Izinga Lempilo Liye Lathuthuka Embulungeni Yonke—Kodwa Hhayi Kubo Bonke Abantu
NGOKWE-WORLD HEALTH REPORT 1998, eyanyatheliswa yi-World Health Organization (WHO), abantu embulungeni yonke sebephila ukuphila okude okunempilo. Lo mbiko ubala ezinye izibonelo.
Abantu abaningi kunanini ngaphambili sebenamalungiselelo okukhucululwa kwendle, amanzi ahlanzekile nokunakekelwa kwempilo okuyisisekelo. Ngaphezu kwalokho, iningi lezingane emhlabeni seligonyelwe izifo eziyisithupha ezihlasela kakhulu izingane.a Lokhu kuye kwanciphisa isibalo sezingane ezifayo. Nakuba ngo-1955 kwafa izingane eziyizigidi ezingu-21 ezingaphansi kweminyaka emihlanu, leso sibalo sesinciphe saya ezinganeni ezingaba yizigidi eziyishumi ngo-1997. Kanti-ke, emazweni amaningana ezezimboni, ukufa kwabantu ngenxa yesifo senhliziyo kuye kwancipha kakhulu emashumini eminyaka amuva nje.
Nokho, lo mbiko unezela ukuthi leyo ntuthuko kwezempilo ayifinyelelanga kuwo wonke umuntu. I-HIV nengculaza kusewusongo oluqothulayo. Nakuba yayingaziwa ngaphambi kuka-1981, ingculaza isibulale abantu ababalelwa ezigidini ezingu-11,7 kusukela lo mqedazwe waqubuka. Futhi alikho ikhambi. Ngo-1996, izingane ezingu-400 000 ezineminyaka engaphansi kuka-15 zangenwa yi-HIV. Ngo-1997 inani lezingane ezingontanga ezazisanda kuyithola lalicishe libe ngu-600 000.
Ubumpofu Busayisongela Impilo
Abantu abangamakhulu ezigidi abaphila ngobubha abazange bayijabulele neze impilo engcono. Baphila emazweni ampofu lapho izifo zidlange khona kakhulu, lapho abantu bentula khona ithemba, futhi ukuphila kukufushane. UDkt. Hiroshi Nakajima, owayengumqondisi-jikelele we-WHO uthi: “Amagebe aphakathi kwesimo sempilo sabacebile nabampofu makhulu okungenani ngendlela efanayo naseminyakeni eyisigamu sekhulu edlule.” Ngokudabukisayo, omunye uchwepheshe we-WHO uthi la magebe ayanda ngisho nokwanda ngoba “amazwe asathuthuka asesimweni esibi ngisho nakakhulu. Awabhekene nezifo zanamuhla ezingamahlalakhona eziqubukayo kuphela kodwa futhi nezifo ezisasele ezindaweni ezishisayo.”
Noma kunjalo, intuthuko ingaba khona. Eqinisweni, ukufa kwezigidi ngaphambi kwesikhathi sekunciphile kakade. Ngokwesibonelo, “sekufa izingane ezingaba izigidi ezimbili ngonyaka zibulawa yizifo ezingagomeka,” kusho uDkt. Nakajima. Ebonisa ukuthi igebe lezinga lempilo phakathi kwabacebile nabampofu kumelwe lincishiswe, uDkt. Nakajima uyanezela: “Sekuyisikhathi sokuqaphela ukuthi impilo ithinta imbulunga yonke.” Izwe likudinga ngokuphuthumayo “ukubambisana komhlaba wonke kwezempilo, okusekelwe ebulungiseni kwezenhlalo, ukulingana nobumbano.”
Nakuba kungase kuthathe isikhathi eside ukuba kube nalokhu kubambisana, i-World Health Report 1998 ithi kukhulu izwe ngalinye elingakwenza ukuze lithuthukise impilo yabantu balo. Kanjani? Ngokufundisa abantu ukuhlakulela “amakhono okuphila nendlela yokuphila enempilo” evimbela noma enciphisa izifo. UMthetho-sisekelo we-WHO ukubeka ngale ndlela: “Ulwazi nokubambisana komphakathi ngentshiseko kubaluleke kakhulu ekuthuthukiseni impilo.”
[Umbhalo waphansi]
a Lezi zifo eziyisithupha ezihlasela izingane yisimungumungwana, uvendle, isifo sofuba, i-diphtheria, i-pertussis (umpenge) nomhlathi-ngqi wezinsana.