Zivikele Ekushayweni Umbani!
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESWEDEN
UMBANI ovamile ungase ube namashumi ezigidi ezilinganiso zamandla kagesi (volt) ohamba ngesivinini esingamashumi ezinkulungwane zama-ampere. Uma kuqhathaniswa, isimiso sikagesi esivamile endlini sivame ukulinganiselwa kuma-ampere angu-15.a Yini ongayenza ukuze unciphise ingozi yokushaywa umbani? Qaphela ukusikisela okulandelayo.
• Uma kungenzeka, ngena endlini. Ngisho nemoto ingaba isivikelo esihle. Kuthiwani ngokuba ngaphakathi kwesakhiwo eside? Isakhiwo eside esinezinduku ezivikela ekushayweni umbani singaba indawo ephephile. Ngokwesibonelo, i-Empire State Building eseNew York City imelana nokushaywa umbani izikhathi ezingu-25 unyaka ngamunye. Nokho, kungcono kakhulu ukugwema izakhiwo ezingenazo izisekelo ezisenhlabathini ezinophahla lukathayela nezindawo eziseduze nosiba lwamaza omsakazo nothango lokubiyela olwenziwe ngensimbi.
• Suka ezindaweni ezivulekile, njengamachibi, amasimu, nezindawo zokudlala igalofu. Imithi emide, emi yodwa ingaba ingozi ngokufanayo. Uma usendaweni enemithi eminingi, khosela eduze kwemifushane kunayo yonke. Uma isiphepho sesiseduze kakhulu futhi ungenakukwazi ukusuka endaweni evulekile, qoshama phansi futhi ugone amadolo akho. Ungalali phansi, ngoba kubalulekile ukuyenza ibe ncane ngangokunokwenzeka indawo umbani ongase uyishaye.
• Ngisho nalapho usendlini, ungathatha izinyathelo zokuphepha. Lokhu okulandelayo kuwukusikisela okumbalwa: Zama ukugwema ukuthintana nezinto ezibamba ugesi, njengamaziko namapayipi amanzi enziwe ngensimbi. Kungase kube ukuhlakanipha ukungangeni eshaweni noma kubhavu, futhi zama ukungalusebenzisi ucingo. Khipha amapulaki e-computer, ethelevishini, nawezinye izinto ezisebenza ngogesi, ngoba zingase zonakale uma indlu ishaywa umbani.
• Uma othile eshaywa umbani, kubalulekile ukusebenzisa inqubo yokuphaphamisa ebizwa ngokuthi i-cardiopulmonary resuscitation (CPR) ngokushesha. UProfesa Victor Scuka, osebenza e-High Voltage Research Department yase-University of Uppsala, eSweden, uthi ezimweni eziningi labo abashaywe umbani baye bavuswa ngokusebenzisa i-CPR, ngisho nalapho bebonakala sengathi bafile. “Kodwa lokhu kwelapha,” exwayisa, “kumelwe kwenziwe ngokushesha ukuze kugwenywe ukonakala kobuchopho.”
Uma ungaficwa isiphepho esinemibani, cabangela ukulandela izinyathelo zokuphepha ezisanda kushiwo. Khona-ke cishe ngeke ube isisulu salombukwane owesabekayo.
[Imibhalo yaphansi]
a I-ampere isilinganiso esisodwa sokuhamba kukagesi, izinga ugesi osetshenziswa ngalo. Ama-volt abonisa izinga lamandla kagesi. Bheka i-Phaphama! yesiNgisi ka-February 22, 1985, amakhasi 26-7.