Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 8/22 k. 22-k. 27 isig. 8
  • Inhlekelele Engalindelekile YaseJapane—Indlela Abantu Ababhekana Ngayo Nayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inhlekelele Engalindelekile YaseJapane—Indlela Abantu Ababhekana Ngayo Nayo
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkathi Ehlasimulisa Umzimba
  • Ukusinda Ngokulambisa Nezinhlekelele
  • Isimo Esikhungathekisayo
  • OFakazi Basabela Ngokushesha
  • Ukumiswa Kwesimiso Sokusiza
  • Kungaphezu Kosizo Lwezinto Ezibonakalayo
  • Ukuhlelela Ukwakha Kabusha
  • Isibonakaliso Sezikhathi
  • Indlela Izisulu Zokuzamazama Komhlaba Ezasizwa Ngayo
    I-Phaphama!—1992
  • Ukuzamazama Komhlaba EHaiti—Ukubonakaliswa Kokholo Nothando
    I-Phaphama!—2010
  • Kusenokuzamazama Okukhulu Okuningi Okulindelekile
    I-Phaphama!—2010
  • Ukunikeza Usizo Encithakalweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 8/22 k. 22-k. 27 isig. 8

Inhlekelele Engalindelekile YaseJapane—Indlela Abantu Ababhekana Ngayo Nayo

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EJAPANE

OKWESIKHASHANA nje iKobe, eJapane, yayiyidolobha eliyitheku elichumayo elinabantu abangu-1 500 000. Kodwa emizuzwaneni engu-20, ukuzamazama komhlaba okunesilinganiso esingu-7,2 esikalini sikaRichter kwayenza amanxiwa ingxenye enkulu yayo. Amashumi ezinkulungwane ezindlu nezakhiwo kwacekelwa phansi, futhi abantu abangaphezu kuka-300 000 basala bengenamakhaya.

Lenhlekelele yagadla ngo-January 17, 1995, esikhathini esiwunyaka ngemva kokuzamazama komhlaba okwacekela phansi iNorthridge, eCalifornia, e-U.S.A., futhi kwabulala abantu abangu-61. Ukuzamazama kwaseKobe kwakunamandla acishe aphindwe kabili kunalokho. Inani labantu abafa elingaphezu kuka-5 500 lenza kwaba ukuzamazama okubhubhisa kunakho konke eJapane kusukela ngo-1923, lapho kwafa khona abantu abangaba ngu-143 000 ekuzamazameni okukhulu okwacekela phansi iTokyo neYokohama.

Inkathi Ehlasimulisa Umzimba

Ngo-5:46 ekuseni ngalolo suku lomshophi, uRyuji wayediliva amaphephandaba enkabeni yeKobe City. Kwakusantwela ezansi. Ngokungazelele kwaba nomsindo onjengowesitimela esihamba kujantshi ophakeme. Umgwaqo nezakhiwo kwagingqika njengamagagasi olwandle. Khona-ke kwacisha zonke izibani.

Imigwaqo emikhulu ephakeme yawohloka, yadinsila izimoto emigwaqweni engaphansi. Ojantshi bagobeka njengezinduku zobumba, futhi izitimela zaphuma kojantshi. Izakhiwo ezindala zamapulangwe zawohloka, futhi izakhiwo ezinezitezi ezimbili ngokungazelele zafana nezinesitezi esisodwa. Izakhamuzi eziningi zaseKobe zavuswa ukuzamazama.

Ngokushesha kwaqubuka imililo, futhi izakhiwo zasha. Abacishi-mlilo abazanga ukuthi bazothathani bahlanganise nani, njengoba lokhu kuzamazama kwakunqamule amapayipi amanzi. Ngokuphazima kweso, inkolelo yezakhiwo ezimelana nokuzamazama komhlaba yayisishabalele.

Ukusinda Ngokulambisa Nezinhlekelele

Endaweni eyahlaselwa ngokuqondile yilokhu kuzamazama, kwakunoFakazi BakaJehova abangu-3 765 abahlanganyela emabandleni angu-76. Ekuseni ngemva kwalokhu kuzamazama, kwatholakala ukuthi kwakufe oFakazi abangu-13 nabahlanganyelayo abangabhapathiziwe ababili. (UmShumayeli 9:11) Ngaleso sikhathi isibalo sabafile esakhishwa amaphoyisa sasingu-1 812, kodwa esikhathini esingangesonto sakhula saba ngaphezu kuka-5 000. Njengoba oFakazi basheshe babathola labo abahlanganyela namabandla abo, isibalo sabafa kubo asizange sishintshe.

Umyeni kaMisao wayehambe ekuseni eya emsebenzini. “Cishe ngemva kwehora, indlu yazamazama,” kusho uMisao. “Ama-tile ophahla awela eduze kwami. I-tile elikhulu eliphakathi nendawo ophahleni lawela emcamelweni okwakucamele kuwo umyeni wami ehoreni elilodwa nje ngaphambili.” Ishalofu nekhabethe lezincwadi kwawa kwancikana phezu kukaMisao. Lokhu kwamsiza ukuba angembozwa ama-tile ophahla.

Ukunyawuza kwekati kwavusa uHiromasa, umfana wesikole oneminyaka engu-16 ubudala. Lapho ekhipha ikati, kwagadla ukuzamazama. Lapho ebuya wathola unina embozwe ithelevishini nekhabethe lezincwadi. Yeka ukuthi wakhululeka kanjani lapho emthola ephila! UHiromasa waboleka ithoshi kumakhelwane wabe esetakula unina. Izinkulungwane zithi zasinda ngokulambisa. Kodwa abanye oFakazi babhekana nezinhlekelele ezidabukisayo.

UHiroshi noKazu Kaneko babembozwe imvithimvithi yendlu yabo. Amalungu ebandla lobuKristu aphuthuma lapho ukuze abasize. UHiroshi waze watakulwa ngo-10:00 ekuseni wabe eseyiswa esibhedlela. Kodwa uKazu wayesefile lapho etakulwa kamuva.

UMiyoko Teshima, oneminyaka engu-24 ubudala futhi owabhapathizwa eminyakeni engaba mibili nje edlule, wayenomgomo wenkonzo yesikhathi esigcwele. Ekuseni ngosuku lwalokhu kuzamazama, wayelele esitezi sokuqala esakhiweni ahlala kuso lapho kuwohloka isitezi sesibili. UMiyoko wembozwa imishayo nezinsika. Abazali bakhe nomakhelwane bazama ukususa lemvithimvithi kodwa behluleka. Unina, ofundelwa iBhayibheli, waxhumana noFakazi BakaJehova, abeza bazosiza.

Lapho uMiyoko etakulwa cishe ngemva kwamahora angu-7, wayesaphila. Abadala abathathu abangamaKristu bashintshana nodokotela nomhlengikazi ngokumsiza ukuba aphefumule, kodwa uMiyoko wafa. Uyise, owayemelene nenkolo yakhe, wathinteka enhliziyweni ngemizamo yoFakazi yokusindisa indodakazi yakhe, futhi wavumelana nesicelo sayo eyayisenze ngaphambili sokungcwatshwa oFakazi.

UTakao Jinguji, umdala ongumKristu, wayehlala esitezi sokuqala esakhiweni esidala nomkakhe nendodakazi yabo. Wathi: “Lapho kugadla lokhu kuzamazama, uphahla olungaphezulu lwawela phezu kwethu, futhi ngambozwa ikhabethe lezincwadi. Ekugcineni, ngakwazi ukuzitakula futhi ngaqala ukuzama ukuphuma. Ngokungazelele ngezwa izwi. KwakunguFakazi ongumakhelwane, owayezosibheka.”

Lapho ekugcineni uTakao ephumela phandle, wabona umlilo ezakhiweni ezingomakhelwane uza ngasendlini yabo. Ngakho waphindela kulemvithimvithi egaqa futhi wazama kanzima ukutakula umkakhe. Kodwa kwase kwephuze kakhulu. U-Eiko, obengumkakhe iminyaka engu-26, nendodakazi yakhe uNaomi bafa. Naphezu kwalokhu, waqala ukusiza amanye amalungu ebandla lakubo. Kamuva wathi: “Akukho engangisengakwenzela umkhaya wami, ngakho ngagxila ekusizeni abanye. Ngakhululeka lapho ngithola ukuthi bonke abanye ebandleni lakithi babephephile.”

Isimo Esikhungathekisayo

Izinkulungwane zakhosela ezikoleni nasezakhiweni zomphakathi. Ngenxa yokwesaba ukuzamazama komhlaba okugadla kamuva, abanye bakanisa phandle noma balala ezimotweni zabo. Ojantshi nemigwaqo emikhulu kwakuyizicucu, futhi imigwaqo eyayisetshenziswa ekuhambiseni izimpahla zosizo yayivalwe izinkulungwane zezimoto. Izinsuku eziningi abaningi babenokudla okuncane noma bengenakho nhlobo. Kodwa ngokuphawulekayo, akuzange kubikwe ukuphanga, futhi abaningi bahlanganyela noma ikuphi ukudla okuncane ababenakho.

“Lokhu kunjengangemva kweMpi Yezwe Yesibili,” kusho ixhegu elithile elalisongwe ngengubo, ligobhoza izinyembezi. Undunankulu waseJapane, uTomiichi Murayama, wahlola lomonakalo wayesebika: “Angikaze ngikubone okufana nakho. Lokhu kungalé kwalokho umuntu angakucabanga.”

OFakazi Basabela Ngokushesha

Lapho uKeiji Koshiro, umdala ongumKristu, ehambela emaphethelweni edolobha laseKobe ekuseni ngelanga lalokhu kuzamazama futhi ebona lencithakalo, wabuyela ekhaya futhi wahlela ibandla lakubo ukuba liphekele amaKristu elikanye nawo ayethinteke kakhulu. Kusihlwa, wayediliva ngemoto ukudla nokuphuzwayo emabandleni asenkabeni yeKobe. Ngakusasa ekuseni, kwatholakala ukudla namanzi engeziwe. Njengoba imigwaqo yayiminyaniswe izimoto, oFakazi bahlela ukuba uhide lwezithuthuthu ezingu-16 luhambise izimpahla zosizo.

Ngokushesha nabanye abaningi bathatha isinyathelo sokufuna nokusiza abafowabo abangamaKristu. UTomoyuki Tsuboi nomunye umdala baya ngezithuthuthu e-Ashiya, idolobha eliseduze kwaseKobe nalo elalicekelwe phansi. EHholo LoMbuso elisemaphethelweni edolobha lase-Ashiya, bathola ukuthi umbonisi ojikelezayo, uYoshinobu Kumada, kakade wayesemise isikhungo sokusiza lapho.

Kwashaywa izingcingo ukuze kwaziswe abazalwane ngalendingeko, futhi ngokushesha kwaqoqwa izimpahla zosizo. Izimoto ezingu-9 ezazithwele izingubo, ukudla, namanzi ngokushesha zalibangisa e-Ashiya. Lezi zimpahla zayiswa emaHholo OMbuso amabili akuleli dolobha, lapho kwakukhosele khona abantu abaphakathi kwabangu-40 nabangu-50. Abanye bakhosela emakhaya abantu abakholwa kanye nabo. Ngakusasa oFakazi basendaweni engumakhelwane bapheka ukudla kwabantu abangu-800. Kwakuyinala ukudla okwakwenzelwe labo ababeswele, ngakho oFakazi bakuhlanganyela nomakhelwane ababeswele.

Kuyo yonke indawo eyahlaselwa yilokhu kuzamazama, oFakazi BakaJehova babasiza ngokushesha abakholwa kanye nabo. Lokhu kwazihlaba umxhwele izibukeli eziningi. Esontweni elingemva kwalokhu kuzamazama, umshayeli wendiza enophephela emhlane waya kuFakazi othile eYokohama wayesethi: “Ngaya endaweni yenhlekelele ngosuku okwazamazama ngalo futhi ngahlala isonto lapho. KwakungoFakazi BakaJehova kuphela abaphuthuma kuleyo ndawo. Ngahlabeka umxhwele kakhulu.”

Ukumiswa Kwesimiso Sokusiza

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elise-Ebina, eJapane, ngokushesha lathumela abameleli abane endaweni yaseKobe ukuba bayohlela umsebenzi wosizo. “Ngokushesha savumelana ngokuthola amaHholo OMbuso ayengacekelwanga phansi sabe sesithumela kuwo izimpahla zosizo,” kubika omunye ummeleli. “Kwatholakala amahholo ayisithupha, futhi phakathi namahora amahlanu ayesegcwele phama. Ezinye izimpahla zathunyelwa emaHholo Omhlangano amabili oFakazi BakaJehova angomakhelwane.”

Kwavulwa i-akhawunti yasebhange yesikhwama sosizo, futhi kwaziswa amabandla oFakazi BakaJehova kulo lonke elaseJapane. Phakathi nezinsuku ezintathu zokuqala zokusebenza, kwanikelwa amaRandi ayizigidi ezintathu nengxenye. Ngokushesha lemali yabelwa labo abaswele.

Amabandla atshelwa ukuthi ayengathola izimpahla azidingayo ezikhungweni ezimisiwe zosizo. Abadala ebandleni ngalinye bahlela ukwabiwa kwalezi zimpahla emalungwini aswele emabandleni abo. Amalungu angakholwa emikhaya yoFakazi awazange ashaywe indiva. Uyise womdala othile ongumKristu endaweni eyayithintekile—ngaphambili owayengabathandi oFakazi BakaJehova—wazwakala eqhoshela isihlobo sakhe esithile ocingweni: “Abantu besonto lendodana yami bayeza bazosisiza!”

Kungaphezu Kosizo Lwezinto Ezibonakalayo

Ngokushesha kwahlelwa imihlangano yobuKristu. Elinye ibandla lahlangana epaki ukuze libe nomhlangano ngoLwesibili, usuku okwazamazama ngalo. NgeSonto amabandla amaningi endaweni eyayithintekile aqhuba iSifundo sawo esivamile Se-Nqabayokulinda, ngamaqembu amancane noma emaHholo OMbuso ayengacekelwanga phansi. Ngokufanelekile, INqabayokulinda ka-December 1, 1994, eyayifundwa ngalelo sonto yakhuluma ngelungelo lokusebenzisa ingcebo “ekusizeni izisulu zezinhlekelele ezingokwemvelo.” Owesifazane othile owayekulowo mhlangano wathi: “Ngokokuqala ngqá, yithi esithola usizo. Ngiswele amazwi okubonga. Lapho sesibuyele esimweni esivamile, ngiyofeza ingxenye yami ekunikeleni.”

Abameleli behhovisi legatsha basebenzisa izithuthuthu ukuze bavakashele ezindaweni ezazithinteke kakhulu. “Kwakuthinta inhliziyo ukubona abazalwane bekhala,” kubika omunye wabo. “Babesitshela ukuthi ‘Asikhali ngoba siye salahlekelwa yikho konke, kodwa sikhala ngoba izinhliziyo zethu zishukunyiswa yini bazalwane eniye nasuka lé e-Ebina nazosibona.’”

Phakathi nosuku okwazamazama ngalo, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, e-U.S.A., kanye namahhovisi egatsha kwezinye izingxenye zomhlaba, bathumela izigijimi ezizwakalisa ukukhathalela. Kwamukelwa izigijimi eziningi ezinjalo ezinsukwini ezalandela. Yayithinta inhliziyo ngokukhethekile i-fax eyayivela eBandleni laseWŏnju West, eRepublic of Korea, elalilahlekelwe amalungu angu-15 emlilweni webhomu eminyakeni emibili edlule.a Yaphetha kanje: “Sizwa izinhlungu nosizi okuzwiwa abafowethu baseKobe. Sizani nikhumbule ukuthi njengoba nathi siye sabhekana nosizi, aninodwa lapho nikulo. Bafowethu abathandekayo, ningadangali!”

Abameleli begatsha benza amalungiselelo okusekelwa okuqhubekayo ngokomoya. Ngokwesibonelo, ababonisi abajikelezayo abengeziwe babelwa okwesikhashana endaweni yaseKobe ukuze banikeze isikhuthazo. Futhi nabadala abangamaKristu bakwezinye izingxenye zaseJapane bamenywa ukuba bavakashele eKobe ngamasonto ahlukene ukuze basekele ngokomoya nangokomzwelo labo ababethintekile.

Njengoba babekhathalelwa futhi bekhuthazwa kangaka abantu abakholwa kanye nabo emhlabeni wonke, oFakazi basendaweni eyayithintekile balondoloza isimo sengqondo esiqondile nesokwazisa. Ngemva kokuya emhlanganweni wokuqala ngemva kwalokhu kuzamazama, omunye uFakazi wathi: “Besikhathazekile kwaze kwabe izolo, njengoba bekungekho lapho singaya khona. Kodwa ukuza lapha nokuzwa amalungiselelo omusa aye enziwa ngenxa yethu, kuhlanganise nokuwashwa kwezingubo, amalungiselelo okugeza, nokusebenzisa amaHholo Omhlangano njengezindawo zokuhlala zesikhashana, kuye kwasikhulula ngempela ekukhathazekeni. Ngempela lena inhlangano kaNkulunkulu!”

Ngempela, ukugcizelela ingcebo engokomoya kuye kwasiza laboFakazi ukuba babhekane nalesi simo. Owesifazane othile osanda kweva eminyakeni engu-20 ubudala wathi: “Umama wangifundisa kusukela ngineminyaka emithathu ukuba ngithembele kuJehova. Ukuqeqeshwa engakuthola kuye nangebandla lobuKristu kuye kwangisiza ukuba ngikhuthazelele lokhu okuhlangenwe nakho okudabukisayo.”

Ukuhlelela Ukwakha Kabusha

Izindlu zoFakazi ezingaba ngu-350 zacekelwa phansi; eziyikhulu kulezi kwakungezabantu ngabanye. Ezinye izindlu zoFakazi ezingaphezu kuka-630 kwakudingeka zilungilungiswe. Futhi, amaHholo OMbuso ayishumi ayecekelwe phansi kangangokuba ayengenakusetshenziswa.

Ngokushesha, kwenziwa amalungiselelo okuba kwakhiwe kabusha amaHholo OMbuso amabandla ayelahlekelwe yiwo. Futhi amaKomiti Okwakha Esifunda angu-11 aseJapane ngamanye ahlela amaqembu abantu abangu-21 ababezolungisa izindlu ezazicekelwe phansi zoFakazi.

Isibonakaliso Sezikhathi

Ukuzamazama komhlaba kwenzeka ngezinga elikhulu. “Nyakenye kuphela,” kuphawula umagazini i-Maclean’s, “kwaba nokuzamazama okuningana [eJapane] okukhulu kunokwaseKobe.” Okunye kwakuwukuzamazama okukhulu okwakunesilinganiso esingu-8,1, kodwa kwagadla endaweni enabantu abayingcosana enyakatho.

Ukwanda okunjalo kokuzamazama komhlaba akubamangalisi oFakazi BakaJehova. Phela, ngokushesha nje ngemva kokuba ukuzamazama kugadle indlu yakubo eKobe, u-Atsushi oneminyaka emihlanu ubudala wajikeleza ethi: “Kuyoba khona ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo”! (Marku 13:8) Lesi siprofetho wayesifundiswe unina. UJesu Kristu wahlanganisa ukuzamazama komhlaba njengengxenye ‘yesibonakaliso sokuba khona kwakhe nesesiphelo sesimiso sezinto.’ Ezinye izingxenye zaleso sibonakaliso zihlanganisa izimpi, ukuswelakala kokudla, izifo eziwumshayabhuqe, nokuphola kothando lwesibalo esikhulu.—Mathewu 24:3-14; 2 Thimothewu 3:1-5.

Ukuzamazama kwaseKobe kumane kuwubufakazi obengeziwe bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina zalelizwe. Ngokujabulisayo, kuyingxenye yesibonakaliso sikaJesu esigcwalisekayo manje esibonisa ukuthi ngokushesha lelizwe lizothathelwa isikhundla izwe elisha elinokulunga.—1 Johane 2:17.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka i-Phaphama! ka-April 22, 1993, amakhasi 25-7.

[Izithombe ekhasini 23]

UTakao Jinguji walahlekelwa umkhaya wakhe kulamanxiwa

[Isithombe ekhasini 24]

Isiteshi sesitimela esicekelwe phansi

[Izithombe ekhasini 24, 25]

Umgwaqo ohamba ngaphezulu owohlokile

[Izithombe ekhasini 26]

Ngokushesha oFakazi bamisa isimiso sokusiza izisulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela