Ukusetshenziswa Kabi Kotshwala Kuyalahlwa
UKUSEBENZISA uphuzo olunamandla kuze kube sezingeni lokudakwa kulahlwa ngokuqinile eBhayibhelini. Umlobi ohlakaniphile wezAga unikeza umfanekiso okhanyayo nonembile ngokwesayensi wemiphumela yokuphuza utshwala ngokweqile. Uyaxwayisa:
“Ngubani othi: Maye! Ngubani othi: Wo! Ngubani oxabanayo? Ngubani okhalayo, ngubani onezilonda ngeze, na? Ngubani onamehlo aklwelayo na? Yibo abalibala ngasewayinini, abaya ukunambitha iwayini elixutshanisiweyo. Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu, nokuthi licwebezela endebeni [lapho iwayini libukeka likhanga, licwebezela ngokweqile], ukuba lehle kalula [lapho lehla kalula kakhulu emphinjeni]. Ngasekugcineni liyaluma njengenyoka, lihlabe njengebululu [lingenza ukuba ugule ngokomzimba (ngokwesibonelo, libangele ukuqina kwesibindi) nangokwengqondo (lenze ukuba uhheme), futhi lingabulala ngokoqobo]. Amehlo akho ayakubona imihlola [utshwala busebenza ezikhungweni zokuqondisa zengqondo, buzicindezele; ngokuvamile isimo sengqondo esicindezelekile siba sobala; ubone izinto ezingekho; izikhala ezisenkumbulweni zigcwaliswa ngabantu abaxoxa ngokuhlangenwe nakho okungamaphupho ngendlela ekholisa ngempela; umuntu wenza izinto ngokukhululeka ngokweqile], inhliziyo yakho ikhulume okuphambeneyo [imicabango nezifiso ezivame ukucindezelwa zizozwakaliswa].”—IzAga 23:29-33.
Okuhlangenwe nakho komuntu siqu kwesidakwa kuyachazwa njengoba umlobi eqhubeka: “Uyakuba-njengolele ekujuleni kolwandle [ube nokudideka komuntu ominzayo, ekugcineni oqhubekela esimweni sokungezwa lutho] nohlezi esihlokweni sensika yomkhumbi [njengoba umkhumbi unyakaza kakhulu kuleyo ndawo, ukuphila kwesidakwa kusengozini yokuvelelwa ingozi, ukushaywa, ukulwa, nokunye]. Uyakuthi: Bangishayile, angilimalanga; bangigalele, angikwazanga [kusho isidakwa, njengokungathi sikhuluma sodwa; besingakuzwa lokho obekwenzeka ngokoqobo nesijeziso lokhu okuhlangenwe nakho okuye kwasilethela sona]. Lapho ngivuka, ngiyakubuye ngilifune [manje kumelwe sisuse imiphumela yokuzitika ngokweqile, kodwa sigqilazwe utshwala futhi sibheka phambili ekuphuzeni ngokwengeziwe lapho siphumelela].” Siyoba mpofu, ngokusaphaza imali eningi ngokweqile sithenga utshwala nangokuba ongenakwethenjelwa futhi sizenze ukuba singakwazi ukusebenza.—IzAga 23:20, 21, 34, 35.
Kwenqatshelwe Ebandleni LobuKristu
Isidakwa sithambekele ekuxokozeleni noma ekwenzeni umsindo ngokhahlo, nangokungazithibi nokuba nezenzo zokugcona, eziletha isihlamba. (IzAga 20:1; IHubo 107:27; Isaya 19:14) Ngenxa yalokho, ubudakwa akumelwe bubekezelelwe ebandleni lobuKristu. Isimo sengqondo sikaNkulunkulu ngokuphathelene nobudakwa savezwa eMthethweni wakhe ku-Israyeli. Indodana eyayinenkani futhi ivukela, iyisiminzi nesidakwa, kwakumelwe ikhandwe ngamatshe ize ife.—Duteronomi 21:18-21.
Ngokufanayo, iBhayibheli liyala ukuba izidakwa ezingaphenduki noma ezikwenza umkhuba ukudakwa zixoshwe ebandleni lobuKristu. (1 Korinte 5:11-13) “Imisebenzi yenyama” ihlanganisa “izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo,” okuyizinto ezenziwa izizwe ngokuvamile. UmKristu, oseye wahlanzwa ezenzweni ezinjalo kodwa ngemva kwalokho obuyela kuzo futhi azibonakalise engaphenduki, uyovinjelwa ukuba angene eMbusweni kaNkulunkulu.—Galathiya 5:19-24; 1 Korinte 6:9-11.
Njengoba kuboniswe eMthethweni, akufanelekile ukuzitika ngotshwala ngaphambi nje kokuba uhileleke enkonzweni engokwenkolo. Abapristi bakwa-Israyeli babeyalwe ukuba bangaphuzi wayini noma uphuzo oludakayo lapho benza imisebenzi yabo engokomthetho, funa bafe.—Levitikusi 10:8-11.
AmaKristu kufanele elulekwe kahle ukuba aqaphele isimiso esiyisisekelo salengxenye yoMthetho kaMose.
Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile eze azoqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala nawe, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.