Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 6/1 k. 4
  • Ukulwisana Komuntu Nezifo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulwisana Komuntu Nezifo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impi Yokulwa Nokugula Nokufa—Ingabe Iyanqotshwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izifo Eziwumshayabhuqe Ekhulwini Lama-20
    I-Phaphama!—1997
  • Izifo—Ingabe Ziyoke Ziphele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Isimo Sezwe Sezempilo—Igebe Elandayo
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 6/1 k. 4

Ukulwisana Komuntu Nezifo

YEBO, ukugula kuyisitha, futhi umuntu uye walwa impi engapheliyo iminyaka engamakhulu amaningi. Eminyakeni eyi-150 edlule odokotela baye baba nokunqoba okuthile okuphawulekayo. Indlela yokuhambisa udoti ethuthukisiwe, ngokufanayo nemijovo emisha nemilaliso, emazweni athile, kuye kwasiza ekwenzeni izinkathazo ezifana nezimbilapho ezibhubhisayo zibe inkumbulo edlulayo.

Kodwa impi isekude nokunqotshwa. Izinkinga zisekhona, ezinye zazo naphezu kokuthuthuka kwesayensi yezokwelapha, njengoba kubonisa ibhokisi elilandelayo. Ngisho noma isayensi ingathola amakhambi athile azo zonke izifo zanamuhla, iyobe ilokhu ikhona inkathazo enkulu kunazo zonke—ukufa. Ingabe kuyoba khona yini ukukhululeka kulesisimo?

[Ibhokisi ekhasini 4]

ABANINGI BAGULA NGOKUNGADINGEKILE NGOBA—

* Ingxenye enkulu yesizwe sabantu ihlushwa ukungatholi ukudla okunomsoco. Lokhu kuye kwaholela ezifweni eziningi zezingane, utwayi, ubumpumputhe, ukuvuvuka umphimbo nezifanayo. Ngokungaphezulu, umuntu ongatholi ukudla okunomsoco uvulekele kwezinye izifo, ezinjengesifo sofuba nokusha amaphaphu. Lezizifo zingancishiswa kakhulu ngesu nje elilula lokupha abantu abampofu ukudla okungcono.

* Ukudla okungenamsoco kusongela ngisho namazwe athuthukile. Ngani? “Izinguquko ziye zenzeka ohlotsheni lokudla kwabaseMelika okungabangela igagasi lokungatholi umsoco ekudleni (kokubili ngenxa yokudla ngokweqile nokudla ngaphansi kakhulu) okulimazayo empilweni eUnited States njengezifo ezisakazekile, ezithathelwanayo zengxenye yokuqala yeminyaka eyi-100. Ukudla ngokweqile amafutha, ushukela, usawoti, notshwala kuye kwahlanganiswa nezimbangela eziphambili eziyi-6 kweziyi-10 zokufa . . . isifo senhliziyo, ukuthwebuleka komzimba, ikhensa, isifo sikashukela, ukuqina kwemithambo yegazi, nokuqina kwesibindi.”—“Health,” 1979.

* INhlangano Yezwe Yezempilo ilinganisela ukuthi ama-80% azo zonke izifo emhlabeni abangelwa amanzi angenele noma indlela yokulahla udoti. Abantu abaphakathi kwezigidi eziyi-10 nezingama-25 unyaka ngamunye babulawa isifo esilethwa ngamanzi angacocekile noma angalingene. Cishe inani elifanayo labantwana lifa unyaka ngamunye ngenxa yesisodwa kulezizifo—esokuhuda—njengoba zafa kanjalo izisulu unyaka ngamunye empini yezwe yokuqala.

* Umoya esiwuphefumulayo unobuthi obuvela entuthwini yezimboni neyezimoto. Izihloko eziqhamile ezilandelayo zixoxa indaba: “Izisulu Zokunukubezwa Komoya ETokyo Ziyanda”; “Ifu Lentuthu Liba Liningi KumaGreki Ahilekayo”; “Intuthu Eyingozi Ihila Idolobha LaseMexico”; “Ukuphefumula Ngaphakathi Ezindlini Kungase Kube Yingozi”; “Ukucwaninga KwaseU.S. Kuxwayisa Ngezinkinga Ezidlulele Zokunukubezwa Isikhutha.” Phakathi nesikhathi esifanayo, izicoca-moya ezinkulu zendalo, imithi, zigawulwa ngezinga lama-yeka ayizigidi ezingama-25 kuya kwezingama-50 ngonyaka. Inhlekelele engenakulinganiswa ingaphambili.

* Ukuziphatha okubi kuye kwaholela obhememeni lwezifo zokubhajwa. Ukubhema ugwayi kuye kwabangela ubhememe lwezifo zekhensa yamaphaphu, ukugcwala umoya emaphashini, ukusha kwemithanjana yokuphefumula, nesifo semithambo yenhliziyo. Ukuhlola kwamuva nje kubonisa ukuthi asiphethe kuphela ababhemayo kodwa futhi nabangani babo bomshado nabantwana sibaphethe.

* Lokhu kungeminye yemikhuba nezinkinga zomphakathi okuvimbela ngisho nolwazi lwezemithi olukhona ekusetshenzisweni ngokuphumelelayo ukuze kuncishiswe ukugula kwesintu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela