Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukulala Ngiyabonga ngesihloko esithi “Okwenza Umzimba Wakho Udinge Ukulala.” (June 8, 1995) Kumelwe ngivume ukuthi sangivula amehlo. Njengomfundi wezokwelapha, ngichitha amahora amaningi ngingalele ngizama ukwenza izifundo zami. Ngiye ngahlushwa eminye yemiphumela okukhulunywa ngayo kulesi sihloko. Ngizozama ukuhlakulela imikhuba emihle yokulala.
L. H., Trinidad
Ogogo Nomkhulu Ngakhala izinyembezi zenjabulo lapho ngifunda uchungechunge oluthi “Ingabe Uyabazisa Ogogo Nomkhulu?” (July 8, 1995) Benginenkinga nabasemzini, ngakho isihloko senu safika ngesikhathi esifanele. Sangenza ngaqaphela ukuthi bengingabaphathi ngenhlonipho ebafanele. Ngaqhubeka ngenza izinguquko ezidingekile, futhi sonke sesiphila ngenjabulo.
A. T., Canada
Lapho kudingeka siyise ubaba ekhaya lokunakekela abagugile, senza isinqumo sokumvakashela kathathu ngesonto. Sekuyiminyaka emibili sigcina leso sithembiso. Izindatshana ezivela ekhaya zibaluleke kakhulu kuye! Kudinga ukuzimisela okuqinile ukulondoloza lokhu, kodwa abazukulu kanye nogogo nomkhulu bayazuza.
P. L., United States
NjengomKatolika, langihlaba umxhwele iqiniso lokuthi lezi zihloko azizange zigxile esivumweni sokholo noma enkolweni kodwa zazingakhethi. Ngesibindi niye nasingatha isidingo esiye sashaywa indiva ngokuphelele.
A. B., Costa Rica
Inhlekelele Yomkhaya Ngasifunda ngikhala isihloko esithi “Mama, Ngiyabonga Ngokungiletha Ekhaya.” (July 8, 1995) Nami ngashonelwa umyeni wami engozini eyenzeka ngo-1982. Ngasala ngikhubazekile—nabantwana abayisithupha nomama okwakufanele ngibanakekele. Ukufunda lesi sihloko kwakunjengokufunda indaba yami siqu. UJehova usinikeza isibindi sokuqhubeka.
C. R., United States
Lendaba yangithinta inhliziyo ngempela. Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi bengihlala ngizibuza ukuthi ngiyobhekana kanjani nesimo lapho kuphakama izinkinga ezinjalo. Okuhlangenwe nakho kukaTodd kuye kwangisiza ngaqonda ukuthi uJehova uhlala esisekela uma nje sithembela kuye.
N. F., Dominica
Lendaba yalandiswa kahle kangangokuba ngacishe ngakhala. Ukuvivinywa komkhaya wakwaBoddy kwenza ukudumazeka kwami okuncane kwabonakala kungelutho. Nakuba izimo zethu zingefani, ukubona indlela uJehova abasekela ngayo kuye kwangisiza ukuba ngiphokophele phambili.
V. S., Philippines
Umyeni wami esesineminyaka engu-33 sishadile, onguFakazi othembekile oye wakhonza njengomdala iminyaka eminingi, une-Pick’s disease—ukugula okuthatha isikhathi eside, okudumazayo okubangela ukuhlupheka esisulwini nasemkhayeni waso. Ukuqina kukaNkk. Boddy naphezu kokulahlekelwa umyeni wakhe, kanye nokunakekela kwakhe indodana yakhe okungenabugovu, kokuzidela iminyaka eminingi, kwangihlaba umxhwele ngempela. Kwangathi uJehova angambusisa namadodana akhe.
E. N., United States
Iphunga Elibi Lomlomo Ngifisa ukunibonga ngesihloko senu esifundisayo esithi “Yini Ongayenza Ngephunga Elibi Lomlomo?” (July 8, 1995) Nganginaleyo nkinga! Kuyiqiniso ukuthi ukuba nephunga elibi lomlomo kukwenza uzizwe ucindezelekile. Ngavakashela udokotela wamazinyo kabili, kodwa leli phunga laphikelela. Ngasebenzisa ukusikisela okukulesi sihloko, futhi kuyaphumelela. Sizani niqhubeke nisiza abantu embulungeni yonke.
R. O. I., Nigeria
ICosta Rica Isihloko esithi “ICosta Rica—Izwe Elincane, Izinto Ezinhlobonhlobo” (July 8, 1995) safika ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambi kohambo lwami; ngasithatha ukuze ngibhekisele kuso. Ngempela iyizwe elimangalisayo futhi elijabulisayo! Nomaphi lapho sasiya khona, abantu babemomotheka futhi basivayizele izandla. Ake ucabange ngezwe elisha lapho wonke umuntu kuyo yonke indawo eyoba nobungane ngendlela efanayo!
T. N., United States