Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 3/22 k. 24
  • Impilo Nendawo Ezungezile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impilo Nendawo Ezungezile
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indawo Ezungezile—Indlela Eyithinta Ngayo Impilo Yakho
    I-Phaphama!—1999
  • Izinga Lempilo Liye Lathuthuka Embulungeni Yonke—Kodwa Hhayi Kubo Bonke Abantu
    I-Phaphama!—1999
  • Iziboshwa Zobumpofu
    I-Phaphama!—1998
  • Ukulwisana Komuntu Nezifo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 3/22 k. 24

Impilo Nendawo Ezungezile

Ngumlobeli we-Phaphama! eNigeria

Unyaka ngamunye emhlabeni wonke, kufa abantu abayizigidi ezingu-49. Ngokombiko we-World Health Organization (WHO), abangaba amaphesenti angu-75 kulaba bafa ngaphambi kwesikhathi, ngembangela ehlobene nokonakala kwendawo ezungezile nendlela yokuphila. Cabangela nazi izibonelo:

◼ Umdlavuza ubulala abantu abayizigidi ezinhlanu unyaka ngamunye. Okuningi kwalokhu, kubika i-WHO, “kubangelwa ngokuqondile ukwanda okukhulu kokubhenywa kukagwayi kuleminyaka engu-30 edlule.”

◼ Izifo zohudo, ezibulala izingane ezingaphezu kwezigidi ezintathu minyaka yonke, ngokuvamile zibangelwa ukudla namanzi angcolile, kanye nokuntuleka kwesimiso esifanele sokukhucululwa kwendle.

◼ Isifo sofuba, umbulali wabantu abayizigidi ezintathu minyaka yonke, siyadlondlobala ezimweni lapho kunobumpofu nokuminyana kwabantu khona, ikakhulukazi lapho kunesimiso sokukhucululwa kwendle esingesihle.

◼ Izifo zemigudu yokuphefumula, ikakhulukazi i-pneumonia, zibulala intsha eyizigidi ezintathu nengxenye eneminyaka engaphansi kwemihlanu unyaka ngamunye. Iningi layo ihlala emadolobheni iphila endaweni enezinga eliphakeme lomoya ongcolile.

Ngaphandle kwalezi zifo ezibulalayo, minyaka yonke abantu abayizigidi ezingu-2500—cishe ingxenye yabantu bomhlaba wonke—baphathwa izifo ezibangelwa ukungabi namanzi anele noma amanzi angcolile nesimiso sokukhucululwa kwendle esingesihle. Ngaphezu kwalokho, i-WHO ihlanganisa ukwehla kwezinga lempilo labaningi nokukhathazeka kwamuva nje ngezinto ezinjengemvula ene-acid, ukuncipha kongqimba lwe-ozone, nokufudumala kwembulunga. Umbiko we-WHO waphawula ukuthi, sekukonke, abantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezimbili bahlala ezindaweni ezinezimo ezisongela ukuphila noma impilo.

UDkt. Hiroshi Nakajima, umqondisi-jikelele we-WHO, uyaxwayisa: “Uma singathathi isinyathelo manje, isimo esibucayi ngoMhlaba nabakhileyo kuwo sizoba sibi ngokungenakubekezeleleka, nendawo ezungezile engasenakulungiseka.”

IBhayibheli lithembisa ukuthi kuzoba khona isikhathi lapho ‘abakhé khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24) Lokhu akuyikufezwa ngemizamo yomuntu, kodwa ngoMbuso kaNkulunkulu, oyoqeda ukugula nezimbangela zako.—IsAmbulo 21:3, 4.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Godo-Foto

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela