Ukuqhubeka Uphila Ezweni Elihahayo
“NGINGAQHUBEKA kanjani ngiphila?” UJames Scott wabhekana nalowo mbuzo lapho ephelelwe ithemba edukile eziNtabeni zaseHimalaya. Wayesengozini enkulu yokubulawa amakhaza noma indlala. Wakhumbula ebona abantu emincintiswaneni ye-karate “bephelelwa amandla kancane kancane, igalelo ngalinye libaqeda umfutho, kwaze kwaba yilapho . . . bengasakwazi ukuzivikela ngokuphelele.” Wathi: “Yileyo ndlela engazizwa ngayo lapho ngivala uziphu we-sleeping bag sami futhi ngokudikibala ngidla iqhwa. Ngangiphelelwe amandla futhi ngingasafisi ukuphila. Ngangingakaze ngizizwe nginqotshwe ngaleyo ndlela.”—I-Lost in the Himalayas.
Ngomqondo othile, abaningi namuhla banjengaye—bavaleleke ezweni elibuswa ukuhaha. Ungase uzizwe uphelelwa amandla kancane kancane futhi uhluleka. Bambalwa abantu abangayibalekela ngokuphelele imiphumela eqondile yokuhaha. Kuye ngokuthi uhlala kuphi emhlabeni, izinkinga obhekana nazo ziyohlukahluka kakhulu—ukuhaha kuthinta abantu abasemazweni asathuthuka ngendlela ehluke ngokuphelele kweyalabo abasemazweni acebile. Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi lezo zinkinga zinjani, mhlawumbe ungafunda ukuqhubeka uphila ungenamyocu ngokomzimba, ngokomzwelo, nangokomoya kuze kufike usizo. Kanjani? Ngokulandela iseluleko esiyisisekelo esinikezwa ochwepheshe abanikeza amacebiso okuqhubeka uphila.
Kunamaphuzu amabili avelele eselulekweni sabo. Elokuqala ukuba ugweme ukwenza isimo esibi kakade sibe sibi kakhulu. “Isu lakho,” kusho i-Urban Survival Handbook, “kumelwe kube ukugwema izingozi ezingadingekile . . . futhi unciphise umonakalo obangelwa yilezo ongenakuzigwema.” Elesibili—mhlawumbe nelibaluleke kakhulu—lithinta isimo sengqondo. I-SAS Survival Handbook ithi: “Ukuqhubeka uphila kuthinta isimo sengqondo ngokufanayo nokukhuthazela ngokomzimba nolwazi.”
Yenza Konke Okusemandleni Ngaphansi Kwalezo Zimo
“E-United States kubulawa umuntu oyedwa njalo emizuzwini engu-22, kuphangwa oyedwa njalo emizuzwaneni engu-47 kanti kuhlaselwa kabi oyedwa njalo emizuzwaneni engu-28,” kubika i-Staying Alive—Your Crime Prevention Guide. Ezimweni ezinjalo, yini ongayenza? Okungenani, ungazama ukugwema ukuzenza isisulu esisobala noma esingavikelekile. Phaphama futhi uqaphe. Yenza konke okusemandleni ukuze unciphise ingozi.a
Ngokwesibonelo, ungenzi isimo sakho sibe sibi ngokukhohliseka kalula. I-New York Times ibika ukuthi amaMelika angamaphesenti angu-18 ayavuma ukuthi ayizisulu zokukhohliswa—aphanjwa izinkulungwane zama-dollar abantu abangathembekile abafuna abangaba izisulu. Ngokuvamile izisulu zingabantu abadala njengomfelokazi oneminyaka engu-68 ubudala owaphangwa u-$40 000 (R174 000). Okuhlangenwe nakho kwakhe kwabangela ukuba kubhalwe isihloko esikhulu esithi: “Uma Unezinwele Ezimpunga, Abakhohlisi Babona Amaphepha Aluhlaza [okusho imali, noma ama-dollar].”
Kodwa akudingeki ukuba ube esinye isisulu esingaqaphile, esingenalusizo esilindele ukuxhashazwa. I-Staying Alive iyasixwayisa: “Qaphela impisi embethe isikhumba semvu.” Isalukazi esithile esineminyaka engu-70 ubudala salalela lesi seluleko. Sathengiselwa umshuwalense okhokhela zonke izindleko zezokwelapha, ngentengo ka-$10 (R44) kuphela ngenyanga. “Okuwukuphela kwento lesi salukazi okwakufanele siyenze,” kusho lombiko, “kwakuwukunikeza lomthengisi u-$2500 [R10 875] kuqala.” Asizange. Ngokushayela lenkampani yomshuwalense ucingo, sathola ukuthi lendoda yayiwumkhohlisi. “Lapho sisathelela lomthengisi inkomishi yetiye, amaphoyisa afika futhi ambopha.”
Ukwenza konke okusemandleni akho ukuze uzivikele kuvela ngokucacile eselulekweni esinikezwa eBhayibhelini. “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” (IzAga 14:15; 27:12) Abanye balahla iBhayibheli ngokuthi liyisidala futhi alinalusizo. Kodwa iseluleko salo esinengqondo singakusindisa. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Ukuhlakanipha [njengalokho okutholakala eBhayibhelini] kungokwesivikelo njengoba nemali ingeyesivikelo; kodwa inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha ngokwakho kugcina abaninikho bephila.”—UmShumayeli 7:12, NW.
Abafundi abaningi be-Phaphama! baye bakuthola kuyiqiniso lokhu. Ngokwesibonelo, abanye baye bathola isivikelo ngokuklabalasa lapho besongelwa ngokudlwengulwa noma olunye uhlobo lobudlova, ngokuvumelana nalokho okushiwo kuDuteronomi 22:23, 24. Abanye baye balalela iseluleko seBhayibheli sokuba bagweme noma yini “engcolisa umzimba noma umoya.” (2 Korinte 7:1, The Twentieth Century New Testament) Kanjalo baye bazivikela kubathengisi bakagwayi nezidakamizwa, abathola ingcebo ngokulimaza impilo yabantu. Abafundi abaningi futhi baye bagwema izingibe zabashumayeli baku-TV abahahela imali nabaholi bezombangazwe abahahela amandla. (Bheka ibhokisi, ekhasini 7.) Funda iBhayibheli. Ungase umangale ukuthi linikeza usizo olukhulu kangakanani.
Gwema Ukungenwa Ukuhaha
Yiqiniso, kunenye ingozi yokuhaha—ungase wena ngokwakho uhahe. Lokhu kuyokuphuca izimfanelo ezinhle ezikwenza uhluke ezilwaneni. Ichaza uthelawayeka wezentengiselwano lapho osomabhizinisi babeqongelela khona konke ababengase bakuthole, ingqapheli ethile yacashunwa ithi: “Izingulube zazibutha ngobugovu. Izinga lokuhaha . . . lamane langalawuleka.” Cishe lawo mazwi afanele lawo magovu ezebhizinisi ukwedlula izingulube! Ngokuqinisekile kwabonakala besishaya indiva iseluleko esihle esanikezwa uJesu Kristu: “Hlalani nivule amehlo futhi niqaphe yonke inhlobo yokukhanuka.”—Luka 12:15.
UJesu Kristu wanikeza leso seluleko ngoba wayazi ukuthi ungazilimaza kabi kangakanani uma ubanjwa ukuhaha. Isifiso sobugovu sezinto ezibonakalayo—kanye nesifiso sokuba namandla noma sobulili—singaba isifiso esibusa ukuphila kwakho, sikuphuce isikhathi noma ukuthambekela ongase ube nakho kokunakekela abantu noma izindinganiso ezingokomoya. U-Anthony Sampson, encwadini yakhe ethi The Midas Touch, uthi: “Imali isinezici eziningi ezifana nezenkolo.” Kanjani? Imali iba unkulunkulu. Konke okunye kunikelwa ngenxa yokuhaha nokuthola inzuzo. Isici esibalulekile yinzuzo. Uma inzuzo inkulu, isimo siba ngcono. Nokho, kungakhathaliseki empeleni ukuthi singakanani isikhathi osichitha ngenxa yako, ukuhahela izinto ezibonakalayo ngeke kwaneliswe ngokugcwele. UmShumayeli 5:10 uthi: “Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo.” Ngokufanayo, “othanda” ukuba namandla, izinto ezibonakalayo, noma ubulili akasoze aneliseke, kungakhathaliseki ukuthi uthola okungakanani.
Ungalilahli Ithemba Lokuthola Usizo
Isihluthulelo esibalulekile sokuqhubeka uphila ukulondoloza isimo sengqondo sethemba nesiqondile. Ngezinye izikhathi akukho ongakwenza ukuze ugweme ithonya labantu abahahayo. Ngokwesibonelo, abantu ababulawa indlala ngokuvamile akukho abangakwenza ukuze babalekele usizi ababhekene nalo. Nokho, ungalahli ithemba; ungahlanzi ngedela. “Kulula ukudikibala, uyeke futhi uqhathe umunyu” uma ubhekene nesimo esibi noma esiyingozi, kusho i-SAS Survival Handbook. Ungayivumeli imicabango nemizwelo ephambene. Ungase umangale ukubona indlela ongakhuthazela ngayo. Lencwadi ithi: “Amadoda nabesifazane baye babonisa ukuthi bangaqhubeka bephila ezimweni ezibucayi kakhulu.” Bakwenza kanjani lokho? Ithi baqhubeka bephila “ngenxa yokuzimisela kwabo ukwenza kanjalo.” Zimisele ukuba unganqotshwa yilesi simiso esihahayo.
UJames Scott, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, ekugcineni wasindiswa kulokho okwakungase kube ithuna lakhe eHimalaya. Wathi umshikashika wakhe wokulwela ukuqhubeka ephila wawumfundise okungenani isifundo esisodwa esibalulekile. Yisiphi? Wathi: “Akukho nselele ekuphileni okunzima ngokweqile ukubhekana nayo.” UTim Macartney-Snape, umcaci wezintaba oyingcweti owamangala ngokuthi uJames Scott wayeqhubeke ephila isikhathi eside ngokwanele ukuba atholwe esaphila, naye wathola isifundo. Wathi: “Uma nje kusekhona inhlansi yethemba, ungadikibali.” Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi izinto zingase zibonakale zizimbi kangakanani, wenza izinto zibe zimbi kakhulu uma uphelelwa ithemba. Ungalilahli ithemba lokuthola usizo.
Kodwa ingabe ikhona “inhlansi yethemba,” ithuba lokutakulwa ezweni eligcwele ukuhaha? Ingabe siyoke sikhululeke kubantu abahahayo abacekela phansi leplanethi futhi abonakalisa ukuphila kwezigidi zezinkulungwane? Eqinisweni, kunethemba eliqinisekile lokuthola usizo. Cabangela impendulo yeBhayibheli esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ubudlova—Ungazivikela,” kuyi-Phaphama! ka-May 8, 1989, amakhasi 28-31.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Izixwayiso Zebhayibheli Ezifike Ngesikhathi
Izaga 20:23 “Izisindo Ezimbili Ziyisinengiso Kujehova, Nesilinganiso Senkohliso Asilungile.”
Jeremiya 5:26, 28 “Phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi, baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu. Bakhuluphele, bayacwebezela; yebo, bayadlula ezintweni zobubi; abameli ukulunga, abameli izintandane ukuba zihlahlamele, nemfanelo yabampofu abayahluleli.”
Efesu 4:17-19 “Ngakho-ke, lokhu ngikusho futhi ngikufakazele eNkosini, ukuthi ningabe nisaqhubeka nihamba njengoba nje izizwe zihamba ekungabini nambuyiselo kwezingqondo zazo, lapho zisebumnyameni ngengqondo, futhi zihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu, ngenxa yokungazi okukuzo, ngenxa yokungazweli kwezinhliziyo zazo. Zingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle, zazinikela ekuziphatheni okuxekethile ukuze zisebenze zonke izinhlobo zokungahlanzeki ngokuhaha.”
Kolose 3:5 “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka, okuwukukhonza izithombe.”
2 Thimothewu 3:1-5 “Kodwa yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya, abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, benesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bezibonakalisa bengathembekile emandleni ako; futhi bafulathele laba.”
2 Petru 2:3 “Ngokukhanuka bayonixhaphaza ngamazwi enkohliso. Kodwa ngokuqondene nabo, isahlulelo esisukela kudala asihambi kancane, futhi ukubhujiswa kwabo akozeli.”