso elifanayo, ememezela: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayozuza umhlaba njengefa.” (Mathewu 5:5) Lombhalo uvumelana nalokho okuvame ukubizwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi, othi: “Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu wadala umhlaba, hhayi izulu, njengekhaya lomkhaya wesintu. IZwi laKhe lithi ‘akawudalelanga ize umhlaba’ kodwa “wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.” (Isaya 45:18) Isikhathi eside kangakanani? “Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube-phakade naphakade.” (IHubo 104:5) Yebo, “umhlaba umi phakade.”—UmShumayeli 1:4.

Kuyinjongo kaNkulunkulu ukuba uquqaba lwalabo abamkhonzayo benze lomhlaba ube ikhaya labo phakade. Phawula ukuthi iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithini ngalokhu. IHubo 37:11 liyabikezela: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” Kuze kube nini? IHubo 37:29 lithi: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (Omalukeke sizenzele.) Ngaleso sikhathi kuyogcwaliseka umbhalo othi: “Uyavula isandla sakho [Nkulunkulu], usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo,” okusho ukuthi, ukufisa okuvumelana nentando kaNkulunkulu.—IHubo 145:16.

Kuthiwani ngalabo abangenasifiso sokwenza intando kaNkulunkulu? IzAga 2:21, 22 zithi: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”

IPharadesi Elibuyiselwe

Ngokushesha manje kuzokhishwa izahlulelo zikaNkulunkulu kulelizwe elibi. (Mathewu 24:3-14; 2 Thimothewu 3:1-5, 13) Kodwa uNkulunkulu uyosindisa “isixuku esikhulu” sabantu kuleyo mbubhiso ezayo bangene ezweni elisha alenzile.—IsAmbulo 7:9-17.

Khona-ke, uNkulunkulu uyoqondisa umsebenzi ojabulisayo oyokwenziwa izinceku zakhe ezingabantu wokuguqula wonke umhlaba ube ikhaya lesintu eliyipharadesi. IBhayibheli liyathembisa: “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe. . . . Ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi nemifudlana kwahlongasibi.”—Isaya 35:1, 6.

Kulelo Pharadesi elinwetshiwe, ngeke isaba khona indlala, ubumpofu, imijondolo, abantu abangenamakhaya, noma izindawo ezigcwele ubugebengu. “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni.” (IHubo 72:16) “Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo.” (Hezekeli 34:27) “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye.” (Isaya 65:21, 22) “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.”—Mika 4:4.

Isizathu Sokuba Abanye Baye Ezulwini

Abantu abaningi cishe bayovuma ukuthi balangazelela ipharadesi lasemhlabeni. Kungokwemvelo lokho, ngoba uNkulunkulu akazange abafake isifiso sokuya ezulwini; ngeke bakwazi nakukwazi ukucabanga ukuthi kunjani ukuphila kwasezulwini. Ngokwesibonelo, exoxa nomfundisi wakhe weSonto LaseSheshi, uPat, nakuba ayeyilungu elizinikele lesonto, wathi: “Angikaze ngibe nemicabango yokuya ezulwini. Angifuni ukuya khona, futhi yini nje engingayenza khona?”—Qhathanisa neHubo 115:16.

Yiqiniso, iBhayibheli lifundisa ukuthi inani elilinganiselwe labantu, abangu-144 000, eliya ezulwini. (IsAmbulo 14:1, 4) Libuye lichaze nesizathu: “Wabenza ukuba babe umbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bazobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10) Kanye neNkosi yabo, uJesu Kristu, bakha “umbuso,” uhulumeni omusha wasemhlabeni ongokwasezulwini, amaKristu awuthandazelayo. Lohulumeni uyoqondisa ukulungiswa ngokuphelele komhlaba nesintu.—Daniyeli 2:44; 2 Petru 3:13.

Nokho, njengoba isifiso sokuphila ezulwini singesona esingokwemvelo kubantu, ukusebenza komoya kaNkulunkulu okungavamile ‘kufakaza’ kwabangu-144 000 ukuze baluqonde lolu ‘bizo lwaphezulu’ olukhethekile. (Roma 8:16, 17; Filipi 3:14) Ngokusobala-ke, isintu esivamile asikudingi ukusebenza okunjalo komoya ongcwele ngoba ikhaya laso laphakade lizoba semhlabeni oyipharadesi.

IPharadesi Elingokomoya Lilungisa Indlela

Umuntu ukufanelekela kanjani ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni? “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade,” kusho uJesu, “ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ehlanganisa ubudlelwane babantu obunokuthula nolwazi lukaNkulunkulu, u-Isaya 11:9 uthi: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Qhathanisa no-Isaya 48:18.

Yebo, lolu lwazi akulona nje olwasekhanda. Luthonya ubuntu bomuntu futhi luthuthukise izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu, ‘njengothando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.’ (Galathiya 5:22, 23) OFakazi BakaJehova balwela ukuhlakulela lezi zimfanelo, futhi ngenxa yalokho, ngisho kwamanje, babusiswa ngepharadesi elingokomoya elakhayo.—Isaya 65:13, 14.

Yeka ukuthi isimo sabo esingokomoya sihluke kanjani kwesezwe, eliya lingena lishona obishini lokungamhloniphi uNkulunkulu nasekukhohlakaleni! Nokho, ngokushesha uNkulunkulu uzolibhubhisa lelizwe elibi. Okwamanje, oFakazi BakaJehova bakumema ukuba uvakashe—yebo, uhlole—ipharadesi elingokomoya abalijabulelayo. Zibonele ngokwakho ukuthi kwamanje uJesu, iNkosi yasezulwini engabonakali, buthule uhola izakhamuzi zesikhathi esizayo zalelozwe elisha endleleni ewumngcingo eya ePharadesi lasemhlabeni nasekuphileni okuphakade!—Mathewu 7:13, 14; IsAmbulo 7:17; 21:3, 4.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

Abasindile esiphelweni salelizwe bayojabulela ukuhlanganyela ekuguquleni umhlaba ube ipharadesi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela