Isisekelo Esisodwa Sesehlukaniso SamaKristu
ENTSHUMAYELWENI yakhe yaseNtabeni, uJesu Kristu wathi: “Ngaphezu kwalokho kwathiwa, ‘Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, makamnike incwadi yesehlukaniso.’ Nokho, mina ngithi kini wonke umuntu ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, umbeka esimweni sokuphinga, futhi noma ubani oshada nowesifazane ohlukanisile uyaphinga.”—Mathewu 5:31, 32.
Futhi, ngemva kokutshela abaFarisi ukuthi imvume kaMose yokuba bahlukanise nabafazi babo yayingelona ilungiselelo elalilokhu likhona “kusukela ekuqaleni,” uJesu wathi: “Ngithi kini noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye uyaphinga.”—Mathewu 19:8, 9.
Ubufebe Nokuphinga
Namuhla, ngokuvamile, kwenziwa umehluko phakathi “kwezifebe” “neziphingi.” Ngokwendlela asetshenziswa ngayo lamagama namuhla, labo abanecala lobufebe ngabantu abangashadile ababa nobuhlobo bobulili ngokuzithandela nomuntu wobulili obuhlukile. Iziphingi ngabantu abashadile ababa nobuhlobo bobulili ngokuzithandela nomuntu wobulili obuhlukile okungeyena umngane wabo womshado ongokomthetho.
Nokho, igama elithi ‘ubufebe’ liwukuhunyushwa kwegama lesiGreki elithi por·neiʹa futhi lihlanganisa zonke izinhlobo zobuhlobo bobulili obungemthetho ngaphandle komshado ongokomBhalo. Ngakho, amazwi kaJesu akuMathewu 5:32 no-19:9 asho ukuthi okuwukuphela kwesizathu sesehlukaniso esisinqamula ngempela isibopho somshado i-por·neiʹa ngasohlangothini lomngane womshado walowo muntu. Umlandeli kaKristu angase asebenzise lelo lungiselelo lesehlukaniso uma ethanda, futhi isehlukaniso esinjalo siyomkhulula ukuba ashade nomKristu ofanelekayo.—1 Korinte 7:39.
Izenzo zokuziphatha okubi ngokobulili ezenziwe umuntu oshadile nomuntu wobulili obufanayo (ubungqingili) zingcolile futhi ziyenyanyeka. Abantu abanjena abangaphenduki ngeke bawuzuze njengefa uMbuso kaNkulunkulu. Futhi, ngokuqinisekile, ukuba nobuhlobo bobulili nesilwane umBhalo uyakulahla.—Levitikusi 18:22, 23; 1 Korinte 6:9, 10.
Lezi zenzo ezingcole ngokungathi sína zingena ngaphansi kwegama elibanzi elithi por·neiʹa. Kuyaphawuleka futhi ukuthi, ngaphansi koMthetho kaMose, ubungqingili nokuba nobuhlobo bobulili nesilwane kwakunesijeziso sokufa, kukhulula umngane womshado omsulwa ukuba aphinde ashade.—Levitikusi 20:13, 15, 16.
UJesu Kristu wathi “wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Kodwa uJesu akazange athi lokho okwakusenhliziyweni, kodwa okungazange kwenziwe, kunikeza isisekelo sesehlukaniso. Amazwi kaKristu abonisa ukuthi inhliziyo kufanele igcinwe ihlanzekile futhi akufanele ukuba umuntu afukamele imicabango nezifiso ezingafanele.—Jakobe 1:14, 15.
Umthetho wamaJuda worabi wawugcizelela umthwalo wemfanelo womuntu oshadile wokufeza imfanelo yasemshadweni futhi uvumela ukuba indoda ihlukanise nomkayo uma ehluleka ukuzala abantwana. Nokho, imiBhalo ayiwaniki amaKristu ilungelo lokuhlukanisa nabangane bawo bomshado ngenxa yaleso sizathu.
Akukho okushiwo emiBhalweni okungavumela umKristu ukuba ahlukanise nashade naye ngenxa yokuba lowo engakwazi ngokomzimba ukufeza imfanelo yasemshadweni, noma esangene noma engenwe isifo esingalapheki noma esenyanyekayo. Uthando amaKristu okumelwe alubonise lwenza kudingeke ukuphatha umngane womshado onjalo ngesihe, alwenzi kudingeke isehlukaniso.—Efesu 5:28-31.
Futhi iBhayibheli aliwaniki amaKristu ilungelo lokuhlukanisa nabangane bawo bomshado ngenxa yokuhlukana okungokwenkolo; kunalokho libonisa ukuthi ngokuhlala nomngane ongakholwa umKristu angase amzuzele enkolweni yeqiniso.—1 Korinte 7:12-16.
Izindinganiso ZikaNkulunkulu Zasekuqaleni Zibuyiselwe
ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi “wonke umuntu ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, umbeka esimweni sokuphinga, futhi noma ubani oshada nowesifazane ohlukanisile uyaphinga.” (Mathewu 5:32) Ngalokhu, uKristu wabonisa ukuthi uma indoda ihlukanisa nomkayo ngezinye izizathu okungezona ezokuba enze ‘ubufebe’ (por·neiʹa), imbeka esimweni sokuba aphinge esikhathini esizayo. Lokhu kunjalo ngoba lomfazi ongazange aphinge akahlukaniswanga ngokufanele nomyeni wakhe yileso sehlukaniso futhi akakhululekile ukuba angashada nenye indoda futhi abe nobuhlobo bobulili nayo.
Lapho uKristu ethi noma ubani “oshada nowesifazane ohlukanisile uyaphinga,” wayebhekisela kowesifazane ohlukanise ngezizathu okungezona ‘izizathu zobufebe’ (por·neiʹa). Owesifazane onjalo, nakuba ehlukanise ngokomthetho, akanakuba ohlukanisile ngokomBhalo.
Umuntu ongashadile owenza ubufebe nesifebe uzenza abe “mzimba munye” nalowo muntu. Ngokufanayo, isiphingi sizenza “mzimba munye,” hhayi nomkaso ongokomthetho, kodwa nomuntu oziphatha kabi esiba nobuhlobo bobulili naye. Kanjalo isiphingi asoni enyameni yaso siqu kuphela kodwa nakumkaso ongokomthetho lowo kuze kube yileso sikhathi ‘obenyamanye’ naso.—1 Korinte 6:16-18.
Ngenxa yaleso sizathu ukuphinga kunikeza isisekelo sangempela sokunqamula isibopho somshado ngokuvumelana nezimiso zaphezulu, futhi lapho kunalezi zizathu khona, isehlukaniso esitholakalayo siletha ukuqedwa okungokomthetho nokokugcina kwesibopho somshado ongokomthetho, sikhulule umngane womshado omsulwa ukuba aphinde ashade ngenhlonipho.—Heberu 13:4.
Nokho, umuntu akabophekile ngokomBhalo ukuba ahlukanise nomngane womshado oyisiphingi ophendukile. Indoda noma owesifazane ongumKristu angase abonise isihe esengeziwe esimweni esinjalo, njengoba nje kubonakala sengathi noHoseya wabuye wamthatha umkakhe oyisiphingi uGomere nanjengoba noJehova abonisa isihe ku-Israyeli ophendukile owayenecala lokuphinga okungokomoya.—Hoseya, isahluko 3.
Kusobala ukuthi amazwi kaJesu Kristu ngokuphathelene nokuwukuphela kwesisekelo sesehlukaniso ayebonisa ukubuyela endinganisweni ephakeme ngokuphathelene nomshado eyayibekwe uJehova uNkulunkulu ekuqaleni, futhi ayebonisa ukuthi labo ababeyoba abafundi bakaJesu kwakuyodingeka banamathele kuleyo ndinganiso ephakeme. Nakuba izimvume ezazinikezwa uMthetho kaMose zazisasebenza, labo ababeyoba abafundi bakaJesu beqiniso, abenza intando kaYise futhi ‘abenza’ noma abasebenzisa amazwi kaJesu, babengeke besasebenzisa lezo zimvume ukuze babe “nhliziyo-lukhuni” kubangane babo bomshado.—Mathewu 7:21-29; 19:8.
Njengabafundi beqiniso, babengeke baphule izimiso zaphezulu zasekuqaleni ezibusa umshado ngokuhlukanisa nabangane babo bomshado nganoma iziphi izizathu ngaphandle kwaleso esashiwo uJesu, okuwukuthi ‘ubufebe’ (por·neiʹa).