Ukuhaha—Kusithinta Kanjani?
UKUHAHA kubhubhisa ukuphila kwezigidi. Kwenza abahahayo babe nonya futhi kuletha ubuhlungu nosizi ezisulwini zabo. Kungenzeka ukuthi ekuphileni kwakho ubhekana nemiphumela yokuhaha. Ngisho nokweba ezitolo okuvamile kwenyusa intengo yezinto ozithengayo. Uma iholo lakho lilincane futhi izindleko zezidingo zansuku zonke zingaphezu kwamandla akho, kungenzeka uyisisulu sokuhaha kothile.
Abalambile Nabafayo
Ukuzikhathalela kwezwe kobugovu kuthiya imizamo yohulumeni yokusiza abampofu ngokuphumelelayo. Emuva ngo-1952, usosayensi onguchwepheshe wezokondleka uSir John Boyd Orr wathi: “Ohulumeni bazimisele ukuhlanganisa abantu nemithombo yengcebo ukuze kube nempi yezwe kodwa imiBuso Emikhulu ayizimisele ukubumbana ukuze iqede indlala nobumpofu emhlabeni.”—I-Food Poverty & Power, ka-Anne Buchanan.
Yiqiniso, lukhona usizo oluncane olunikezwayo. Kodwa kunjani ngempela ukuphila kweningi labampofu, abanganakiwe emhlabeni? Umbiko wamuva nje uthé nakuba kunomkhiqizo wokudla omkhulu kwezinye izindawo, “indlala nokungondleki kusakhathaza iningi labantu abampofu emhlabeni . . . Ingxenye yesihlanu [abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane] yabantu basemhlabeni ibulawa indlala nsuku zonke.” Lombiko uyaqhubeka uthi: “Ngaphezu kwalokho, abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezimbili babulawa ‘indlala efihlekile’ ngenxa . . . yokuntuleka [kokudla] okungabangela izifo ezingathi sína.” (Developed to Death—Rethinking Third World Development) Lezi zibalo ngokuqinisekile kufanele zibe indaba egudwini!
Abagqilazwayo
Abaholi bezigebengu bathola ingcebo ngokuhlupheka kwezisulu zabo nomphakathi uwonke. Izidakamizwa, ubudlova, ubufebe, nokusaphazwa komnotho kugqilaza izigidi. Futhi, uGordon Thomas uthi encwadini yakhe ethi Enslaved: “Ngokwe-Anti-Slavery Society, kunezigqila ezilinganiselwa ezigidini ezingu-200 emhlabeni. Ezingaba izigidi eziyikhulu kuzo ziyizingane.” Iyini imbangela eyinhloko? Lombiko uyachaza: “Isifiso sokugqilaza siseyisici esingathandeki esintwini . . . [Ubugqila] bubangelwa isifiso esibi, ukuhaha nokuthanda ukubusa.”
Abanamandla baphuca ababuthaka nabangenalusizo amalungelo abo futhi babulala abaningi. “Phakathi kwamaNdiya ayizigidi ezimbili ayehlala eBrazil lapho kuqala ukufika kwabelungu, mhlawumbe sekusele angaba izinkulungwane ezingamakhulu amabili.” (The Naked Savage) Ngani? Isizathu esiyinhloko ukuhaha.
Igebe Elikhulayo Phakathi Kwabacebile Nabampofu
I-New York Times yabika ukuthi uJames Gustave Speth, umphathi we-United Nations Development Program, wathi “abantu abavelele embulungeni yonke . . . baqongelela ingcebo enkulu namandla, kuyilapho abangaphezu kwengxenye yesintu bengenalutho.” Leli gebe eliyingozi phakathi kwabacebile nabampofu livezwa ngokucacile amazwi akhe: “Sisenabantu abangaphezu kwengxenye kuleplanethi abahola imali engaphansi kuka-$2 [R9] ngosuku—abantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezintathu.” Wanezela: “Kubantu abampofu kulelizwe elinezigaba ezimbili, kuyimbangela yokuphelelwa ithemba, yentukuthelo, nokukhungatheka.”
Lokhu kuphelelwa ithemba kwandiswa iqiniso lokuthi iningi labacebile libonakala lingenazwela noma isihawu ngosizi lwabantu abakhungethwe ubumpofu nendlala.
Izisulu zokuhaha zikuyo yonke indawo. Ngokwesibonelo, ake ubheke ukukhungatheka kwababaleki abasongelwa ukulwela amandla eBosnia, eRwanda, naseLiberia. Ake ubheke ukudikibala kobuso kwalabo ababulawa indlala ezweni elinenala. Kubangelwa yini konke lokhu? Ngandlela-thile—kubangelwa ukuhaha!
Ungaqhubeka kanjani uphila lapho uzungezwe abahlaseli abahahayo endaweni enobutha kangaka? Izihloko ezimbili ezilandelayo zicabangela lombuzo.