Izenzo Zobubi ZobuNazi Ziyadalulwa
NGAWO-1920, njengoba iJalimane yayizabalazela ukusimama ngemva kokunqotshwa kwayo eMpini Yezwe I, oFakazi BakaJehova babematasa besakaza inani elikhulu lezincwadi zeBhayibheli. Lokhu akuzange kunikeze abantu baseJalimane induduzo nethemba nje kuphela kodwa kwabaxwayisa ngombuso wezempi owawuvela. Phakathi kuka-1919 no-1933, oFakazi bashiya isilinganiso sezincwadi, izincwajana, noma omagazini abangu-8 emkhayeni ngamunye kwengaba izigidi ezingu-15 eJalimane.
Omagazini i-Golden Age ne-Consolation babevame ukudonsela ukunakekela ezenzakalweni zempi eJalimane. Ngo-1929, eminyakeni engaphezu kwemithathu ngaphambi kokuba uHitler abuse, i-Golden Age yesiJalimane ngesibindi yathi: “I-National Socialism . . . iyinhlangano esebenzela . . . ngokuqondile izithakazelo zesitha somuntu, uDeveli.”
Ngaphambi nje kokuba uHitler abuse, i-Golden Age ka-January 4, 1933, yathi: “Sekuba nokuvelela okusongelayo kwenhlangano ye-National Socialism. Kubonakala kungakholeki ukuthi inhlangano yezombangazwe eyaba nesiqalo esiphansi kangaka, enezinkambiso ezingavamile, eminyakeni embalwa nje ingaba nkulu isithibeze ukuma kukahulumeni wezwe. Kodwa u-Adolf Hitler nenhlangano yakhe eshisekela ubuzwe (amaNazi) baye bafinyelela lesi simangaliso.”
Isikhalo Esicela Ukuqonda
UHitler waba undunankulu waseJalimane ngo-January 30, 1933, futhi ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngo-April 4, 1933, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMagdeburg lathunjwa. Nokho, lomyalo wahoxiswa ngo-April 28, 1933, futhi lesi sakhiwo sabuyiswa. Yini eyayizokwenzeka ngokulandelayo?
Naphezu kobutha obusobala bombuso kaHitler, oFakazi BakaJehova bahlela umhlangano eBerlin, eJalimane, ngo-June 25, 1933. Kwabuthana abantu abangaba ngu-7 000. LaboFakazi bazicacisa obala izinhloso zabo: “Inhlangano yethu ayihilelekile kwezombangazwe nganoma iyiphi indlela. Simane sifuna ukufundisa abantu iZwi likaJehova uNkulunkulu, futhi lokho sikwenze ngaphandle kokuthikamezeka.”
Ngaleyo ndlela oFakazi BakaJehova benza umzamo oqotho wokuveza ukuma kwabo. Yaba yini imiphumela?
Ukuhlasela Kuyaqala
Ukuma koFakazi okuqinile kokungathathi hlangothi, kanye nobuqotho babo eMbusweni kaNkulunkulu, kwakungamukeleki kuhulumeni kaHitler. AmaNazi ayengazimisele ukubekezelela noma yikuphi ukwenqaba ukusekela imibono yawo.
Ngokushesha ngemva kokuphela komhlangano waseBerlin, amaNazi aphinde athumba ihhovisi legatsha eMagdeburg, ngo-June 28, 1933. Ahlakaza imihlangano yoFakazi futhi ababopha. Ngokushesha oFakazi baqala ukuxoshwa emisebenzini. Izindlu zabo zaphenywa, bashaywa, futhi baboshwa. Ekuqaleni kuka-1934 amaNazi ayesethumbe amathani angu-65 ezincwadi zeBhayibheli koFakazi futhi azishisa ngaphandle kwaseMagdeburg.
Ukuma Okuqinile KoFakazi
Naphezu kwalokhu kuhlaselwa kokuqala, oFakazi BakaJehova bama beqinile futhi bakulahla obala lokhu kucindezelwa nokungabi nabulungisa. INqabayokulinda yesiNgisi ka-November 1, 1933, yayinesihloko esithi “Ningabesabi.” Yayilungiselelwe ngokukhethekile oFakazi baseJalimane, ibanxusa ukuba babe nesibindi lapho bebhekene nokucindezela okukhulayo.
Ngo-February 9, 1934, uJ. F. Rutherford, umongameli we-Watch Tower Society, wathumela incwadi yesikhalazo kuHitler ethi: “Ungase uphumelele ekumelaneni nabo bonke abantu, kodwa ngeke uphumelele ekumelaneni noJehova uNkulunkulu. . . . Egameni likaJehova uNkulunkulu neNkosi yaKhe egcotshiwe, uKristu Jesu, ngithi nikeza zonke izikhulu nezinceku zikahulumeni wakho umyalo wokuba ofakazi bakaJehova eJalimane bavunyelwe ukuhlangana ngokuthula futhi bakhonze uNkulunkulu ngaphandle kokuthikanyezwa.”
URutherford wabeka u-March 24, 1934, njengosuku lwamanqamu. Wathi uma oFakazi baseJalimane bengakhululwa kuze kube yileso sikhathi, amaqiniso aphathelene nalolu shushiso ayezosakazwa kulo lonke elaseJalimane nasemhlabeni wonke. AmaNazi asabela emfunweni kaRutherford ngokuxhaphaza okwengeziwe, efaka oFakazi BakaJehova abaningi emakamu okuhlushwa ayesanda kumiswa. Ngakho, babephakathi kwabantu bokuqala abavalelwa kulamakamu.
OFakazi Badalula Izenzo Zonya ZamaNazi
Njengoba oFakazi BakaJehova babethembisile, baqala ukudalula izenzo zonya ezazenzeka eJalimane. OFakazi kuyo yonke imbulunga bathumela ngokuphindaphindiwe izikhalo kuhulumeni kaHitler.
Ngo-October 7, 1934, wonke amabandla oFakazi BakaJehova eJalimane ahlangana ukuze ezwe ukufundwa kwencwadi eyayithunyelwa ezikhulwini zikahulumeni kaHitler. Yayithi: “Umthetho wenu ushayisana ngokuqondile nomthetho kaNkulunkulu . . . Ngakho-ke ngalokhu sinazisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani siyolalela imiyalo kaNkulunkulu, sizohlangana ndawonye ukuze sitadishe iZwi laKhe, futhi sizomkhulekela futhi simkhonze njengoba eyalile.”
Ngalolo suku, oFakazi BakaJehova kwamanye amazwe angu-49 baba nomhlangano okhethekile futhi bathumela ucingo olulandelayo kuHitler: “Ukuphatha kwakho kabi ofakazi bakaJehova kushaqisa bonke abantu abalungile emhlabeni futhi kuhlazisa igama likaNkulunkulu. Yeka ukuqhubeka ushushisa ofakazi bakaJehova; kungenjalo uNkulunkulu uzokubhubhisa nenhlangano yakho yobuzwe.”
AmaNazi asabela cishe ngaso leso sikhathi ngokwandisa ushushiso lwawo. UHitler ngokwakhe wamemezela: “Leli qenjana lizobhujiswa eJalimane!” Kodwa njengoba ukuphikisa kwakwanda, nokuzimisela koFakazi kwakuqina.
Ngo-1935, i-Golden Age yadalula izindlela zokuhlukumeza zombuso wamaNazi ezinjengezokuQulwa Kwamacala Ezihlubuki nesimiso sawo sezinhloli. Yembula nokuthi kwakuyinhloso yenhlangano i-Hitler Youth ukuqeda ukukholelwa kuNkulunkulu entsheni yaseJalimane. Ngonyaka owalandela, umkhankaso wezwe lonke wamaGestapo waphumela ekuboshweni kwezinkulungwane zoFakazi. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngo-December 12, 1936, oFakazi basabela ngomkhankaso wabo siqu, besakaza kulo lonke elaseJalimane amashumi ezinkulungwane zamakhophi ezwi lesinqumo elalimelene nokushushiswa koFakazi BakaJehova.
Ngo-June 20, 1937, oFakazi ababesakhululekile basakaza esinye isigijimi esasiveza imininingwane ngalolu shushiso. Saveza amagama ezikhulu futhi sakhomba izinsuku nezindawo. AmaGestapo ashaqeka ngalokhu kudalulwa nangekhono loFakazi lokukufeza.
Ukuthanda umakhelwane yikhona okwashukumisa oFakazi ukuba baxwayise abantu baseJalimane ukuba bangakhohliswa umbono omangalisayo wokubusa okukhazimulayo kweminyaka eyinkulungwane kweThird Reich. “Kumelwe sikhulume iqiniso futhi sinikeze isixwayiso,” kusho incwajana ethi Face the Facts, eyanyatheliswa ngo-1938. “Siqaphela lohulumeni wobushiqela . . . njengomkhiqizo kaSathane obekwe esikhundleni sombuso kaNkulunkulu.” OFakazi BakaJehova babephakathi kwezisulu zokuqala zokuxhashazwa amaNazi, kodwa futhi babemelene ngokusobala nezenzo zonya kumaJuda, abasePoland, abakhubazekile, nabanye.
Izwi lesinqumo elithi “Isixwayiso!,” elamukelwa emhlanganweni wango-1938 woFakazi BakaJehova eSeattle, eWashington, e-U.S.A., lathi: “AmaFascist namaNazi, izinhlangano ezishisekela ezombangazwe, aye alawula ngokungafanele amazwe amaningi aseYurophu . . . Bonke abantu bazobuswa ngendluzula, baphucwe yonke inkululeko yabo, futhi bonke bayophoqeleka ukuba bathobele ukubusa kukamashiqela ononya futhi ngaleyo ndlela ukuQulwa Kwamacala Ezihlubuki kwasendulo kuyovuselelwa ngokuphelele.”
URutherford wayesebenzisa umsakazo njalo, enikeza izinkulumo ezivuth’ uphondo ngobuNazi obunobusathane. Lezi zinkulumo zaphinde zasakazwa embulungeni yonke futhi zanyatheliswa ngezigidi ukuze zisakazwe. Ngo-October 2, 1938, wanikeza inkulumo ethi “UbuFascist Noma Inkululeko,” alahla kuyo uHitler ngokungagunci.
URutherford wamemezela: “Abantu baseJalimane abavamile bathanda ukuthula. UDeveli uye wabeka ummeleli wakhe uHitler emandleni, indoda engenangqondo, enonya, eyingozi futhi engenazwela . . . Ngonya ushushisa amaJuda ngoba ayengabantu bakaJehova besivumelwano futhi ayephethe igama likaJehova, nangenxa yokuthi uKristu Jesu wayengumJuda.”
Njengoba ulaka lwamaNazi koFakazi BakaJehova lwalukhula, izenzo zokudalula zoFakazi zahlaba ngisho nakakhulu. I-Consolation ka-May 15, 1940, yathi: “UHitler uyingane kaDeveli ngokuphelele kangangokuthi lezi zinkulumo nezinqumo ziphuma kuye njengamanzi epayipini lendle elakhiwe kahle.”
Izenzo Ezisabekayo Zasemakamu Ziyadalulwa
Nakuba iningi lomphakathi lalingazi lutho ngokuba khona kwamakamu okuhlushwa kwaze kwaba ngo-1945, izincazelo zawo eziningiliziwe zazivame ukukhishwa ezincwadini ze-Watch Tower ngawo-1930. Ngokwesibonelo, ngo-1937, i-Consolation yalandisa ngokuhlolwa kobuthi begesi eDachau. Ngo-1940, izincwadi zoFakazi zase ziveze amagama amakamu angu-20 ahlukahlukene futhi zase zibike ngezimo zawo ezihlasimulisayo.
Kungani oFakazi BakaJehova babewazi kahle kangaka amakamu okuhlushwa? Lapho kuqala iMpi Yezwe II ngo-1939, kwase kunoFakazi abangu-6 000 kakade ababevalelwe emakamu nasemajele. Isazi-mlando esingumJalimane uDetlef Garbe silinganisela ukuthi ngaleso sikhathi oFakazi babakha amaphesenti aphakathi kwamahlanu nayishumi engqikithi yabantu ababesemakamu!
Engqungqutheleni ephathelene noFakazi nokuQothulwa Kwesizwe, uGarbe wathi: “Kubantu abangu-25 000 abavuma ukuthi babengoFakazi BakaJehova ekuqaleni kweThird Reich, abangaba ngu-10 000 babegwetshwe izikhathi ezingalingani. Kulaba, abangaphezu kuka-2 000 bavalelwa emakamu okuhlushwa. Lokhu kusho ukuthi oFakazi BakaJehova, ngaphandle kwamaJuda, kwakuyibona ababeshushiswa kakhulu ama-SS kunawo wonke amaqembu enkolo.”
Ngo-June 1940, i-Consolation yathi: “KwakunamaJuda angu-3 500 000 ePoland lapho iJalimane iqala i-Blitzkrieg yayo . . . , futhi uma imibiko efinyelela eNtshonalanga inembile ukubhujiswa kwawo kubonakala kuqhubeka.” Ngo-1943, i-Consolation yaphawula: “Izizwe eziphelele njengamaGreki, abasePoland namaSerb zibulawa ngokuhleliwe.” Ngo-1946, i-Golden Age ne-Consolation zase ziveze amajele namakamu okuhlushwa angu-60 ahlukahlukene.
AmaNazi Akhungathekiswa OFakazi
Nakuba amaNazi azama ukunqanda ukusakazwa kwezincwadi ze-Watch Tower, isikhulu esithile saseBerlin savuma: “Kunzima ukuthola izindawo ezifihlekile eJalimane lapho kusanyatheliswa khona izincwadi zabaFundi BeBhayibheli; akekho noyedwa ophatha amagama noma amakheli futhi akekho noyedwa okhaphela omunye.”
Naphezu kwemizamo yawo yentshiseko, amaGestapo awakwazanga ukubamba ngaphezu kwengxenye yengqikithi yoFakazi baseJalimane nganoma isiphi isikhathi. Cabanga ngokukhungatheka kwesimiso esiyinkimbinkimbi sezinhloli samaNazi—sehluleka ukubamba futhi sithulise leli butho elincane noma sinqande ukusakazwa kwezincwadi. Lezi zincwadi zafinyelela emigwaqweni futhi zaze zangena nasemakamu okuhlushwa naphezu kokubiyelwa ngezingcingo ezinameva!
Ukunqoba Ubuqaba
AmaNazi, ayebhekwa njengezingcweti zokuphula ukuzimisela komuntu, azama ngamandla ukwenza oFakazi BakaJehova baphule ukungathathi-hlangothi kwabo kobuKristu, kodwa ahluleka ngokudabukisayo. Incwadi ethi The Theory and Practice of Hell yathi: “Lapho ecabangisisa, umuntu akanakuphika ukuthi ama-SS ayengenakumelana neze nenselele ayibekelwa oFakazi BakaJehova.”
Ngempela, oFakazi, besekelwa umoya kaNkulunkulu, bayinqoba lempi. Isazi-mlando uChristine King, ushansela waseStaffordshire University eNgilandi, sachaza ababemelene kulengxabano: “Abanye [amaNazi] babebaningi, benamandla, bebonakala bengenakunqotshwa. Kanti abanye [oFakazi] babeyidlanzana kakhulu . . . benokholo lwabo kuphela, bengenaso esinye isikhali . . . OFakazi BakaJehova bawanqoba ngokuphelele amandla alowo mbuso wamaGestapo.”
OFakazi BakaJehova babeyidlanzana elinokuthula endaweni ephethwe amaNazi. Nokho, balwa futhi banqoba impi ngendlela yabo—impi yelungelo lokukhulekela uNkulunkulu wabo, impi yokuthanda umakhelwane wabo, impi yokukhuluma iqiniso.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Ofakazi Badalula Ukuba Khona Kwamakamu
NAKUBA abantu abaningi babengawazi amagama athi Auschwitz, Buchenwald, Dachau, nelithi Sachsenhausen kwaze kwaba ngemva kweMpi Yezwe II, abafundi be-Golden Age ne-Consolation babewazi kahle kamhlophe. Imibiko yoFakazi BakaJehova, eyayikhishwa ngesinyenyela emakamu ngokuzidela okukhulu futhi inyatheliswa ezincwadini ze-Watch Tower, yadalula inhloso ebhubhisayo yeThird Reich.
Ngo-1933, i-Golden Age yanyathelisa umbiko wokuqala kweminingi ephathelene nokuba khona kwamakamu okuhlushwa eJalimane. Ngo-1938, oFakazi BakaJehova banyathelisa incwadi ethi Crusade Against Christianity, ngesiFulentshi, isiJalimane, nesiPolish. Ngokucophelela yabika ukuhlasela kwamaNazi okunonya oFakazi futhi yahlanganisa nemidwebo yamakamu okuhlushwa aseSachsenhausen nase-Esterwegen.
Umzuzi womklomelo kaNobel uDkt. Thomas Mann wabhala: “Ngiye ngafunda incwadi yenu nombiko wayo owesabisayo ngokuthinteka okukhulu. Angikwazi ukuchaza umuzwa odungekile wokunengeka nokwenyanya oye wagcwala enhliziyweni yami lapho ngifunda lemibiko yokululazwa kwabantu nonya olunyanyekayo. . . . Ukuthula bekuyomane kuqhubezele ukunganaki kwezwe . . . Niye nafeza isibopho senu ngokunyathelisa lencwadi nangokuveza lamaqiniso obala.”—Omalukeke sizenzele.
[Ibhokisi ekhasini 10]
Ofakazi Babephakathi Kwabokuqala Emakamu
UNKOSIKAZI Geneviève de Gaulle, umshana kaCharles de Gaulle owayengumongameli waseFrance, wayeyilungu le-French Resistance. Lapho ethunjwa futhi kamuva evalelwa ekamu lokuhlushwa laseRavensbrück ngo-1944, wahlangana noFakazi BakaJehova. Ngemva kweMpi Yezwe II, uNkosikazi de Gaulle wanikeza izinkulumo kulo lonke elaseSwitzerland futhi wayevame ukukhuluma ngobuqotho nesibindi soFakazi. Lapho kuxoxwa naye ngo-May 20, 1994, wathi ngabo:
“Babephakathi kwabokuqala abadingiselwa ekamu. Abaningi base befile kakade . . . Sasibabona ngebheji labo elihlukile. . . . Babenqatshelwe ngokuphelele ukukhuluma ngezinkolelo zabo noma ukuphatha noma yiziphi izincwadi ezingokwenkolo, ikakhulukazi iBhayibheli, elalibhekwa njengencwadi eyinhloko yokuvukela umbuso. . . . Ngazi othile [owayengomunye woFakazi BakaJehova], futhi ngatshelwa ukuthi babekhona nabanye, owabulawa ngenxa yokuba namakhasi ambalwa eBhayibheli. . . .
“Okwakungihlaba umxhwele kakhulu ngabo ukuthi babengase bakhululwe noma nini ngokusayina nje iphepha eliphika ukholo lwabo. Ekugcineni, laba besifazane, ababebonakala bebuthaka kakhulu futhi betubekile, babenamandla kunama-SS, ayenamandla nazo zonke izindlela ayengazisebenzisa. [OFakazi BakaJehova] babenamandla, futhi akekho owayenganqoba ukuzimisela kwabo okuqinile.”
[Ibhokisi ekhasini 11]
Ukuziphatha Kofakazi Emakamu
NGENXA yokuthanda umakhelwane—ababevalelwe naye esitokisini, ezinkomponi, ekamu—oFakazi abazange bahlanganyele kuphela ukudla kwabo okungokomoya kodwa nanoma ikuphi ukudla okungokwenyama ababenakho.
UmJuda othile owasinda ekamu lokuhlushwa laseBuchenwald wachaza: “Lapho ngahlangana nama-Bibelforscher. Ayefakazela izinkolelo zawo njalo. Eqinisweni, akukho okwakungawayekisa ukukhuluma ngoNkulunkulu wawo. Ayewusizo kakhulu kwezinye iziboshwa. Lapho amaJuda amaningi ebuthelwa ukuyobulawa ekamu ngo-November 10, 1938, ama-‘Jehovah’s schwein’, njengoba onogada babewabiza kanjalo, ayeyisa isinkwa sawo kumaJuda asekhulile nalambile, wona ahlale engenakudla izinsuku ezingaba zine.”
Ngokufanayo, owesifazane ongumJuda owayevalelwe ekamu laseLichtenburg wathi ngoFakazi: “Babengabantu abanesibindi, ababekhuthazelela isimo sabo ngesineke. Nakuba iziboshwa zabezizwe zazingavunyelwe ukuxoxa nathi, laba besifazane abazange bawugcine lowo myalo. Babesithandazela njengokungathi singabomkhaya wabo, futhi besincenga ukuba singadangali.”
[Ibhokisi ekhasini 12]
Imizamo Yokuphika Ukuqothulwa Kwesizwe Yabikezelwa
KUMAGAZINI wayo ka-September 26, 1945, i-Consolation yaphawula ukuthi kungase kwenziwe imizamo esikhathini esizayo yokubukeza umlando futhi kuphikwe okwakwenzekile. Isihloko esithi “Ingabe UbuNazi Bubhujisiwe?” sathi:
“Abasakazi benkulumo-ze bacabanga ukuthi abantu basheshe bakhohlwe. Kuyinhloso yabo ukusula umlando wesikhathi esidlule, baziveze njengokungathi bangabazuzisi bomphakathi banamuhla, bafihle umlando wabo obathwesa icala.”
Lomagazini wanikeza lesi sixwayiso esinengqondo: “Kuze kube yilapho uJehova elwa e-Armagedoni, ubuNazi buyohlale bukhumbuleka njengento embi.”
[Imidwebo ekhasini 11]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Lemidwebo yamakamu okuhlushwa yakhishwa ezincwadini zoFakazi ngo-1937
[Isithombe ekhasini 7]
Izisebenzi ezingu-150 zasehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMagdeburg ngo-1931
[Izithombe ekhasini 8]
Izincwadi zoFakazi BakaJehova zadalula ukubambisana kwesonto nobuNazi