Ukuqeqeshwa Kuye Kwaba Insindiso Yami
LAPHO ngineminyaka emine ubudala, abazali bami bangifaka ekilasini lokuvivinya umzimba. Kwakudingeka siprakthize, futhi senze kanye kanye namanye amantombazane. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngaqala ukufundela ukuba umdansi. Ukuqeqeshwa kwaba ingxenye yokuphila kwami.
Abazali bami babenesandla esiqine ngempela futhi babelindele ukuba izingane zabo zibe nemikhuba emihle, ziziphathe kahle, futhi zihloniphe. Ngezinye izikhathi ngangicabanga ukuthi bayeqisa, kodwa manje uma ngibheka emuva—njengoba sengikhulise izingane zami ezintathu—ngiyakuqonda ukubaluleka kokuqeqesha. Ngempela, ngiyababonga abazali bami ngokungikhathalela okungaka.
Ukuziqeqesha kwami ngisemncane, kanye nokusebenza njengengxenye yeqembu, kwangisiza kamuva ekuphileni.
Ukuhlangabezana Nezinselele
Lapho ngineminyaka engu-8 ubudala, ngangenwa i-rheumatic fever, isifo esangilalisa phansi. Ngangiqaqanjelwa amadolo womabili, futhi ngangingakwazi ukuhamba izinyanga ezingu-12. Umkhaya wakithi onothando wawungiyisa yonke indawo. Akekho owayecabanga ukuthi ngangiyophinde ngikwazi ukudansa. Kodwa ngokuyinhloko ngenxa yokukhathalelwa abazali bami, kanye nekhono nesineke sikadokotela womkhaya wakithi, ngalulama ngokuphelele futhi ngabuyela ekudanseni ngizimisele kunakuqala ukuba umdansi ovelele.
Abazali bami bangivumela ukuba ngishiye isikole esivamile lapho ngineminyaka engu-16 ubudala ukuze ngikwazi ukuphishekela umsebenzi wami wokuba umdansi. Lokhu ngakwenza ngentshiseko nangogqozi. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukufundela ukuba umdansi we-ballet. Lokhu kwakudinga ukuzithiba okwengeziwe kunakuqala. Iminyaka emithathu nengxenye ngangifunda futhi ngizivivinya izinsuku eziyisithupha ngesonto.
Lapho ngineminyaka engu-19 ubudala, sahlungelwa ukungena e-Australian Ballet School. Ukuncintisana kokungena kulesi sikole esidumile kwakunzima. Kwakuzoqokwa abambalwa kulo lonke elase-Australia. Kwangijabulisa ukuba ngomunye wabo. Ngakho, ngaqala ukuzivivinya kanzima izinyanga ezingu-18. Lesi sikole sasinamakilasi e-ballet, ukulingisa ngokushukuma komzimba, idrama, nezobuciko. I-ballet iyindlela yokudansa ngokushwibeka, kodwa kudingeka amandla ngempela ukuze ibukeke ilula. Ngakho ukuze siqinise imilenze yethu, sasiba nesimiso sokuzivivinya endaweni yokuvivinya umzimba.
Ekugcineni, ngo-June 1970, sahlungelwa i-Australian Ballet Company. Ngaphinde ngaqokwa, futhi phakathi nesikhathi esingangesonto ngase ngijoyine kulenkampane.
Ukuphila Ezweni Elihlukile
Cishe ngaphambi kokuba ngazi ukuthi kwakwenzekani, ngase ngihambile ekhaya ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami, futhi ngazithola ngisendaweni ehluke ngempela. Inkampane yethu yajikeleza e-Australia, sabe sesiya e-Asia. Kwakufana nokuphila kwelinye izwe elinemithetho nezindinganiso zalo. Sasisebenza kanzima ubusuku nemini, siba nezinyawo ezinezilonda, ezophayo, futhi ezinamashashazi. Kodwa ukudlala esiteji kwakwenza ukuzikhandla kufaneleke. Kwakujabulisa ukuba laphaya esiteji.
Ngemva kokubuyela e-Australia, ubhadane lomkhuhlane lwagadla kulenkampane, lwaqumba phansi iningi lethu. Angizange ngidanse izinyanga ezintathu. Ngemva kokubuyela kulenkampane ye-ballet, ngaqala ukuba nenkinga ekubhekaneni nokuphila kokuba umdansi—ngaso sonke isikhathi ngilwela ukuphelela futhi ngingalitholi ithuba lokuzilibazisa ngaphandle kwe-ballet, njengoba kokubili isikhathi nokukhathala kwakunganginikezi lelo thuba. Ngemva kwayo yonke leminyaka yokuqeqeshwa kwami, ingabe lokhu kwakuzoba ukuphela komsebenzi wami?
Ngaqala ukuba nemizwa ephambene, edungekile. Ngaba unkom’ idla yodwa. Ekugcineni, cishe ngemva konyaka, ngaphathwa isifo esibi sokuqubuka komzimba okuthiwa i-urticaria. Ngenxa yalokho, umzimba wami wonke waba namaqhubu abomvu, alumayo, ahlangana kwaze kwaba yiqhubu elikhulu elibomvu. Lokhu kwakuyigalelo lokugcina—ngafaka isicelo sokushiya kuyi-Australian Ballet Company. Kwadlula izinyanga eziningi ngaphambi kokuba ngilulame. Abazali bami baphinde banginakekela ngaze ngaphila saka.
Ukushada Nokuba Nomkhaya
Ngo-1974, ngahlangana nensizwa ekahle. Yayingumdlali wasesiteji onebhizinisi lakhe. Sashada futhi sajikeleza kulo lonke elaseYurophu. Ngemva kokubuyela e-Australia, ingane yethu eyizibulo, uJustin, yazalwa ngo-1976. Kamuva, sathuthela ePerth, inhloko-dolobha yaseNtshonalanga Australia, futhi sathenga ihhotela. Yeka ukuthi lokhu kwakusho ushintsho olungakanani endleleni yokuphila!
Umsebenzi wawumningi, njengoba sasizama ukuliphatha thina siqu leli hhotela. Ngangivuka kusempondozankomo futhi ngezinye izikhathi ngangisebenza kuze kube ngakusasa ekuseni. Ngaphezu kwalokhu kucindezela, kwakunamathonya amademoni anamandla kuleli hhotela. Lokhu kwakuthinta kancane kancane ukuphila kwethu, ikakhulukazi ukuphila komyeni wami othandekayo. Ngakho ngemva kweminyaka emithathu, ngenxa yezinkinga zomshado nezemali, sanquma ukulithengisa leli hhotela futhi silondoloze umshado wethu.
Umkhaya wethu wawusukhule waba abantu abahlanu ngokuzalwa kwamadodakazi ethu amabili, uBianca noVictoria. Leli hhotela alithengwanga ngokushesha, futhi kwakungalesi sikhathi lapho ngaqala khona ukufuna usizo kuNkulunkulu. Ngakhumbula umthandazo kaBaba Wethu engangiwazi ngekhanda ngiseyingane. Wawusengqondweni yami njalo, futhi ngangiwusho ngaso sonke isikhathi.
Ekugcineni, leli hhotela lathengwa. Nokho, umyeni wami wabulawa ukuvuvukala kwemithambo emasontweni amathathu nje ngaphambi kokuba sithuthe ePerth siye eMelbourne. Wayeneminyaka engu-32 kuphela ubudala. Ngakhungathekiswa usizi, futhi ngakhungatheka nakakhulu lapho umpristi othile ongumKatolika eMelbourne engitshela ukuthi ngenxa yenkinga umyeni wami ayenayo namademoni, ngokungangabazeki nami nganginethonya lawo elibi. Ngakho wangifafaza ngamanzi “angcwele” kuwo wonke umzimba wafafaza nezingane namakamelo wonke endlu kamama, lapho sasihlala khona.
Imibuzo Ayikakaphendulwa
Kwadlula iminyaka eminingi, futhi ngaqhubeka ngibuza imibuzo ngoNkulunkulu, kodwa angizange ngithole izimpendulo ezanelisayo enkolweni yami yobuKatolika. Khona-ke nganquma ukuthutha umkhaya wami eMelbourne ngiwuyise eQueensland, indawo enesimo sezulu esithokomele. Lapho eBrisbane, sayishisekela kakhulu imisebenzi yesonto. Izingane zazifunda ezikoleni zamaKatolika, futhi sonke sasiya njalo esontweni, sizila ukudla, sisho iRosari, futhi senza konke engangicabanga ukuthi uNkulunkulu wayekufuna kithi.
Njengoba ngangingakazitholi izimpendulo zemibuzo yami, nganquma ukufunda ingxenye yeBhayibheli ngasese nsuku zonke ukuze ngibone ukuthi ngangingeke yini ngizitholele izimpendulo. Ekugcineni ngafunda uMathewu 7:7, owangimangalisa. Wawumane uthi uqhubeke ucela futhi uqhubeke ufuna. Ngacabanga, ‘Lokhu kulula.’ Ngakho ngenza lokho kanye. Ngaqhubeka ngicela usizo kuNkulunkulu lokuthola izimpendulo zemibuzo yami.
Ekugcineni Ngazithola Izimpendulo
Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi kwakungeyona ingozi ukuthi oFakazi BakaJehova bafika kwami ngokushesha ngemva kwalokho. Abakusho kwazwakala kuyisimangaliso. Nakuba ngalalela ngesithakazelo, ngahluleka ukuqaphela ukuthi lokhu yikho engangilokhu ngikufuna. Ngakho ngemva kokungihambela izikhathi ezimbalwa, ngatshela laba besifazane ababengivakashela ukuba bangabe besazikhathaza ngokuphinde babuye.
Ngangimatasa kakhulu ngaleso sikhathi ekuqaleni kuka-1987. Indlu yami yabe isizoqedwa ukuvuselelwa, futhi kwakudingeka umpendi onekhono ukuze aphothule umsebenzi. Umakhi watusa umpendi wezindlu osemusha, onobungane, ohloniphekile, futhi onosizo okuthiwa uPeter. UPeter wayekhuluma kahle ngomkakhe nezingane zakhe, futhi wayebukeka kahle, ehlanzekile. Ngangifuna ukubukeka ngaleyo ndlela, ngakho ngolunye usuku ekuseni lapho emi phezu kwepulangwe ngambuza: “Usontaphi?”
Lapho ngithola ukuthi wayengomunye woFakazi BakaJehova, ngamhlohla inqwaba yemibuzo kusukela ekuseni lapho efika emsebenzini kuze kube yilapho ehamba ntambama ekhathele. Futhi wakwazi ukuyiphendula yonke. Ngaqala ukutadisha ubusuku nemini, futhi iBhayibheli laqala ukuba nengqondo. Njengoba ngangichichima injabulo, ngasamukela isifundo seBhayibheli somkhaya wonke. Kwakuyisikhathi esijabulisa kakhulu ekuphileni kwethu ngenxa yokujatshuliswa ukwazi ukuthi sasithole iqiniso.
Sakhuculula yonke imfucumfucu—izinto ezazisezingqondweni zethu nezimpahla esasinazo ezihlobene nokukhulekela izithombe. Sakhipha izikhwama ezigcwele endlini sayozilahla endaweni yemfucumfucu. Ngokushesha izingane zami zacelwa ngomusa ukuba zishiye ezikoleni zamaKatolika. Ukufakaza kwazo ngoJehova kwakungathandeki.
Ubunye Ekukhulekeleni Kweqiniso
Thina sobane manje singoFakazi ababhapathiziwe. UJustin noBianca sebeqedile esikoleni futhi bakhonza enkonzweni yesikhathi esigcwele njengamaphayona. UVictoria uneminyaka engu-16 futhi usafunda. Futhi lona unyaka wesithupha ngiphayona.
Sahlala iminyaka eyisithupha ebandleni laseBrisbane, lapho ngasiza khona abesifazane abathandekayo ababili asebekhulile ngokushesha abanikezela ukuphila kwabo kuJehova uNkulunkulu. Ngo-1994 sathuthela endaweni eyayinendingeko enkudlwana yabamemezeli boMbuso. Manje sikhonza edolobhaneni lasemaphandleni okuthiwa iCharleville ngaseningizimu-ntshonalanga yeQueensland. Insimu esishumayela kuyo ihlanganisa indawo enkulu, ecishe ibe ngangesiqhingi sezwe lase-Australia iTasmania ngobukhulu!
Uma ngibheka emuva ebuntwaneni nasekuqeqeshweni kwami, ngiye ngaqaphela indlela ukuqeqeshwa okwangizuzisa ngayo. Kuye kwangisiza ukuba ngisebenzise izimiso zeBhayibheli futhi ngenze izinguquko ezidingekayo ekuphileni. Ngempela, ukuqeqeshwa uJehova manje kulethela mina nomkhaya wami othandekayo injabulo yangempela nethemba lezibusiso ezingapheli.—IzAga 6:23; 15:33.—Njengoba ilandiswa uSue Burke.
[Isithombe ekhasini 21]
Nginezingane zami ezintathu