Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 1/8 kk. 9-10
  • Izwe Elingenakho Ukuhaha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Elingenakho Ukuhaha
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga Yemfundo?
  • Ukungenela KukaNkulunkulu
  • ‘Ukuchitha Labo Abachitha Umhlaba’
  • Ukhona Ngempela Yini Umuntu Ongaguqula Umhlaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukhona Okhathalela Ngempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ukuhaha—Kusithinta Kanjani?
    I-Phaphama!—1997
  • Izigidi Eziphila Manje Azisoze Zafa Emhlabeni Wethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 1/8 kk. 9-10

Izwe Elingenakho Ukuhaha

“NGAPHANDLE kokuba kushintshe izingqondo zabantu embulungeni yonke, akukho okuyothuthuka esimweni sethu njengabantu, futhi inhlekelele izwe lethu elibheke kuyo . . . ngeke igwemeke.”—UVáclav Havel, umongameli waseCzech Republic.

Abantu abaningi bayaqaphela ukuthi uhlelo lwezwe lwamanje ngeke lusinde. Abanye, njengoVáclav Havel, bacabanga ukuthi okuwukuphela kwekhambi ukushintsha kwemicabango nezenzo zabantu embulungeni yonke. Ngokwesibonelo, enye ingqapheli yesimo sezwe samanje, ithi: “Emakhulwini ezigidi zabaphila ngobubha, ithemba lokuthola ukudla nezinye izidingo zokuphila ngeke libe ngcono . . . ngaphandle kokuba amazwe omhlaba athathe isinyathelo esiwujuqu sokushintsha izimo zamanje.”—I-Food Poverty & Power.

Nokho, ingabe kunengqondo ukubeka ithemba lethu lokusinda ohlotsheni oluthile loshintsho oluyisisekelo esintwini? Ingabe singabethemba ngokuqinisekile ohulumeni ukuba ‘bathathe isinyathelo esiwujuqu sokushintsha izimo zamanje’? Abanye bacabanga kanjalo. Bathi: ‘UNkulunkulu usinike inkululeko yokuzikhethela, futhi kuxhomeke kithi ukushintsha izinto.’ Kodwa amaqiniso omlando abuhlungu aphakamisa imibuzo engathi sína ngesifiso nekhono lomuntu lokwenza izinguquko ezidingekile. Lombono awulona ithemba elifiphele, kodwa kunalokho, uyiqiniso. Ingabe ubungabeka ukuphila kwakho ezandleni zikadokotela ohlinzayo uma wazi ukuthi zonke iziguli zakhe zangaphambili ziye zafa?

Inkinga Yemfundo?

“Lenkinga ingokwemfundo,” kusho uTed Trainer, kuyi-Developed to Death—Rethinking Third World Development. Uthi ngaphandle kokuba abantu bafundiswe ukubona ukuthi kudingeka ushintsho oluyisisekelo, “asinakuba nethemba lokufinyelela inkathi yokushintshela ohlelweni lwezwe oluzinzile.” Ngokungangabazeki kunesidingo sokufundisa abantu ngokubaluleka kokushintsha isimo sengqondo nezenzo ukuze umhlaba usinde. Eqinisweni, kusemqoka, futhi iBhayibheli likhuluma ngohlelo olunjalo lwemfundo. Lithi umhlaba “uyakugcwala ukumazi uJehova.” Khona-ke, akukho muntu ‘oyokwenza okubi, achithe’ kunoma iyiphi indawo emhlabeni.—Isaya 11:9.

Kodwa alikho izinga lemfundo, hhayi ngisho nohlelo lukaNkulunkulu lwemfundo ngokwalo, oluyosusa abantu abahahayo emhlabeni abenza umonakalo omkhulu futhi babangele incithakalo kuyo yonke indawo. Imfundo iyoshintsha abantu abafuna ukushintsha kuphela, abantu abafuna ukuzivumelanisa nezindinganiso zikaNkulunkulu. NgokukaJesu Kristu, bambalwa. (Mathewu 7:13, 14) Ngakho iBhayibheli alisekeli isithembiso salo soshintsho ethembeni elikhohlisayo lokuthi ngolunye usuku sonke isintu siyoqaphela ubukhulu benkinga futhi sishintshe izindlela zaso. Lithi uNkulunkulu uyothatha isinyathelo esiqondile sokususa abantu abahahayo emhlabeni.

Ukungenela KukaNkulunkulu

Abaningi bacabanga ukuthi lombono wokungenela ngokuqondile kukaNkulunkulu uyiphupho noma ukubamba utalagu. “Izinto ezintsha zobuhlakani zekhulu le-18 zasiphoqelela ukuba silahle umbono oduduzayo wokuthi uNkulunkulu uyongenela ezindabeni alungise isintu,” kusho i-World Hunger: Twelve Myths. Kodwa ingabe kufanele sibeke ukholo lwethu ekuhlakanipheni nakumafilosofi abantu abaye baphelelwa ukholo ‘kuNkulunkulu ongenela ezindabeni’? Ingabe amakhambi abo awakona ukubamba utalagu?

Kuwukuhlakanipha ukusekela ithemba lethu lokusinda eziprofethweni ezingaphuthi ezitholakala eBhayibhelini ezibonisa ukungenela kukaNkulunkulu. Ukukholelwa ezithembisweni zikaNkulunkulu akuwona nje “umbono oduduzayo”—kuwukuphela kwethemba langempela lokusinda esinalo!

‘Ukuchitha Labo Abachitha Umhlaba’

Yini ngempela uNkulunkulu ayithembisayo? Phakathi kokunye, uthembisa ukususa emhlabeni labo abangcolisa futhi babhubhise indawo ezungezile. IsAmbulo 11:18 sichaza ukuthi ‘unesikhathi esimisiwe’ sokuba ‘achithe labo abachitha umhlaba.’ Lokho kuyosho ukuthini? Kuyosho ukuphela kwabo bonke labo manje abacindezela abampofu nababuthaka. UNkulunkulu ‘uyokwahlulela abahluphekileyo kubantu, asindise abantwana babampofu, aphohloze onokhahlo.’ Uyoqeda abahahayo futhi avumele izisulu zabo ezingenacala ukuba zichume. ‘Uyakukhulula ompofu ozikhalela kuye . . . Uyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni.’—IHubo 72:4, 12-14.

Yeka ushintsho lolo okuyoba yilo! Ngokomphostoli uPetru, lolu shintsho luyosabalala kangangokuba luyoletha “amazulu amasha nomhlaba omusha.” (2 Petru 3:13) ‘Kulomhlaba omusha,’ wonke umuntu uyojabulela isilinganiso esanelisayo somkhiqizo womhlaba. (Mika 4:4) Ngisho namanje, kunenala yokudla kwabo bonke. Ukwabiwa kwako ngokungalingani yikhona okuyinkinga. “Kuye kwalinganiselwa ukuthi singakhiqiza ukudla okwanele ukondla abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-38 kuya kwezingu-48 endaweni elimekayo embulungeni yonke,” kusho u-Anne Buchanan, encwadini yakhe ethi Food Poverty & Power.

Leplanethi iyosinda. UMdali wayo ‘akayidalelanga ize, [kodwa] wayibumba ukuba kuhlalwe kuyo.’ (Isaya 45:18) Ukuthatha kukaNkulunkulu isinyathelo ngokumelene nabantu abahahayo kuyosho inkathi emfushane ‘yosizi olukhulu.’ (Mathewu 24:21) Khona-ke abayosinda kulolo sizi bayojabulela umhlaba oyipharadesi, owakhiwe abantu abangenakho nhlobo ukuhaha. (IHubo 37:10, 11; 104:5) Kuyoba njengoba iBhayibheli lithembisa: ‘UJehova uyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.’—Isaya 25:8.

Ungaba ngomunye wabajabulayo abayozuza esinyathelweni sikaNkulunkulu sokususa ukuhaha emhlabeni. Uma ufuna ngempela ukwenza intando kaNkulunkulu, zenze utholakalele lonke usizo olunikezwayo lokukusiza ukuba uphile manje ezweni elihahayo. Thatha isinyathelo sokusinda ‘osizini olukhulu.’ OFakazi BakaJehova bakulungele ukukusiza ukuba ufunde lokho okufanele ukwazi. Zizwe ukhululekile ukuthintana nabo eHholo LoMbuso lendawo noma ubhalele ekhelini eliseduze kwasekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela