Impilo Nendawo Ezungezile
Ngumlobeli we-Phaphama! eNigeria
Unyaka ngamunye emhlabeni wonke, kufa abantu abayizigidi ezingu-49. Ngokombiko we-World Health Organization (WHO), abangaba amaphesenti angu-75 kulaba bafa ngaphambi kwesikhathi, ngembangela ehlobene nokonakala kwendawo ezungezile nendlela yokuphila. Cabangela nazi izibonelo:
◼ Umdlavuza ubulala abantu abayizigidi ezinhlanu unyaka ngamunye. Okuningi kwalokhu, kubika i-WHO, “kubangelwa ngokuqondile ukwanda okukhulu kokubhenywa kukagwayi kuleminyaka engu-30 edlule.”
◼ Izifo zohudo, ezibulala izingane ezingaphezu kwezigidi ezintathu minyaka yonke, ngokuvamile zibangelwa ukudla namanzi angcolile, kanye nokuntuleka kwesimiso esifanele sokukhucululwa kwendle.
◼ Isifo sofuba, umbulali wabantu abayizigidi ezintathu minyaka yonke, siyadlondlobala ezimweni lapho kunobumpofu nokuminyana kwabantu khona, ikakhulukazi lapho kunesimiso sokukhucululwa kwendle esingesihle.
◼ Izifo zemigudu yokuphefumula, ikakhulukazi i-pneumonia, zibulala intsha eyizigidi ezintathu nengxenye eneminyaka engaphansi kwemihlanu unyaka ngamunye. Iningi layo ihlala emadolobheni iphila endaweni enezinga eliphakeme lomoya ongcolile.
Ngaphandle kwalezi zifo ezibulalayo, minyaka yonke abantu abayizigidi ezingu-2500—cishe ingxenye yabantu bomhlaba wonke—baphathwa izifo ezibangelwa ukungabi namanzi anele noma amanzi angcolile nesimiso sokukhucululwa kwendle esingesihle. Ngaphezu kwalokho, i-WHO ihlanganisa ukwehla kwezinga lempilo labaningi nokukhathazeka kwamuva nje ngezinto ezinjengemvula ene-acid, ukuncipha kongqimba lwe-ozone, nokufudumala kwembulunga. Umbiko we-WHO waphawula ukuthi, sekukonke, abantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezimbili bahlala ezindaweni ezinezimo ezisongela ukuphila noma impilo.
UDkt. Hiroshi Nakajima, umqondisi-jikelele we-WHO, uyaxwayisa: “Uma singathathi isinyathelo manje, isimo esibucayi ngoMhlaba nabakhileyo kuwo sizoba sibi ngokungenakubekezeleleka, nendawo ezungezile engasenakulungiseka.”
IBhayibheli lithembisa ukuthi kuzoba khona isikhathi lapho ‘abakhé khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24) Lokhu akuyikufezwa ngemizamo yomuntu, kodwa ngoMbuso kaNkulunkulu, oyoqeda ukugula nezimbangela zako.—IsAmbulo 21:3, 4.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
Godo-Foto