Ikhasi Lesibili
Ingabe Uya—Eholidini? Lokho—Okufanele Ukwazi 3-10
Ubani ongakujabuleli ukuya eholidini? Funda indlela ukuqaphela izingozi ezingase zivele okungakusiza ngayo ukuba ujabulele amaholide ngaphandle kokuzisola.
Kungani Ngihluleka—Ukufunda? 11
Kungenzeka amaphesenti angaba yishumi azo zonke izingane anobunzima bokufunda. Yini ezingayenza ukuze zibhekane nesimo?
Isifo SaseLyme—Ingabe Usengozini? 14
Yini ekufaka engozini? Ziyini izimpawu? Ungakuvimbela kanjani ukungenwa yiso?