Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amakhonsathi E-rock Ngicabanga ukuthi sasinobandlululo isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngiye Emakhonsathini E-rock?” (December 22, 1995) Ngaya nomama ekhonsathini ethile ye-rock. Kwakuyiqembu lomculo elidala, futhi izihlwele zaziziphethe kahle. Kodwa lesi sihloko asizange siqokomise ngisho nokuthi kungenzeka kube nekhonsathi ekahle.
S. A., United States
Lesi sihloko sakhuluma ngezingozi ezingaba khona emakhonsathini e-rock. Nokho, asizange sikulahle konke ukuya emakhonsathini anjalo. Satshela abafundi: “Uma kwenzeka ucabanga ukuya ekhonsathini, thola amaqiniso.” Ngakho kwanikezwa ukwaziswa ukuze kusizwe intsha nabazali bayo ukuba benze isinqumo esilinganiselayo.—ED.
Ngifuna ukunibonga ngalesi sihloko. Emasontweni ambalwa nje ngaphambi kokuthola lomagazini, idlanzana lethu laya ekhonsathini ethile. Lalinobudlwangudlwangu, futhi abaningi lapho babedakiwe; kwakungeyona indawo amaKristu angaba kuyo. Ngokuqinisekile ngafunda isifundo futhi ngiyethemba ukuthi nabanye basifunda.
M. E., United States
ICosta Rica Ngithanda ukucacisa ngokuqondene nesihloko esithi “ICosta Rica—Izwe Elincane, Izinto Ezinhlobonhlobo.” (July 8, 1995) Nathi “cishe amaphesenti angu-27 alelizwe avikelwe, okuyingxenye enkulu yanoma iliphi izwe emhlabeni.” Nokho, ngokwe-World Almanac, i-Ecuador iye yabekela eceleni amaphesenti angaba ngu-40 endawo yayo ukuze kulondolozwe imvelo.
M. E., Ecuador
Siyabonga ngalokhu kucacisa.—ED.
IMali Ngakhala izinyembezi zenjabulo lapho ngifunda isihloko esithi “Elokuqala Ngqá EMali.” (December 22, 1995) Umoya wokubambisana kwamalungu enu eMali uqinisa ukholo. Ngiye ngaxhumana noFakazi BakaJehova ukuze baqale ukungifundisa iBhayibheli. Ngizimisele ukuhlanganyela namalungu enu ekukhulekeleni uNkulunkulu.
D. C. A., Nigeria
I-Tourette Syndrome Ngifuna ukuzwakalisa ukubonga ngesihloko senu esithi “Inselele Yokuphila Ne-Tourette Syndrome.” (December 22, 1995) Izimpawu zayo kimi zaphela lapho ngiqeda ukuthomba. Kodwa akubona bonke abaye baba nenhlanhla kangaka. Lesi sihloko sizoba usizo kakhulu kubantu abanjalo nasemikhayeni yabo.
Y. L., France
Ngazi umfana othile onayo, futhi kuze kube manje bengimgwema ngoba nginqena ukuba naye. Bengingakaze ngiqaphele ukuthi ingase imenze aphoxeke ngaphezu kwami!
P. M., Italy
Ngiye ngaba nalokhu kuphazamiseka kusukela ngineminyaka emihlanu ubudala, futhi kuye kwangidabukisa kakhulu. Nginokudluthuleka kwemisipha nokuvevezela kwephimbo. Mina nabazali bami sasingaqondi ukuthi lokhu kudluthuleka kwakubangelwa yini; babekhathazwa ukuthi mhlawumbe kukhona okuthile okwakungalungile endleleni abangikhulisa ngayo. Ngiye ngathandaza kuJehova ukuze angisize ngiqonde, futhi uye wawuphendula umthandazo wami ngalesi sihloko. Ngakhuthazeka kakhulu lapho ngifunda okuhlangenwe nakho kwabanye oFakazi BakaJehova abanalokhu kuphazamiseka.
Y. K., Japan
Bengilokhu nginalesi sifo cishe kukho konke ukuphila kwami, kodwa ngiye ngazi kusukela ngo-1983 ukuthi siyini. Lapho ngiseyingane, abanye babevame ukungenza inhlekisa. Kodwa abafowethu nodadewethu eHholo LoMbuso njalo babenothando kakhulu futhi basamukela njengengxenye yokuphila kwami. Kamuva, ngathandana nensizwa ethile engumKristu. Yayiyazi kahle kamhlophe inkinga yami. Nakuba ubaba ayecabanga ukuthi umshado wethu wawuzobhidlika, ngiyajabula ukusho ukuthi eminyakeni engu-30 kamuva sisenomshado ojabulisayo. Umyeni wami ungiphatha njengeqanda njalo futhi akakaze avumele inkinga yami imkhathaze noma imdumaze.
F. H., Canada